Covi 198:

 ISESHINI  YESIHLANU
UMHLANGANO WOKUQALA	:	 OJWAYELEKILE	 : 17, 18, 19, 20 KANYE NO 26 KUNDASA
UMQULU 1

 vol 198:

MnumzaneT D NTOMBELA: ( WHIP ):  Ngiyabonga Baba Somlomo, neNdlu yakho ehloniphekile.  Ngisathuthumela namanje ngishawa uvalo ngenkulumo eyethulwe uzakwethu lapha  u-Konigkramer .  Wangikhumbuza olunye usuku kulonyaka ophelile mhla  kuse-Bulwer  lapho engabona khona uMhlonishwa uKhabazela, uMkhize ephethe isibhamu ngesandla.  Engabuza  ePhalamende  ukuthi uphethe isibhamu nje uzodubula bani?

Mnumzane T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Kuyavuka lokho kimina ukuthi kukhona okusetshenzwayo esingakuboni.  Khona lapho Baba Somlomo, okwavela ukuthi  imoto  eyayihamba uMhlonishwa yadutshulwa.  Namhlanje amaqiniso asevele ukuthi akukho  moto  eyadutshulwa yadutshulwa ibona, ekhona uMhlonishwa uKhabazela, beyidubula bona  imoto  base bethi bebedutshulwa amalunga  e-IFP .

Baba Somlomo, kuliqiniso kunesikhathi eside befa abantu bebulawa la eNingizimu  Afrika  ikakhulukazi la KwaZulu- Natali .  Iningi inkulumo eyayikhulunywa iqhamuka ngale kozakwethu  be-ANC  bethi abantu abaphehla udlame  i-IFP .

Baba Somlomo,  ibhayibheli  lithi; "Ayikho into eyobasemfihlakalweni kuze kube ingunaphakade".  Yonke into iyohlala obala ithi bha kuhle okwempahla yembuzi. Namhlanje asevele amaqiniso Baba Somlomo. [UHLEKO]
 [ikhasi 76 kumugqa 27 ukuya ikhasi 77 umugqa 3]

Mnumzane T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Baba Somlomo, uma ngithi iqiniso liyohlala livele obala ngisho ukuthi  uHulumeni  we-ANC  Ndabezitha, wenze amaqhinga washaya umthetho wokuthi noma ungabulala abantu abantu abawu 5 000 ngeke uze unqunywe.  Noma ungadlwengula abantu abangu 5 000 ngeke uze unqunywe ngoba yazi ukuthi ifuye izigebengu zakhe ezenza lezinto.

Umbuzo namhlanje uthi lobugebengu obungaka osebehlula udlame oluke lasuka ngo-1983 kuze kuzoba inamhlanje, yini namhlanje ubugebengu bube ngaphezu kodlame.  Udlame alusekho Baba Somlomo, into esikhona ubugebengu.   Ubani lo obamba inkunzi mihla namalanga, labobantu ababamba inkunzi abayibambi ngoba bazi ukuthi uyise uthi noma bangabamba inkunzi kathathu ngelanga ngeke baze banqunywe.

Bakwenza lokho ngeqholo lokuthi batsheliwe ukuthi noma ningenzani ngeke nize ninqunywe.  Intambo ayibuye.  Baba Somlomo, uma usubuya uza  kwiKhomishini ,  leKhomishini  okuthiwa kuhlanzwa amaqiniso ngiyamangala ukuthi hlobo luni  lukaHulumeni  ongabiza amanye amaqembu ukuthi abahambe bayohlanza amaqiniso lapha  kwiKhomishini .

Bese kuzothi uma  kungabe-ANC  bangayi kohlanza amaqiniso kukhulunyelwe lapha ngasese kuthiwe sebethole ushwele.  Ilumbo leli Baba Somlomo, okufanele kubhekwe ukuthi  loHulumeni  yena uwuhlobo luni.

Ngoba  abe-National   Party  uma bekhuluma bethi udaba labo aluyiswe  enkantolo , mina  David  Ntombela ngithi ngihamba nabo ukuthi abaye  enkantolo  bayohlanza amaqiniso abantu  be-ANC .  Ngoba kunjenje-nje lonke izwe udlame ludalwe  ukhongolose , lolu oseluthathwe lubekwe kuthiwe amanye amaqembu anodlame.
 [ikhasi 77 umugqa 30 ukuya ikhasi 78 umugqa 6]

Mnumzane T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Baba Somlomo, ngiyabonga.  Ngidabuka kakhulu uma sizoya okhethweni ngo-1999 kusekhona izindaba ezifihliwe ezenziwa  ukhongolose .  Laphaya kukhulunywa ukuthi amalunga  e-IFP  afa abulalana wodwa.  Ngiyamangala ukuthi kaDambuza ubani obebulala amalunga  e-ANC , kungabe amalunga  e-IFP  abebulala abantu kaDambuza?

Kufuneka basho abantu  be-ANC  ukuthi babulawe ubani, bebadubula ngani.  Baba Somlomo, bheka  e-Richmond  uthe uSifiso uzakwethu  u-Konigkramer  emhlasela  ePhalamende  wayevikela yibo o-JJ uMhlonishwa u-JJ ilunga elihloniphekile nabanye  be-ANC  bethi umsulwa uSifiso.
 [ikhasi 78 umugqa 28 ukuya ikhasi 79 umugqa 1]

Mnumzane T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Namhlanje uma uSifiso inja isiluma umnikazi wayo sebegijima kuqala bathi uSifiso akayoboshwa, inja isiluma umnikazi wayo manje.  Manje sebelahla uSifiso iqiniso liyahlala lisobala.   loHulumeni ka-ANC  awukho iphelile indaba  ye-ANC .  Ngiyathokoza.  [UHLEKO]
 [ikhasi 79 umugqa 5 ukuya ikhasi 79 umugqa 9]

Mnumzane V V MVELASE:  Ngiyabonga Somlomo Baba, ngoba bengithukuthele kabi impela ukuthi kuthiwa ngowakaMazibuko kanti nginguMthembu kaNgosi. [UHLEKO]
 [ikhasi 134 umugqa 40 ukuya ikhasi 134 umugqa 7]

mfundisi C J MTETWA: ( Minister of Public Works ) Phini likaSomlomo Baba, neNdlu ehloniphekile.  Ake ngithathe lelithuba lokuhalalisela, nokudumisa  ku-Premier  ngenkulumo yakhe esezingeni eliphakeme, esibeke endaweni engikholwa ukuthi isibeke endaweni efanele isifunda.

Nokho Somlomo neNdlu yakho, ngifisa ukuphawula nje kafushane okuningi sekushiwo noma kungefane ngempela.  Ngizophawula lapha esigabeni lesi sesibili ekhasini lesishiyagalolunye lapho uNdunankulu ekhulume khona ngokuthi; "Olunye uhlangothi olumqoka kakhulu olubhekene nesifunda sethu kanye nezwe lonke elobugebengu, ukuphepha, nokuvikeleka".  Ngivale ukucaphuna.

Ngifisa nokho Somlomo, neNdlu ehloniphekile ukuba sibhekisise.  Ngicabanga ukuthi sifanele sibhekisise kakhulu manje izimbangela noma imbangela yalesisimo sobugebengu osebukhona ezweni lakithi.  Obukhula ngamandla nsukuzonke, kangangokuthi sekulukhuni ukusho ukuthi into ewumthetho isakhona kulelizwe.

Kodwa ngithi akumangalisi Somlomo, uma sibona lesisimo noma simbonga kakhulu uSomandla ngokusizwela emithandazweni yethu, nemizamo yethu maqondana nodlame okuyilona lwaba isizinda esikhulu sokwandisa izigebengu.  Ngicabanga ukuthi eyonambangela enkulu kwelinye nelinye izwe elikhona phansi komthunzi welanga uma ubuhlobo banoma imuphi umbuso, ubuhlobo bungebuhle phakathi kombuso noNkulunkulu ububi bubakhona.  Uma umbuso wezwe unjalo kuvamisa ukuthi bungabikho ubulungiswa ngenxa yobubi osuke bukhona emehlweni kaMdali, uMvelingqangi.

Zikhona izinkomba ezisho lokhu ukuthi nathi  uHulumeni  wethu akanakho ubuhlobo obuhle noNkulunkulu.  Ngakhoke uNkulunkulu izwi lesiqalekiso uyalehlisela kulelozwe.  Izizathu zami ilezi ningathi mhlawumbe nginikhuluma kabi, nami ngenxa yenu  siwuHulumeni `.

Kodwa okufanele sikubheke ukuthi lokhu kuthi uNkulunkulu uma esinike ithuba lokuba sihambe phambi kwabantu kusho enye indaba.  Izizathu zami ilezi  uHulumeni  uma eshaya imithetho efana nale eshaywa  uHulumeni  wethu njengomthetho wokukhishwa kwezisu, umthetho wokuvumela ukuganana kwabantu bobulili obufanayo (ongqingili).  Ukuvumela umkhuba wokuthengiswa kwemizimba abesifazane nokunye nokunye kanye nomthetho ovimbela ukuqondiswa kwezingane ngoswazi emakhaya  nasezikoleni .  Konke lokhu  uHulumeni  uma enjalo akanabo ubuhlobo noNkulunkulu.

Ingozi enkulu sike sicabange ukuthi sinamandla thina noma mhlawumbe izwe singalithulisa  ng amaphoyisa   enkulu ingozi leyo.  Ngoba uNkulunkulu ubheka ukuthi izwe liphethwe kanjani, nokuthi abantu abanike ilungelo lokuphatha ngalesosikhathi baphethe kanjani na?

Ngakho-ke ubugebengu buyoya bukhula  ubuHulumeni  lobu obubusa ngamaqembu obungenabo ukuthula neqiniso.  Okuphikiswana noma kungafanele, kuchitheke   izimali   nesikhathi kufane nabantu abadlala umdlalo.  Omunye uyamba, omunye uyagqiba, omunye umba umgwaqo, omunye uyagqiba ngemuva.

Manjeke lenhlobo yombuso yakwagqoka khumula. [UHLEKO]  Ehe umbuso wakagqoka khumula lo, ukuthi bebethe kugqokwa namhlanje, kusasa bathi khumula, manje into engathembekile.

Lokhu ngicabanga ukuthi Somlomo, kuyadinga sicabangisise ukuthi  sikhuluma ngokuthula, sikhuluma ngokuthuthuka.  Uma ulalela abantu sonke sithi sifuna ukuthula, uthi uma ulalela sikhuluma kodwa uze uthi awu! lomuntu ufuna ukuthula kodwa ubhodla umlilo.  Awaphumi amanzi abandayo nashisayo emthonjeni owodwa.

Izwe liyoba nokuthula uma umbuso unokuthula.  Ngikholwa ukuthi lapha kulesisakithi isifunda  KwaZulu-Natali  ukuba sasingahlehlanga ezingeni elalihleliwe  uHulumeni  waKwaZulu ebonisana nosozimboni balelizwe, izizinda zokuya phambili zasezihleliwe okuyilezi kwahlanganwa kwaphuma lapho imobona kwi-Buthelezi  Commission .  Kwaphuma imibona kwiKwaZulu Indaba kanye  ne-Joint Services Board , kodwa okwathi ukuba kuthathwe  uHulumeni  kanxantathu ezinye izinto zaphenduleka.

Okuthokozisayo nokho Somlomo, ukuthi amaqembu onke ezombusazwe kuleli loMzansi  Afrika  noma ayengakholelwa emgomeni  we-IFP  ekugcineni iwona obusa lelizwe.  Ngalezizathu, kuyanikeza ithemba lokuthi ekugcineni lelizwe liyophumelela ukuba nokuthula, nokuthuthuka ngoba libambelele emgomeni oyiwona lelizwe elingasimama ngawo wokuxoxisana.  Zonke izinto zixoxiswane ziboniswane  etafuleni .

Loluhlelo ngicabanga ukuthi kwakuyiyonangqala-sizinda lapho ukuthula nentuthuko nomnotho nokunethezeka  kungakhelwa phezu kwakho.  Ngokufushane nje Somlomo, ngithe ngoba ngizokhuluma ngoNkulunkulu ngingumuntu wasesontweni, mhlawumbe aningizwa ukuthi ngithini.
 [ikhasi 152 umugqa 10 ukuya ikhasi 154 umugqa 22]

mfundisi C J MTETWA: ( Minister of Public Works ) Ngiyabonga Baba.  Nimukeliswe  amabhayibheli  nonke izolo.  Ngase ngithi angikubeke lokhu engikhuluma ngakho ukuze nikufunde ningasho ukuthi bengikhuluma nje.

Encwadini  ka-Eksodusi  21  verse  22 ithi; 
	"Nxa abantu bexabane belimaze umfazi okhulelweyo siphume isisu sakhe, kungaveli ngozi, kodwa bayohlawuliswa impela njengokubiza kwendoda yomfazi kuye akhokhe njengokunquma abathetha amacala".

 Isaya  9  verse  16;
	"Ngokuba abaholi balababantu bayabaphambukisa nabaholwa yibo babhujiswe".

 Lev . 18  verse  22;
	"Ungalali nowesilisa njengokulalwa nowesifazane kuyanengeka".

 Lev . 20  verse  13;
	"Uma indoda ilala nowesilisa njengokulalwa nowesifazane benze okunengekayo, bobabili ababulawe impela, igazi labo liyobuzwa phezu kwabo".

UNkulunkulu njalo osho lokho.

 is God who says these things ."   T/E 
[ikhasi 154  umugqa 26 ukuya ikhasi 155 umugqa 25]

Mnumzane S J GCABASHE:  Somlomo, ngiyalibonga lelithuba engilitholayo namhlanje lokuthi ngikwazi ukuthi ngiphendule kwinkulumo  ka-Premier .  Okokuqala ngizocela ukuthi ngibonge ukuzwa ukuthi  u-Premier  bekuyinkulumo yakhe yokuqala lena ekade eyithula lana namhlanje,  as a Premier  ikona ukuthi besilindene ukuthi ngize ngifike. [UHLEKO]

So, ngiyabonga ngoba ngiyazi ukuthi sisebenze kakhulu ndawonye ngemumva kokuba sifakwe ngalena  e-Cape Town   ePhalamende  nokuthi sisebenze kakhulu  kule-Province ` kanye naye nabanye, abanye babengekho laba sebela.

Enkulumeni  u-Premier  ayithulile kunezinto ezimbalwa engithe angizi  nothe .  Ngizozama ukuthi ngikhulume ngazo kodwa ngifuna ukuthi kuqala kengibhekise kakhulu  kwi-National   Party .  Ngifuna ukuthi ngiyikhumbuze nje into encane uBaba uNtombela ngalena ngaphesheya uyazi ukuthi uMkhulu wayehlala esixoxela uBaba wakhe-ehe okamkhulu uMasiphula phela.  Esitshela ukuthi babehlushwa kanjani  amaBhunu   emaPlazini .  Bahlupheka kanjani ngaphansi kwejoka lobandlululo bejahwa kufunwa  amapasi .

Kwathi abanye noma izingane zabo sezisebenza, namakhosikazi abo bona  o-National  Party  laba  no-DP  balale bona namakhosikazi abo ezindlini bathi obaba nomama bangavakashelani nathi singabavakasheli.   So , lemithetho ekhona manje  lama-bills  esikhuluma ngawo enilokhu nithi ayi  nonsense  azama  uku-adresa  leyontoke kanye ukuthi la fanele sifane.  Sonke kufanele sibene  dignity as human beings .

Ngiyaxolisa ngeke impela libuye lelolanga lokuthi nenze lezozinto la sikhona, ngiyaxolisa sezadlula lezonsuku  sorry, gone are those days .
[ikhasi 155 umugqa 36 ukuya ikhasi 156 umugqa 29]

Mnumzane J D MKHWANAZI: Eyi Baba Somlomo, bayahlupha abantu abafundile futhi bayahlupha abantu abakhuluma  ipolitiki  nje namzukwane ingafanele.  Nami ngizibona ngisenkingeni ekuthenini  i-bill  siyivumile sonke ukuthi  le-bill 
 [ikhasi 167 umugqa 18 ukuya ikhasi 167 umugqa 22]

 Covi 298:

 ISESHINI  YESIHLANU

UMHLANGANO WESIBILI	:	 OJWAYELEKILE	 : 13, 14, 15 NO 18 KUNHLABA 1998

UMQULU 2


 vol 298:

[isikhulumi?] Abakhuluma iSizulu bayangizwa ukuthi ngithini, ukuthi akufanelanga sishise indlu yakwethu senzele khona siyolala komunye umuzi.  Fanele siwucime umlilo layikhaya, uma kukhona umlilo ovuthayo asiwucime lomlilo silungise kahle ukuze izinto ziyephambili.
 [ikhasi 34 umugqa  25 ukuya ikhasi 34 umugqa 29]

Mnumzane D H MAKHAYE: Wena Somlomo  walePhalamende  sizwile ukukhala kukaMbomvu uNdunankulu ukuthi mhlawumbe  i-report  igijima phezulu, ukuthi mhlawumbe asikhulumi lutho ngombiko wokugamanxa konyaka.  Usitshelile ngezinto ezenziwe  i-ADTU .
 [ikhasi 42 umugqa 21 ukuya ikhasi 42 umugqa 25]

Mnumzane B H CELE: Angibonge Somlomo usuhleli ngaphambili.  Inhliziyo yami isivele yaba buhlungu ngoba umfowethu  u-Aulsebrook  ukhulume kakhulu lapha ngezindaba  ze-National , ngiyethemba bazongisa  e-Cape Town  ngonyaka ozayo.

Uthe esakhuluma kwaphuma uMnumzane  u-Schutte , la kanti bengisafuna ukukhuluma naye.  Ngoba kwaqala yena  u-Schutte  ngoba kwathi ngesikhathi kushintsha  u-Government  uMntwana waKwaPhindangene enguNgqongqoshe wezangaphakathi wangaba nalo ikhabethe lokubeka izinto zakhe zokufaka iziceke zaleyandoda.  [UHLEKO] Iziceke zagologo manje bengithi ngizombuza ukuthi kuzofanele ukuthi azilande mhlawumbe njengoba ekhuluma kanje sewazilanda ubeqedela zona, manje usaphumile.
 [ikhasi 76 umugqa 36 ukuya ikhasi 77 umugqa 11]

Mnumzane V V MVELASE:  Ngiyabonga Baba Somlomo, oNgqongqoshe abahloniphekile engihleli eduze kwabo namhlanje angazi kwenzenjani.

Ngisukuma bakithi nokungaphatheki kahle ngenxa  yale-budget  ekhona ukuthi kulonyaka futhi sizoba nenkinga yemali njengoba sike sabanayo nenkinga.
 [ikhasi 87 umugqa 26 ukuya ikhasi 87 umugqa 31]

Mnumzane T D NTOMBELA: ( WHIP ): Angibonge Sihlalo, noma ngikhuluma emva komuntu ebengimhlonipha ngithi uwuMfundisi.  Ngijabulile uma ngibona iphepha la lithi ngilandela yena kodwa sengiyaxakeka uma ekhuluma ilumbo ethi  uHulumeni  waKwaZulu lona ongasekho waqeda u-20 yeminyaka akazange enze lutho.

Kuyangixaka ukuthi uthe uma eqala ukuya Olundi walala phansi kwezihlahla yini, akalalanga yini  embhedeni , walala ocansini yini?  Ngoba ngicabanga ukuthi imfundiso yakhe uMfundisi uzakwethu uMohlomi ukuthi wayekade ebatshelile abantu ukuthi kungayiwa Olundi.  Wayekade ebatshelile abantu ukuthi ukuya kwabo Olundi bayobe beyothatha umbuso  kaHulumeni  waKwaZulu ngenganono, bahluleka abazange bakwenze lokho.

Mphathisihlalo, ngicabanga ukuthi loludaba esikhuluma ngalo, angibonge umholi wendlu ngendlela alibeke ngayo.  Ngoba kuzokhumbuleka ukuthi sikhuluma ngendaba yabantu  abanobuKrestu , sikhuluma ngendaba yabantu abamaziyo uNkulunkulu.

Kodwa kuba lukhuni Sihlalo, uma sokhuluma nomuntu ongamazi uNkulunkulu uma sikhuluma ngaloludaba.  Ngoba kuzokhumbuleka ukuthi iSizulu sithi; "Lana okwake kwama khona amanzi aphinde ame amanzi".

Kodwa uma bengicabanga abafowethu laba  bakaKhongolose  ngabe ibona esimi nabo ekugxekeni kokuthi singamakholwa sithi  akufidwe  izinkomo ezikhuluphele ziyekwe ezizacile.  Ngoba  nebhayibheli  lithi;  "Uma ufuyile ikhulu lemfuyo uma kulahleka eyodwa uyazishiya lezi ezinye uhambe uyofuna eyodwa".

Ngicabanga ukuthi Baba Sihlalo, ukuhlala  kwePhalamende  ezindaweni ezimbili ikona lokhu okunika inkinga yokuthi kuthiwe inkece ayikho.  Ngesikhathi kusabusa  uHulumeni  waKwaZulu oholwa uMntwana waKwaPhindangene owuMongameli weqembu  le-IFP  awukaze uzwe ukuthi inkece ayikho, awukaze uze uzwe kuthiwa kudilizwa  oThisha`, kodwa namhlanje kunelumbo elikhona lendlu engithi kufanele ukuba  kungama-Krestu .  Ukuba kuyacatshangwa ukuthi lokhu kuhleshulwa kwa  lemali i  enkulu kangaka kuthiwa kuzoqashwa  amabhilidi  eMgungundlovu, ekhona  amabhilidi  laphaya okungabe kuthuthukiswa wona, bese kuthiwa akuqashwe sonke lesizinda  sedolobha  bese azikahle Mphathisihlalo ukuthi abantu abaningi kakhulu la bathenjiswe izindlu, azikho izindlu.  Bathenjiswe imisebenzi, ayikho imisebenzi.  Bathenjiswe imfundo, ayikho imfundo, esikhundleni salokho kuthiwa kudilizwa  oThisha .  Wake wamuzwaphi  uHulumeni   njengoHulumeni  ethi kudilizwa ` oThisha .

Ubuphethe  uHulumeni   wamaBhunu , uMntwana waKwaPhindangene ubephethe  kuHulumeni  owawuholwa uye, awuzange ukuzwe kuthiwa  uHulumeni   wamaBhunu  wake wathi kudilizwa  oThisha , awuzange uzwe kuthiwa  uHulumeni  oholwa uMntwana kuthiwa kudilizwa  oThisha .

Manje indaba enkulu ila  ukhongolose  ukuthi  ukhongolose  athi ephethe izintambo ewompisholo agxeke ukuthi ikomkhulu kube soLundi, athi  akuzofidwa  izinkomo ezikhuluphele lezi  zamaBhunu  la eMgungundlovu.
 [ikhasi 145 umugqa 34 ukuya ikhasi 147 umugqa 16]

Isikhulumi[ Speaker ?] ngelinye ilanga, ngoba siyaya okhethweni.  Umbuzo womphakathi uthi; " ukhongolose  wenzeni"?   ukhongolose  ulungise indlela yokuba akuphele inzalo kuhushulwe izisu,  ukhongolose  lowo njalo.  Uyeki into ebalulekile ukuthi akayothuthukisa Ulundi.  Ulundi ilezinkomo ezizacile  ukhongolose   akakusaphothi  lokho.

Ngiyabanxusa Sihlalo, abafowethu laba abangaphesheya uma befuna lelizwe lethu eladliwa  amaBhunu  libuye ngokuthula abayeke lezinhliziyo zabo zokuthi bacabange ukuthi into eyenziwa uMntwana waKwaPhindangene kudinga bayigxeke abayiyeke.  Sinani emzabalazweni buyelani ngasekhaya silwe  noHulumeni   wamaBhunu .  Baba Sihlalo, ngicabanga ukuthi lokhu engikushoyo bazowubona umphumela ngo-1999.
 [ikhasi 147 umugqa 20 ukuya ikhasi 147 umugqa 34]

 THE CHAIRPERSON :  Ilunga seliphelelwe isikhathi. 

Mnumzane T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Baba angibonge siphele kabi isikhathi ngoba ngimdala akufanele ngilinganiswe nezingane, kufanele ukuthi mina nginikwe ithuba lokuthi ngitshele izingane ngizifundise indlela, nomthetho.  Ngiyathokoza
 [ikhasi 147 umgqa 37 ukuya ikhasi148 umugqa 5]

Mnumzane F DLAMINI:  Ngiyabonga Mphathisihlalo.  Ukuba benginesikhathi esiningi bengizophawula enkulumeni kaMhlonishwa uGandaganda, kodwa-ke mhlawumbe engingakusho kafuphi ukuthi ekugcineni uthe asibuyele ngasekhaya.  Ngabona sengathithi uMahlobo engathi uthanda ukuthi kancane ngoba ithini okufanele ukuba sithi ababuyele ekhaya wonke amadodana olahleko awabuyele ekhaya siyofika siwahlabele ithole elinonileyo.
 [ikhasi 151 umugqa 5 ukuya 11]

Mnumzane T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Ngiyabonga Baba Somlomo, noma sengishade naleyo mizuzuzu eyisikhombisa  seven   minites  akuselutho. Baba Somlomo njengoba sikhuluma nje sikhuluma ngokugcinwa komthetho nokuba kube khona umthetho kulesifundazwe sakithi KwaZulu.

Lapho kukhona khona Isilo SamaBandla esisihlonipha sonke. Lapho sazi sonke ukuthi ilapho inhlonipho iyisiphethu sakhona KwaZulu.  Nanxa kwabakhona izinhlangano njengabafowethu labaya ababephume umkhankaso wokuthi kungabikhona umthetho kulesifundazwe, kwadaleka enkulu inhlekelele le.

Okokuqala bazakhele  izinkantolo ` zabo zasehlathini, lapho kade bezigwebela khona abasolwa, babagwebe intambo, abanye bagwetshwe ukuba bashiswe ngomlilo.

Baba Somlomo, njengoba bezinqumele umthetho wabo nje ngoba kuyibona abadla umhlanganiso.  Njengoba kuyibona ababa  u-number   one ` ekuphatheni  uHulumeni  lo ohlanganise wonke amaqembu.  Okokuqala baphuma umkhankaso wokuba akuqedwe intambo njengoba ubugebengu bubukhulu kangaka nje.

Benzele ukuba kukhuseleke izigebengu zabo.  Namhlanje ngubani ongaphika ukuthi lelizwe alikaze libe nobugebengu obungaka ngisho kusaphethe  amaBhunu  uqobo lwawo.  Kuliqiniso Baba Somlomo, ukuthi mina njengomtomdala angisoze ngakhohlwa isihluku  amaBhunu  ayephethe ngaso.  Uma uke uvule umsakazo wakho, uvule umabonwakude  TV  ubuke amathambo angcwatshwe kuwona wonke umhlaba kwenziwa inkohlakalo  yamaBhunu  uHulumeni  owayebuswa  i-National .

Bakwethu ungacishe uyibulale  i-TV  yakho uma ubuka abantu bembiwa mihla namalanga ababebulawa ngoba bempisholo.  Okuke kungixakeke mina ukuthi ngempela ngempela uma sikhala simpisholo sonke bakhohlwa yini laba bafowethu  be-ANC  ukuthi baguquke bangahambisani nentando le ekade kuphethe ngayo  amaBhunu .

Namhlanje  uHulumeni   we-ANC  naye usefuna ukuphatha njengawo  amaBhunu .   uHulumeni   we-ANC  uthi akubulawe izingane ezisasesiswini, uthi amadoda awaganane, uthi abesifazane abaganane.
 [ikhasi 155 umugqa 25 ukuya ikhasi 156 umugqa 26]

Mnumzane T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Bakwethu kuyangihlupha ukuthi kungabe hloboluni  lukaHulumeni  ulidonselaphi lelizwe  loHulumeni   kaKhongolose .   uHulumeni  omdala Baba Somlomo, owawuholwa uMntwana uMongameli  weqembu  le-IFP ,

Inkeshezi yenkece iphuma  kuHulumeni   wamaBhunu  wazakha izindlu, wabakha  o-four room , Umlazi, uMashu nawowonke  amalokishi  ayeyakhiwa uMntwana wakwaPhindangene.

Uma  i-ANC  esengaphakathi wazigxeka izindlu ezazakhiwe uMongameli  we-IFP  watshela izwe ukuthi mhla kwaphatha yena akekho oyohlala kulezindlu bayohlala ezindlini ezinhle kakhulu, ezinkulu,  ezinogesi , ezinayoyonke into.

Baba Somlomo, ngabe zikhona yini izindlu kunalezi ezakhiwa uMntwana esezakhiwe  uHulumeni   we-ANC .  Angithi wakhe izindlu ezingaphansi ngisho kwezindlu ezincane lezi esihlala nazo emakhaya  ama-toilet .  Ziqubuke yonke indawo Baba Somlomo.
[ikhasi 156 umugqa 30 ukuya ikhasi 157 umugqa 10]

Mnumzane T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Ngibuye ngize laphaya Baba Somlomo, kwezemfundo.  Kubuhlungu uma sikhuluma ngemfundo  i-ANC  uyihlalele phansi lendaba yemfundo okokuqala uthe elungiselela ukuthi adilize  othisha   i-ANC  yathi bonke omame besifazane uma ezwa ukuthi kunoshobishobi esiswini udinga akuhushule akulahle laphaya.  Ukuze kungabikhona muntu ozoba nengane njengoba noNkulunkulu ethi, "Asizale sande sibe ngangesihlabathi solwandle".   I-ANC  iphikisa nalokho.  Angazi ubulungiswa bukhona yini lapho Baba Somlomo. 

 I-ANC  isetheke manje ngoba izingane azisekho ezisazozalwa ngoba ithe akuhushulwe izisu, isithi  othisha -ke abaxoshwe  esikoleni  ngoba phela uma zizalwa izingane zizofundiswa ubani? Ngoba uma zingasazalwa izingane ubani ozofundisa ngoba phela usezinciphisile izingane.  Esibhedlela bekuneminyaka eminingi izingane zibalwa ukuthi zizalwe zangaka.  Namhlanje awusezwa ukuthi zizaliwe izingane Inkosi uMlaba uzofakaza.  Azisazalwa izingane ziyahushulwa umkhuba  we-ANC .

Baba Somlomo, ngiqonde ukuthi  i-ANC  njengabafowethu esiphila nabo kudinga bazi ukuthi ngonyaka ozayo ngo-1999 siya okhethweni ikuphi abazokutshela abantu  ababebavotele  ngo-1994 ukuthi abaphinde  babavotele .   Babavotele  ukuthi akuhushulwe izisu,  babavotele  ukuthi bahlale ezindlini  ezingangama-toilet , ngiyabuza.

Baba Somlomo, ngiqonde ukuthi abafowethu laba esiphila nabo ikakhulukazi njengomfana wami uDumi u-Dumi akabuyele ekhaya  kwi-IFP  ukuze phela sikwazi ukuba sibaguqule kulenkohlakalo abanayo.  Ngoba ngineqiso ukuthi njengoba siya okhethweni ngo-1999 akekho umuntu ohlakaniphile Baba Somlomo,  ongavotela   i-National   Party , noma munye  oyovotela   i-National   Party .  Akekho umuntu  ongavotela   i-ANC  uma ehlakaniphile ngaphandle komuntu osedle  amaphilisi , wadla  ama-drugs ,  uyovota  engaboni esedakiwe. [UHLEKO]

Linye iqembu okudinga abantu bazi ukuthi  linobu-Krestu , linobulungiswa iqembu  le-IFP .  Baba Somlomo,  lo-seven minutes  onginike wona ngiyawubonga.
 [ikhasi 157 umugqa 14 ukuya ikhasi 158 umugqa 11]

Mnumzane M MABUYAKHULU:  Baba Somlomo, umuntu akalibonge lelithuba alitholayo.  Ngifuna ukuqala ngokusho ukuthi cha umuntu ngeke aphendula yonke inkulumo kaBaba uMahlobo, ilunga elihloniphekile uMahlobo.  Kodwa kufanele sedlule khona la kukhona ukuthi phela indoda ebuya ekhaya Baba ngifuna sikuqondise nje lokho, ukuthi uma sithi akubuye ekhaya kungcono ukuthi sithi uBaba uMahlobo neqembu ababuye beze ekhaya ngoba nanti ikhaya la likhona.

Akengiqhubeke Baba ngizame ukuthi ngibheke ukuthi ilunga elihloniphekile uMnumzane  u-Schutte  yini ayishoyo.
[ikhasi 158 umugqa 15 ukuya 25]

 NKOSAZANE  M XULU: ( WHIP ):  Ngiyabonga Mhlonishwa Somlomo neNdlu.  Mhlonishwa Somlomo, incwadi engcwele isifundisa ukuthi; "Izono zawoyise ziyohliselwa kubantwana".  Akukho noma munye umuntu ongase aphike ukuthi udlame lwenze isimo sezwe saba sibi kakhulu kunesimo esidala.  Lobufakazi ungabuthola kubantu balelizwe abampisholo abalahlekelwe ikhona konke ababenakho ababekuthole ngaphansi kwesimo esasinzima kumbuso wobandlululo.

Umphakathi wakithi uyamangala, uyazibuza ukuthi ngubani uyise nomsunguli wodlame kanye nobulelesi?  Akubona yini labo abathi izwe malenziwe lingabuseki?  Akubona yini labo abathi inkululeko manje imfundo kamuva?  Akubona yini labo abathi inkululeko yezwe yotholwa  ngebhokisi   likamentshisi ,  ithayi   likaphethiloli .

Kunesisho esithi; "Indluzula iphenduka idle izingane zayo uqobo".  Namuhla ukungabuseki kwezwe okwenziwa ukubulala  ngethayi  yikhona namuhla osekuyisikhubekiso kubantu baseNingizimu  Afrika .  Kunalabo abamemezayo beklewula njengalaba abamemeza ngaphesheya bethi akubekhona ukuzalwa kabusha Mhlonishwa Somlomo.  Abantu bangazalwa kabusha kanjani njengoba abantu bephila ngaphansi kwesimo esinzonzo.  Kulukhuni ukuzalwa kabusha ngenxa yokuthi labo abaklabalasayo bethi akubekhona ukuzalwa kabusha yibo labo abazenzisayo, yibona abangabasunguli besimo esikhona njengamanje. 
Labo abazenzisa ngokuthi akubekhona ukuzalwa kabusha ezingqgondweni zabantu bebafaka imfundisoze abazilutho ngobuntu  (Buthu) .  Ubuntu abufundiswa  eCuba  noma  e-Moscow .  Ubuntu ngeke ubuthole embobweni wesibhamu, noma kwiziqhumane lezi ezazitshalwa ezitolo namanje ezisatholakalayo.

Mhlonishwa Somlomo, ubuntu bakhelwe inhlonipho.  Inhlonipho ayihambisani nendluzula kanye nodlame.  Ngeke uthi akube khona ukuzalwa kabusha emiqondweni yabantu ngakwesinye isandla ube uhlela ukuqeda sonke isizinda sesintu  sase-Afrika  sobuKhosi.

Angasho kanjani ukuthi abantu abazalwe kabusha kepha sewufundise izingane ukwedelela, nokubukela phansi isithunzi sabazali bazo, ngokushisa   izikole   ezakhiwe ngabazali bazo bekwenza ngaphansi kokuhlupheka okuyisimangaliso, bekwenza bethatha  izimali  lapho zazingekho khona ngezithukuthuku zabo.

Sidinga  amaphoyisa  anele ukuvikela umphakathi noma angaba ngakanani.   amaphoyisa  ngeke enze lutho ngaphandle kokuba kubuyiswe isiko lokuhlonipha ezinganeni zethu.  Kudinga siqale  ezikoleni  zethu.  Kudinga sifundise abantu bakithi ubuhle besintu.  Umzabalazo wokubuyisela isintu kuzosithatha eside isikhathi.  Masibuyise ukuhlonipheka kwemindeni, emuva kokubuyisela ubuntu kubantu.   Umnotho wezwe uyobuyela wona siwubone usumningi ngempela.

Ngiyabonga Mhlonishwa Somlomo.
 [ikhasi 163 umugqa 22- ikhasi 164 umgqa 30]
Mnu.  M M MACKENZIE :  Baba Somlomo, sizwe noMhlonishwa uMongameli weZwe isisho sakhe eMtata nyakenye esithe cha mangishela intombi angithethi inyaniso.
 [ikhasi 169 umugqa 1-3]

 Covi 398:

 ISESHINI  YESIHLANU

UMHLANGANO WESIBILI	:	 OJWAYELEKILE	 : 19, 20 KANYE NO 21
									KUNHLABA 1998

UMQULU 3

 vol 398:

mfundisi C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):  Khuleka nawe Makhaye.  Mphathisihlalo neNdlu yonke kuqala angibonge nami ngihalalise, ngidumise indlela uzakwethu ayithule ngayo inkulumo mgomo yakhe.

Kuzoba sengathi sicula iculo uma sonke sibuyela endaweni ekhathazayo le yokwehla kwesabelo  sezimali .  Ngizizwa ngikhathazeke kakhulu Mphathisihlalo, ngesimo esikhathazayo mayelana nalesabelo  sezimali . 

Isamba sanamhlanje semali yezigidi ezingamakhulu amabili namashumi amane nantathu ezinkulungwane namakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu  amarandi .( R243 650 million )   Iyona eyabelwe unyaka  wezimali  wonyaka wenkulungwane namakhulu ayishiyagalolunye namashumi ayisishagalolunye nambili, kuya kumashumi enkulungwane namakhulu ayisishagalolunye namashumi ayisishagalolunye nagalolunye.

Lesisabelo sikhombisa ukwehla kokubili nengxenye eyisishagalombili kuleso sangonyaka wezimali odlule.  Isifunda  saKwaZulu-Natali  sinabantu abaningi kakhulu abadla imbuya ngothi ngempela uma kuqhathaniswa nomhlaba.  Abayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu ananhlanu (350 000) kuya kwabayizinkulungwane ezingamakhulu amane (400 000) emindeni yasemakhaya

Lemindeni eyethembele kuphela enhlabathini ukuze iphile, okuyisidingo esiphuthumayo kakhulu ezindaweni ezithile ukwandiswa kokudla okudala umsoco emzimbeni.  Cishe isabelo esiyingxenye yokubili kokuthathu( two thirds ) sabantu kulesifundazwe abayingxenye eyisishagalombili enokuhlanu zidinga ukwelekelelwa ukufundiswa amakhono ezolimo.

Nokho umnyango uzamile ukwenza uhlelo lokweseka loluhlelo oluvulekile, olubhekele ukunikeza ulwazi namakhono okuqeqesha kanye nemivuzo ukwenza ngcono imikhiqizo  yasemaplazini  amancane.

Mphathisihlalo, isabelo  sezimali  esincane ngaloluhlobo siyodala ukuba zonke izinsizakalo zaloluhlobo zifadalale njengalokhu sikhula isibalo sabantu kulesisifunda.  Umthwalo osemahlombe ethu ukudala intuthuko noma isimo sezolimo esisimemeyo ukuze impilo yomphakathi isimame.  Ukwenza izinhlelo kudinga futhi  izimali .

Kubalukhuni kakhulu ukuba kuphothuleke izinhlelo ngaphambi konyaka wezimali bese zedluliselwa onyakeni  wezimali  olandelayo kube sengathi kukhona ukwehluleka mhlawumbe emnyangweni.   izimali  ezanele ziqinisekisa ezolimo ezisimeme uma futhi zinikwa nezikwazi ukuba sezingeni elingcono kwezokuncintisana okudingekayo ekudayiseni.

Imindeni eminingi emakhaya ikwazi ukuzikhiqizela ngokwanele ukufeza izidingo zayo zokudla kuphela, kanti sidinga futhi okuningi ezokudayisa ukuze kungene  imali .  Thina  njengoHulumeni  sidinga ukuba sifundise abantu bakithi abalimi abancane izindlela ezintsha neziphusile, ngoba izindlela eziningi sezindala.  Zindala kakhulu kodwa uma kukhona  izimali  kungadingeka ukuthi landiswe izinga lobuchwepheshe kulezizindlela bese kwanda futhi umkhiqizo nentuthuko.

Imfuyo iyona kuphela impahla ebalulekile abantu bakithi basemakhaya abanayo, futhi sidinga ukubasiza ukuvikela lempahla.  Izindawo zasemakhaya zinamadlelo angabiyelwe, namasimu angabiyelwe lokhu bese kuholela-ke enkingeni enkulu ekuphepheni kwemfuyo nasekuphepheni kwezilimo.

Mphathisihlalo, sidinga ukwelekelela abantu bakithi ukuba bavikele impahla yabo, bese futhi kuqinisekisa ukuphepha kwamakhaya.  Sike sahlangabezana nezinkinga phambili zokungalingani kubantu imithetho yokucwasa kanye futhi nokungabibikho kobulungiswa nokuholele ebuphofini emakhaya.  Ukwemukwa kwamalungelo omhlaba nokucekelela phansi kwawo udaba lwentuthuko ngaphansi kwesimo sokuqala kwezombusazwe ezindaweni zasemakhaya kwaba into elukhuni kakhulu ngenxa yokuntuleka kwemithombo efanele.

Sekufanele kubhekelwe udaba lwempilo yokwemukwa kwabantu imihlaba namalungelo abo.  Mphathisihlalo, ngifisa ukusho ukuthi sekungumsebenzi wethu phela muva nje, njengamalunga  aloHulumeni , namalunga  alePhalamende  ukubhekela ukuthi iyasetshenziswa  yini imithombo ukuze ibe nomnikelo emnothweni  waKwaZulu-Natali .  Sidinga ukuba sisize futhi wonke umuntu ngokulingana.  Injongo yethu kulomnyango ukuqiniseka ukuthi kunesizinda semithombo yezolimo ephusile ukuqiniseka futhi ukuthi kunokudla okwanele kuphinde kwenziwengcono izinga lempilo yabantu ikakhulukazi labo abedlulwa intuthuko bancishwa amathuba ngokomlando.

Lenhloso-ke ingafezeka ngobukhona  kwezimali .  Ubukhona  bezimali  bungasho intuthuko yomphakathi neyokwakha futhi   izimali   ukwenziwangcono kakhulukazi kukhiqizwa kokudla ukondla, ukwakhiwa futhi kwamathuba emisebenzi.  Ukukhula nomnotho.

 THE CHAIRPERSON :   Order !  Order !  Qhubeka Baba.

Mfundisi C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):  Ukukhula komnotho ngokunjalo nezingalempilo kuyacaca Mphathisihlalo, ukuthi ngeke umnyango ukwazi ukubhekela ezolimo kulesisifundazwe ngenxa yesabelo esincane  sezimali . 

Mphathisihlalo, namalunga ahloniphekile ngikholwa ukuthi omunye, nomunye kithina namuhla kufanele azibophezele ekuthini senze umnikelo kubantu balesifundazwe.  Sidinga ukuwabona amandla aphelele abantu  baKwaZulu-Natali  kanti futhi lokhu kungafezeka kuphela ngokuba kubekhona isabelo esinamandla okubhekela ukwenzela phansi imisebenzi.  Iqinisekise ukuphepha kokudla, nesingenza futhi imisebenzi yentuthuko.

Masibuyisele ithemba kubantu bakithi basemakhaya kanye nabo  abasemadolobheni  singaze sizithole sonke Mphathisihlalo..
 [ikhasi 28 umugqa 25- ikhasi 31 umgqa 12]

 THE CHAIRPERSON :  Baba uNyambose ususele nomzuzu owodwa..

Mfundisi C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):  Ngiyabonga Baba.  Sengibalekela ukuba sonke singaze sizithole sesicula icula likaBaba uMchunu laphaya.  Uma sengiphetha ngifisa ukubonga uNgqongqoshe uMhlonishwa wethu  u-Singh  nabasebenzi bomnyango wakhe.

Ngiyabonga ngobuchule nokuzinikela kwabo abakukhombisile kulesisikhathi.  Mphathisihlalo, ngiyabonga.
 [ikhasi 31 umugqa 14 ukuya 23]

Nkosikazi H M BLOSE:  Ngiyabonga Mama Sihlalo osesitulwini njengamanje.  Ekade ngifisa ukukukhuluma ukuthi ngizokhuluma ikakhulukazi ngabasebenzi  basemaplazini , nabahlala khona  emaplazini .

Ngilandela isikhulu sami la umfowethu  u-Nel  uyazi ukuthi lapha  e-Dundee  baxoshe abantu endaweni ngoba bethi umhlaba owabo.  Ngisazoqhubeka kodwa kufuneka akwazi loko.

Bese ngiphinda futhi ngiqhubeke ngithi  i-National   Party   ngiphatheka kabi kabi  uHulumeni  lo esinawo uneminyaka  ewu-four  nje ekhona kodwa nomhlanje uzokwazi ukubala zonke izinto lezi abazibona ukuthi bazishiya bona, babezishiyela obani.

Eminyaka eminingi kangaka besesihlalweni 47 yeminyaka  bewuHulumeni  babengakwenzi ngani.  Babecabanga ukuthi  loHulumeni  uyena oyofike akulungise yini na konke lokhu abakushiya bona.  Namhlanje uBaba  u-George Bartlett  ukhuluma  ngama-project .

Thina  ama-project  besingawazi njengamakhosikazi, amakhosikazi abo akade  edila   nama-project .  Wonke  lama-project   anezimali  ezinkulu ibona kade bewasebenzisa ayithina bantu abaMnyama besingatholi lutho.  Namhlanje kodwa uma befika kulendlu sebezenza abantu abamsulwa abangazange benze lutho kithina.

Ngibonga Mama  osesitulwini , ngibonga kakhulu njengomuntu wesimame oneso lakhe elibanzi kakhulu kubantu besifazane ogxile futhi nakubona.  Ikakhulukazi laphaya  emaplazini  thina njengabantu besifazane  emaplazini  kunezinkinga eziningi ekwaqala ngo-1994 singena  kuleliPhalamende  ukuthi sizikhulume kodwa kuze kube imanje azikakalungiseki lezozinkinga.

Izinkinga ezani lezizinkinga na, izinkinga zabantu abahlala lapha  emaplazini , behlala  kulamaplazi  nje okokuqala manje sekunesinye  isitayela  esiqhubekayo lapha  emaplazini .  Kufikwa lapha  emaplazini  abantu bahlale iminyaka ewu-40 noma kuya ko-50 yeminyaka kodwa kuzothi umangabe sekufika umlungu  uBasi  esebona ukuthi igazi lakhe alisazwani nalabobantu ngoba sekufanele ukuthi abanikeze umhlaba  bawu-onishe  bona lababantu.

Aphinde futhi ababhekele ukuthi imfuyo yabo idla kahle njengeyakhe yini.  Sebenengqondo manje ukuthi bathi  iplazi  selithengwe  u-MNU so  and  so .   U-MNU so  and  so  uma ngikhuluma njengamanje ngizokhuluma lapha  e-Dundee  ngomdeni wakwaButhelezi.  Umdeni wakwaButhelezi nomdeni wakwaMdunge lapha  e-Dundee  utshelwe zonke lezizinto waqedwa lomdeni wasengathi uyawuthanda kakhulu  uBasi  wawubiyela ngocingo.

Ukubiyela ngocingo ukuthi ungawatholi amanzi, ungazitholi izinkuni zokubasa.  Uma kulendlu ongangiphikisa singasuka manje livalwe  leliPhalamende  siye  kuleliplazi  engikhuluma ngalo.  Kuyimanje labobantu babenezinkomo ezingu-18 ngoba amanzi bengenawo, izinkuni bengenazo nezinkomo zabo bavalelwa sengathi basesibayeni kwabona kufe zonke lezinkomo eziwu-18.

Yonke leyonto yenziwa yini-na?  Yenziwa ukuthi abalufuni lolushintsho esingena kulona basagcizelela engcindezelweni abayifundiswa omakhelwane bami.  Njengamanje zonke lezizinto kunabantu lapha  emaplazini  abangasiboni isiphambano sabo ukuthi basibeka laphi, abakayizwa inkululeko ifika eduze kwabo, abakaboni lutho okuza kubona ngoba izinkinga nje kubona kusafana nangesikhathi kusabusa  uHulumeni   wamaBhunu , abakabuzwa ukujabula kubekhona ushintsho abalubonayo.

Esengichaza ukuthi umnyango lo kaNgqongqoshe wethu akeve ezama ukwenza izinto ngendlela yakhona.  UBaba  u-Bartlett  la ukhuluma kakhulu ngezindaba   zezimali   ngoba unenkinga. UNgqongqoshe wethu  u-Singh  uthathe manje kuyena kade ephambili enza yonke lemishimishi le asekhuluma ngayo manje.

Manje ngeke siyivumele imishimishi yakhe acabanga ukuthi uzoyisebenzisa manje ngoba sekungu Baba  u-Singh  ophethe.  Vele uBaba  u-Singh  uthathe vele kunamatwayi-twayi akade enziwe uyena uBaba  u-Bartlett .

Nkosikazi H M BLOSE:  Njengamanje isimo sabantu abasebenza  emaplazini  Baba  u-Singh  ngicela asukume, sisungule  ikomiti  leli elisebenzayo kakhulukazi  ku-Agriculuture  liyobheka laphaya.   U-Nel  ukhuluma nje kangaka nje naye uxoshe abantu kulezinyanga ezedlule.  Abantu bethu ngempela ngempela abantu abakakakutholi ukuphumula lapha  emaplazini .

Bazophumula nini ngoba namalunga  akuleliPhalamende  asebenza ngalendlela esebenza laba abangawazi lomthetho esiwushaya la,  kusekomitini   le-Agriculture  kodwa naye futhi uyaxosha enjalo nje.  Uma angase angiphikise athi akazi lutho ngalokho  kune-fax  ela engingafike ngimnikeze yona ayifunde manje ephuma  e-Dundee   ehovisini ,  ihovisi  lami  lise-Dundee .

Thina la ezweni likaPhunga noMageba asinawo umhlaba wethu.  Abafika bezocela ukuhlala ibona abathwelwe wonke umhlaba.  Sithi sithi sihlezi kuthiwa suka la awusafanele, kakhulukazi ngikhuluma ngigxile  emaplazini  angikhulumi ngazozonke lezi ezinye izinto.  Sekukhulunyiwe ngezimali, kwakhulunywa ngazozonke ezinye izinto.  Abantwana bethu laphaya amakhosikazi uma esexoshiwe kulemizi  yamaplazi  izingane zethu ziphinde ziqhubeke zingakwazi ukufunda ngoba phela zizofunda kanjani imizi isigijime yazoba seceleni kwemigwaqo.

La bangezukutshelwa muntu ukuthi indawo yakhe.  Abantwana bethu bayasokola lapho.  Obani abathwala lobobunzima amakhosikazi, akuwona lamadoda.   U-Nel  ukhuluma kangaka benoBaba  u-George  ngoba bangamadoda akubona abantu abafanele bakhulume zonke lezizinto.  Kunganjani umangabe kwenzeka ngo-1994  iPhalamende  ligcwale amakhosikazi wona akwazi ukuhlanganisa zonke izinto azikhulume ngokubonisana.

Ngoba amadoda afike axabane kugcine sekuxabene nathi.  Ngomthetho thina bantu besifazane asikwazi ukuxabana siyakwazi ukusebenzisana.  Amakhosikazi  ku-Peace   Package  umangabe uyibheka abantu abakwazi ukuxoxisana ithina makhosikazi, siyakwazi ukuxoxisana kuqala thina amakhosikazi  e-IFP , namakhosikazi  e-ANC , nawowonke  ama-parties .  Kodwa amadoda iwona lawa awabukana kabi.
[ikhasi 32 umugqa 9- ikhasi 35 umugqa 11]

Nkosikazi H M BLOSE:  Ngiyabonga  Thank you very much , ma.  Ngiyacela kulendlu ukuthi abantu  basemaplazini  ake sibanikeze amalungelo omhlaba.  Umuntu umangabe eseneminyaka ethize kuleyondawo ngoba abayazi enye indawo bagcina labantu bazoba umthwalo  kaHulumeni  bezohlala la bese kuzoba khona lemizana emncane ekade siyakhelwe uBaba  u-Miller , lena emincanyana le engala ngase- Simba Chips .

Leyonto leyo esingakwazi ukuyimukela esingeke size siyithande.  Kusukela manje sicela ukuthi abantu  basemaplazini  banikezwe  uku-onarisha  umhlaba ukuze kuthi noma begxoshwa bahlale lapho behlezi khona.  Ngoba uma begxoshwa badilika baze  emadolobheni .

Okokugcina ngibonga nje ukuthi amakhosikazi, ngicela asukume awalwele amalungelo awo ngoba amakhosikazi uma ehlezi oBaba uMahlobo bayaqhanqalaza kakhulu.  Abavumi ukuhlala phansi bathule bavale imilomo bese bethi ithina ekade sinilwela la. [UHLEKO]

Njengamanje abantu besifazane sikulwele lokhu ukuthi masilingane.  Ngiyazi ukuthi uma sifika kulelozinga lokulingana ayalwa amadoda.  Asilingane sizilwele izinto okufanele sizilwele thina, ngoba kuyimanje abanye oBaba kulaba abanye oBaba abala nibabona begqoke  othayi  bebahle becwebezela benje umama wekhaya uvuke ekuseni waqala ngokumbekela  amasokisi , walandela esicathulweni, kwalandela  eyembeni , kwalandela  eblumasini  lakhe, ukuthi okulandelayo  i-under  okufanele igqokwe uBaba namhlanje enjani.  Ngoba obaba bazi ukuthi thina masikhosikazi siyizisebenzi zabo.  Kodwa uma ngabe sengisebenza njengonkosikazi usho manje athi vele  imali  eyendoda.  Iyithathaphi indoda  imali ?  Ngoba nami  imali  eyami ngoba ngiyisebenzile.  Angikwazi ukwenza into engiyithandayo ngoba sekufanele ukuthi nikugunyathe konke lokho.

Asisukume thina njengabantu besimame silwele amalungelo abantwana bethu, silwele amalungelo ethu, silwele amalungelo omhlaba ukuthi nathi sibe nawo amalungelo omhlaba.  Ngiyabonga Mama Sihlalo, ngibonga kakhulu.

 [Ikhasi 35 umugqa 16- ikhasi 36 umugqa 14]

Isikhulumi [ Speaker ?] Sihlalo abantu bayakwazi ukufuya bayakuthanda futhi kodwa badinga amadlelo, amadlelo abiyiwe, badinga amasimu, amasimu azobiywa.   uHulumeni  waKwaZulu wakuqala uyena owaqala loluhlelo ehlanganisa umnyango  wakwa-Agriculture   nowaka-Health , kanye  nowaka-Welfare .

Lokhu kwenza ukuba abantu bakhuthale bathola izingcingo babiya izivande zabo, abanye bathenga  amathuluzi  okusebenza, abanye bathenga  imishini  yokuthunga nokunye okwahlukene.  Lokhu kwakwenzeka ngesikhathi abanye abantu engingezukubasho ngamagama babekhipha ukudla impuphu benika abantu bethi baheha  amavoti .

 uHulumeni  waKwaZulu wayekholelwa ekutheni kudingeka ukuba umuntu afunde ukuzenzela kunokuba umnike  isaka  lempuphu.  
 [ikhasi 37 umugqa 25 - ikhasi 38 umugqa 3]

INKOSI K W MATHABA:  Mphathisihlalo linye iculo esiliculayo kulendlu kulokhu ngihlezi ngilalele.  Ayikho  imali ,  asinamali .  Uma sincishiwe  imali   uHulumeni  omkhulu ngaloluhlobo angiboni ukuthi izobakhona inqubekela phambili.

Angazi ngempela ukuthi sibhekephi lokhu kusho ukuthi imisebenzi okufanele yenziwe ilomnyango izonqunywa ngesigampu esikhulu  semali.  Izisebenzi ezisebenzayo ngibona  amabhantshi  ezogcwala umoya esephelelwe umsebenzi ingasekho inkece yokubaholela.

Sisakubuke lokhu emnyangweni wezemfundo sesokubona lapha  kwa-Agriculture .
 [ikhasi 42 umugqa 28- ikhasi 43 umugqa 1]

INKOSI K W MATHABA:  Uma yonke iminyango ikhala  ngemali  kangaka Mphathisihlalo, mina ngifikelwa ukudabuka.  Ukuba siyakwazi ukuzenzela layindlini    lemali i   okukhulunywa ngayo, umangabe lomgodi ukhona bengiyoke ngicele amalunga alendlu kesihambe siyolunguza ngempela ukuthi ngabe kuphele yona  imali  ngempela na.

Uma  uHulumeni  wethu omkhulu ekwazi ukuthi laba ababesikweleta   izimali   azesule izikweletu namuhla bese kuba ithina esihlupheka ngaloluhlobo.  Nginokwesaba ukuthi  imali  ikhona, kukhona lapho okuqondwe khona.

Enkulumeni yakho Mhlonishwa Mphathiswa wezolimo, uthinte ukubaluleka kwabampisholo behlangene nabamhlophe ekuphathweni  kwamaplazi  lawa amancane.  Ngithi angibonge kwabamhlophe elokhu ngizwile lapha endlini bayadaxatshulwa namuhla obaba  o-Volker . Namuhla ngithi ake ngikududuze Baba  u-Volker  ukuthi bafowethu nina enimhlophe ngithi angilibonge iqhaza elenziwe ngabakaNalu ngokubamba iqhaza bafundise abantu bakithi abampisholo ukuthi  amaplazi  aphathwa kanjani.

Ngithi angibonge nabo laba bakithi abampisholo ababambisene nabo futhi abakwaNalu ukwenza umsebenzi onjenga lo.  Labantu bakithi abampisholo bezofundiswa ngomhlabathi ukuthi noma ngabe umncane kangakanani zindlela zini abangazenza ukuthi bakwazi ukuzithuthukisa lokho kuyodala amathuba okuthi abantu bakithi benze imikhiqizo ebhekile ixoshwe indlala.  Bakwazi ukuthi babenenkece ababanayo abakwazi ukondla ngayo imindeni yabo, bafundise izingane zabo. 

Mhlonishwa uthintile futhi lapha mayelana  namadiphi .  Umangase kuthiwa emakhaya lakwanja ayiphume lapho engiphuma khona umangase kuthiwa izinkomo zethu ngeke  zidiphwe  ngihambisana noMhlonishwa u-Bartlett uma ethi kuyokwanda kakhulu isifo sifelwe zinkomo.  Kanti inkomo kithina isho into enkulu, inkomo kithi Cele isho igugu.  Thina esihlezi emakhaya ayi laba abahlezi  emalokishini  ngoba izinkomo zabo zidla  oplastiki  namakhasi  kabhanana  impilo ayikho lapho.

Sisho ukuthi besizocela  kuHulumeni  wethu omkhulu ukuthi akasisize asixhase okungenani okwesikhashana sibe senza izindlela zokuthi sikwazi nathi ukuzisisa.  Akusho ukuthi Mhlonishwa sesizogoqa nathi izandla, zikhona izindlela esingazenza ukukhipha zona   izimali   emaphaketheni ethu ngokusindisa imfuyo yethu.  Kodwa kubekhona  uHulumeni  oyosenzela khona sikwazi ukuthenga leyomithi leyo  yokudiphisa  izinkomo zethu ukuze zingabi nawo amakhizane.

MPHATHISIHLALO  THE CHAIRPERSON :  Bengizoyicela Inkosi ifingqe Baba.

INKOSI K W MATHABA:  Ekugcineni ngithi angithinte ephuzwini futhi athinte kulona  lama-Pound .  Sike sahlupheka kakhulu ezikhathini ezidlule, uma inkomo yami iphumile esibayeni yahamba  amaBhunu  abeyithatha ayiyise  ephawundini .  Uma ngisuka lakithi engihlala khona eGingindlovu  iphawundi   belise-Vryheid  kodwa ngenxa yokubakhona kwakho Mhlonishwa sekufingqanisekile ngoba asisahambi  more than 60km  njengamanje.  La abantu bakithi bezohlupheka khona bekhiphe   izimali   sebeqasha beyokhokha futhi.  Lomnyango lona uthathe igxathi elihle siyakuncoma lokho.

Baba Mphathisihlalo, ngicela ukuthi ngikutshele indaba ungazange uze uyibuze.  Mphathisihlalo ngicela ukukutshela ukuthi ukusetshenziswa komhlabathi ngike ngathola emazweni lana angaphesheya.  La ngithole khona ukuthi uma uzothenga amadumbe amathathu abiza  R250.00   e-Taiwan , awu-R250.00 emathathu.  Uma umhlabathi wethu sizowusebenzisa ngendlela efanele sizowathwala lamadumbe siwayise  eTaiwan  sesiwafake  emasakeni  manje esephuma esehamba.  Ngicabanga ukuthi  le-Province  lena singaceba sonke lapha.

Ekugcineni, izwe sisalidinga  uHulumeni  makaphakamise izinyawo ngoba konke lokhu okushiwo uMhlonishwa ngomhlabathi uma lingabuyile izwe lethu angiboni sizowuthathaphi omunye umhlabathi.  Umhlabathi ophethwe  uHulumeni  akawubuyise.  Sicela uMhlonishwa u-Hanekom aphakamise izinyawo.  Ngiyabonga.
 [ ikhasi 43 umugqa 10 - ikhasi 45 umugqa 1]

Isikhulumi [ The speaker ?] Awu  ama-Afrika  awanawo umhlaba, umhlaba wathathwa kufanele umhlaba ubuye uze ezandleni  zama  Afrika   azokwenza zonke lezizinto ezishiwo  u-Minister .  Nayo into okufanele yenzeke, awubuye umhlaba futhi ungabuyi ngokuthengiswa, awubuye umhlaba ubuyele kubanikaziwo nakubabheki bawo.

Isikhulumi  [ The Speaker ?]   The land is entrusted to the nation And the  Amakhosi  only hold it in trust .  Ngakho-ke ayinakulunga yonke lento uma singakakhulumi ngokuthi abantu kubafanele babenomhlaba bakwazi ukulima, bakwazi ukwakha, bakwazi ukwakha konke.  Ngiyababonga bonke laba abakhulumile baba nesibindi ngoba indaba ngomhlaba izinanzike zomkhwekazi ayithintwa.  Ngiyabonga.
 [ ikhasi 46 umugqa 1ukuya 11]

Mnumzane T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Ngibonga kakhulu Sihlalo, ukuba ngikhulume ngaphansi kwalomnyango ohlonipheke kangaka oholwa uMhlonishwa  u-Singh  osenze ingqophamlando ngokuba kubekhona uhlelo lokuxosha indlala.

Sihlalo, ngizokhuluma ngiqonde ngikhulume ngezinto ezidingwa isisu sanoma ubani, kungaba oyisigwili nohluphekayo kodwa isisu sidinga ukuphakelwa.  Sihlalo, ukudla okuvela emhlabathini okokuqala umhlabathi udinga ukusetshenzwa uma uzosebenza umhlabathi kudinga ukuba wenze amalungiselelo okuba kube nezinto zokuwugubhuza ogandaganda, ubenendlela yokuwuvundisa, konke lokho Sihlalo neNdlu yakho ehloniphekile kudingeka kubekhona inkece.

Sihlalo, angithandi ukukhuluma kakhulu ngedlanzana leli elitshale omoba eliseduze kolwandle.  Ngoba bona baqondene nokwenza inzunzo  yemali  ngisho nokudla abanandaba nako ngoba kuzovela kuleyonzuzo abayithole emobeni.  Kodwa ngiqondise kubantu abahluphekayo abakhe ezindaweni lapho umoba ungatshalwa khona.

Ngoba uma kuzokhulunywa ngezolimo akuqondiswe kumoba kuphela kuqondiswe ukuba kutshalwe umbila, kutshalwe  ubhontshisi , kutshalwe amadumbe, kutshalwe amazambane, izinto eziphilisa umphakathi lezo, izindlubu yonke lento edingakalayo.

Okokuqala Sihlalo ohloniphekile, angikubeke kucace ukuthi uMhlonishwa uNdunankulu wenze ingqophamlando yokuba aqoke uMhlonishwa  u-Singh  ukuba aphathe lomnyango ngoba okubalulekile ukuthi akufanele kuqokwe umuntu ongenalo ulwazi.

Ukubonga kwami uMhlonishwa uNdunankulu walesifundazwe ukuqoka umuntu ofanelekile ukuthi aphathe lomyango  u-Singh .  Akekho ongazi ukuthi uhlobo  lwamaNdiya  ilona luhlobo olwasukuma kuqala liqeda indlala ngokusebenzisa ezolimo, ngaphezu kwazozonke ezinye izinhlanga ezikhona kungaba abelungu, kungaba abampisholo, kungaba olunye uhlanga.  Kodwa uhlobo  lwamaNdiya  ilona olwasukuma.
 [ ikhasi 49 umugqa 12- ikhasi 50 umugqa 11]

Mnu T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Ngiyabona Sihlalo, angikhumbuze lendlu yakho ehloniphekile ukuthi kusekhona  uHulumeni  ongasekho waKwaZulu owawuholwa uMntwana waKwaPhindangene.  Umphakathi walapha KwaZulu wawunenkulu inzuzo yokuba uMntwana esungule ukuthi kuwona wonke  ama-region  awu-26 kubekhona izinto zokusiza umphakathi ontulayo.

Kuyona yonke  i-region  Sihlalo, kwakunogandaganda ababesiza umphakathi.  Kunendlela iqoqo elalakhiwa lokuba iminyango yezolimo igcine izimbewu nomanyolo kwenzele ukuthi umphakathi ukwazi ukusizakala.

Ngiyazi ukuthi namhlanje baningi abantu la  kule-Province  abamkhumbulayo uMntwana waKwaPhindangene.  Namhlanje okungasekho lokhu lapho kuphethe khona uMhlonishwa wezolimo.  Lapho Sihlalo, umphakathi wonke noma wawungasebenzi kodwa kwakungafani nangalesikhathi sanamhlanje lapho umphakathi uzidla izithukuthuku ungasebenzi ungenabo ogandaganda.  Akukho neyodwa  i-region  enogandaganda abasiza umphakathi.  

Besengishilo Sihlalo, ukuthi uMhlonishwa uNdunankulu wenze ingqophamlando ngokuba uMhlonishwa wezomnyango wezolimo awuphathe lomnyango.  Nginxuse uMhlonishwa walomnyango ukuthi akasize akhumbule umlando ngoShenge asebenze njengoba uShenge kade enza, alethe ogandaganda noma kulukhuni  uHulumeni  lona oholwa  i-ANC  eyivalile  imali  wathi akudilizwe abantu. 

UMhlonishwa ukushilo enkulumeni wakhe ukuthi lomnyango wakhe awuzimisele ukuthi udilize izisebenzi kulomnyango, ngikushayela ihlombe Mhlonishwa ukuthi emnyangweni wakho akukho muntu ozodilizwa, bazoqhubeka abantu basebenze njengoba kufanele ukuba basebenze.

Sihlalo, kukhona abantu abaningi abaqeqeshwa  esikoleni  okuthiwa iseCwaka, ababefundiswa ezolimo.   Lesosikole  sasisungulwe uyena  uDokotela  uButhelezi.  Labobantu ngithi Mhlonishwa Baba  u-Singh  vula amathuba okuba amanye  amaplazi  awacoshwe ilababantu abaqeqeshwa beqeqeshelwa ezolimo ngoba behlezi emakhaya abasebenzi.   Amaplazi  aduve nosibani bani.

Kwakwenziwa ngisho nezibonelo, izibonelo kwezolimo okufanele ukuthi Mhlonishwa njengoba sikwethemba thina, sithemba ukuthi lomnyango usuwukhombisile ukuthi uzowuphatha ngokubuqotho.  Kwenziwe izibonele ezindaweni kwezolimo zonke izindawo abantu bakwazi ukuthi bazithuthukise ngoba umsebenzi awukho.
 [ ikhasi 51 umugqa 12- ikhasi 52 umugqa 17]

Mnu T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Angizwelane nawe kakhulu nawe Mhlonishwa.  Okokugcina sengihlala phansi ukuthi uzothwalanzima ngoba  uHulumeni  lona oholwa  i-ANC  usephume umkhankaso wokuthi zonke izisebenzi  zikaHulumeni  zidilizwe.  Uma wena uqinisa ikhanda lokuthi awuzukuzidiliza izisebenzi ukhona umkhonyovu ozokwenziwa  i-ANC  akuhlasele noma ingayiphi indlela.  Ngoba uqinisa ikhanda uthi awuzukuzidiliza muntu.

Thina  be-IFP  sithi asifuni ukuba kudilizwe izisebenzi asidingile uma kudilizwe izisebenzi ngoba  imali  eningi iyaziwa ukuthi  imali  eningi ukuthi ibanjwa izigebengu eziqhamuka khona kumkhonto wesizwe,  imali  ayikho nje uMkhonto.  Ayikho  imali .

Bese kukhulunywa ukuthi siyabakhumbula, sibakhumbule kanjani ngezinyawo zezinkukhu, ngezinyawo zezinkukhu ngingahlabe nkukhu mina ngithi ngiyabakhumbula.  [UHLEKO]
 [ ikhasi 52 umugqa 21 ukuya 37]

Isikhulumi [ The speaker ?] Sifuna ukubabonga kakhulu  abama-Transport   Forums  ukuthi bakwazi ukuxoxa izindaba zokwakhiwa kwemigwaqo yasemakhaya ngendlela enobuhlakani ekwazi ukuthi ingadali ingxabano.  Bakwazi ukuthi indaba yokuthuthuka akuyona indaba yomnyango noma  ekaHulumeni  wonkani kodwa indaba yomphakathi wonke.

Isikhulumi  And  laba  bama-Transport   Forums  kube  amakomiti  okuyiwona aqinile abonisa ukuthi sekuhanjwa ngentando yeningi ngempela manje.
 [ ikhasi 67 umugqa 14ukuya 21]

Mnu T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Sihlalo kukhona okungihluphayo engicabanga ukuthi uSihlalo uzokuqondisa njengoba uMhlonishwa  u-Minister  uNdebele kade ekhipha  ibhajethi  yakhe ngifuna ukubuza ukuthi yini indaba  i-ANC  ingasekeli/ ingasaphothi   u-Minister .
 [ ikhasi 77 umugqa 24 ukuya 28]

INKOSI C KHAWULA:  Ngiyathokoza Baba.  Ngithi ake ngiphawule ngenkulumo kaBaba uNdebele.  UBaba uNdebele ucabange kwindoda ecabangayo kakhulu, okuyinsizwa ecabangayo kahle impela.  Kodwa namhlanje ngibona engathi uhlulekile ngoba singena sonke layindlini sekukhona  ophaphabheki .

Manje mina okungihluphayo ukuthi uBaba uNdebele akacabanganga kahle ngoba bekufanele lapha endaweni kaMhlonishwa uNdunankulu abeke isikhwama ayi  uphaphabheki .  NakoNgqongqoshe abe izikhwama kuthina Amakhosi abeke izikhwama ayi  ophaphabheki . [UHLEKO]

Manje uMhlonishwa uma ebeka  ophaphabheki  manje uyasehlisa esikhundleni sethu ngoba ngeke Inkosi ijikise  uphaphabheki  fanele ngiphume nesikhwama.  Futhi  lababase-Gallary  bazohamba nesibonelo esingesihle sokuthi babone Amakhosi enikwa  ophaphabheki .  [UHLEKO]

Okwesibili Mhlonishwa, ngizwile uphawula ngemigwaqo lana.  Ngithi nami akengiphawule ngesimo saseMzumbe lapha eMakhosini awu-22, umgwaqo ophuma  e-Port Shepstone  unqamule uye  St Faiths  uze uyofika eXopo mncane umpintshene kakhulu Mhlonishwa.  Siyacela ukuba usibonelele Baba noma  izimali  zingekho uke uwucabangele uMzumbe umuzi omkhulu impela.

Kanti futhi umgwaqo osuka  e-Park Rynie  uhambe uyekhona le phezulu koXopo futhi nawo mncane Baba usibonelele kuwona kuhlale kuvela izingozi eziningi kanti kunabantu abaningi ngoba...

INKOSI C KHAWULA:  Siyisizwe esikhulu Baba.  UMzumbe lapha  e-South Coast  iwona muzi omkhulu kunayoyonke imizi, ngakho-ke wohlala uwucabangela Baba uMzumbe  e-South Coast , wohlala uwucabangela.  Manje lapha eMzumbe sinaMakhosi awu-22 kodwa Baba ngiyacela ngoba sengakuncenga kaningi ngithi ngicela uke uye eMzumbe ngiyacela ukuye eMzumbe uyodla amadumbe eMzumbe.  Uhambe uye eMzumbe Baba uye emhlanganweni yaMakhosi, khona Amakhosi ezobeka izikhalo zawo Baba kuwena.  Mina nje engiyilunga lala angiseyilutho eMakhosini.

Usihlalo/ THE CHAIRPERSON :  Kulungile/ Okay  ake siyilaleleni Inkosi bakwethu.  

INKOSI C KHAWULA:  Ake uye khona Baba uyozwa izikhalo zaMakhosi angive ngincokola ngalento engikhuluma ngazo ukuthi angiselutho mina eMzumbe ngoba ngingumuntu oyisehluleki ngathunywa Amakhosi  athi mangizokucela kodwa awufiki sesize sehlika isithunzi sami.   Angiboni ngiyobuyela ngo-1999 ngoba uyangilimaza ngokungezi eMzumbe ngilinyazwa uwena awufuni ukuza eMzumbe.  EMzumbe ulindelwe Baba.  [UHLEKO]

Ngicela mawungibonelele uye eMzumbe khona kuzobuyela  ukwethembeka kwami eMakhosini eMzumbe.  

Umngcinisihlalo  THE CHAIRPERSON :  Ungabanaki Ndabezitha qhubeka.  

INKOSI C KHAWULA:  Mhlonishwa umsebenzi wakho owenzayo muhle kakhulu.  Siyezwa la kumabonakude kukikiza omame ezindaweni lana.  Nakithi eMzumbe bakhona omama futhi bahle kakhulu kunalaba oya kubona ngoba laba base duze kolwande. [UHLEKO]

Awuyekhona lapha eMzumbe uyozwa izikhalo zoMzumbe nathi omama sinabo.  UMzumbe wawungeke ubekhona uma kwakungekho abantu ukhona nje ngoba kukhona abantu, iya kubantu baseMzumbe.  Nomama abahle bazobuya bakukikizele.

 THE CHAIRPERSON :  Inkosi isisalelwe imizuzu emibili.  

INKOSI C KHAWULA:  Basulwa ulwandle bamhlophe nke.  Ngiyathokoza Baba. 
 [ ikhasi 86 umugqa 34- ikhasi 88 umugqa 30]

Uma ngiqhubeka, ngiqhubeka ngithi uma sikhuluma ngalomnyango sikhuluma ngomnyango okhombise ngokusobala ukuthi ukuhlupheka kwabantu uyakwazi lakukhona.

Ukuhlupheka kwabantu akusukanga emoyeni, kodwa kwasuka ezindaweni lapho behlezi khona.  Kwase kuthi ngalokho kwenza uma ngabe  uHulumeni  ophethe manje wabantu abamnyama abalwile balithola izwe, babuka zonke izinto ezithinta imiphakathi eyahlukahlukene.

Ngakhoke uma kukhona abantu abanjenge- Minister   ye-Transport  namanye  ama-Minister  akwazi ukubuka izinto zabantu, akubone kubalulekile ukuthi ukuze kubekhona intuthuko ebheka phambili makube khona isingqala sizinda noma izinto ezithize ezenziwayo ezenza ukuthi abantu bazi ukuthi lezizinto ukuba  uHulumeni  owayekhona ngalesosikhathi ukuba  wayevotelwa  ibona ngabe lezozinto zabakhona.

Sibuka imigwaqo eyakhiwayo manje ewela imifula nemifudlana. Ehlanganisa amagquma nezintaba eyenza ukuba abantu bakwazi ukuxhumana.  Kuthi  izikole  ebezingaphesheya komfula zikwazi ukudonsa abantwana abebengale komfula noma izulu lina bakwazi ukuwela.  Kwakhiwe  amabriji  ahlanganisa lemindeni.

Abanye abafuna ukulima lapha esizindeni emifuleni phansi lapha babenendlela yokulima ngoba kunemigwaqo eseyakhiwe eyakhona.

Uma ngidlula lapho ngithi akugcinile lapho, kuthe ngokubukela ukuthi ngeke lokho kwenzeka umangabe izinto ezibalulekile ezinje  ngama-Transport Forum  azokwazi ukuthatha ahlanganise abantu abaphuma ezindaweni ezahlukene, noma ezigodini ezehlukene, bakwazi ukuza nezidingo zabo bazibeke phansi bakhulume ngazo.  Babone bahlukanise ukuthi iyona yiphi indawo yokuqala engase ithi umnyango usuyikhiphile  imali  ukwazi ukuyisebenzisa ekwakhiweni imigwaqo.  Loko bakubeke kwaba sobala kwaqala kwasetshenziswa.

Namhlanje sibona  amabhasi  ehamba lana okungakaze kuhambe khona  bhasi .  Sibona  itekisi  lihamba lana okungakaze kuhambe khona  tekisi .
 [ ikhasi 94 umugqa 5- ikhasi 95 umugqa 2]

Mnu N E MAGUBANE:   uHulumeni  wobandlululo lo uMahlobo lona aqeda ukukhuluma ngawo umkhulise ngendlela embi yokwazi ukuthi  oBasi  bangcono.  Kanti thina la sithi abantu bonke bayafana banelungelo kulomhlaba.  Sidinga ukuba abantu bakwazi ukuthi umnotho wezwe bawuthole ngokufanayo baphile impilo efanayo angabibikho umuntu obukela phansi omunye.

Sidinga isimo lapho abantu bazi ukuthi ikusasa labo alikho komunye umuntu likuyena uqobo, ngoba  uHulumeni  uthi zisize wena ukuze nami ngiqhamuke ngikwelekelele ekukusizeni ukuze ube into ebonwa izwe kusasa.

Noma ngabe kunjani noma bangakubiza ngakuphi iqiniso liyaziwa lapha endlini ukuthi obani abanini bayoyonke lento.  Obani obadala ukuba sibe layindlini.  Obani abadale ukuthi wonke umuntu avuke azi ukuthi izwe aliselona lelalizwe leminyaka eyadlula.

Sithike sidinga ukuthi lapha endlini sibe nabantu abanokukhanya, nokwazi ukuthi uma belapha bamele imindeni yabo nokuthi bathuthukise izwe labo libheke phambili.  Bazi ukuthi izindawo zakubo azithuthukile ngoba kwakunesimo esibi esasicindezele umuntu omnyama.

Sithola namhlanje  i-Minister  yethu iphethe yonke inhlobo yesikhali ehlomele ukuthi umuntu wonke makakwazi ukuthi athathe isikhali esifanele umsebenzi awubonayo odinga wenzeke, ukuthi athathe isikhali aye kulowomsebenzi ayowenza.  Angabheki ukuthi osibani bani abafanele ukwenza lowomsebenzi, ithuba linikezwe noma ubani.

Sithike siwu lo  Hulumeni  okhona ophethe sithi sidinga ukuthi wonke umuntu asukume ame ngezinyawo abalwe ekutheni isimo somhlaba  se-South Africa  sinentuthuko, kunemigwaqo, kunayoyonke into, abantu abanganikeziwe amathuba njengabantu abamnyama kudalwe izindlela zokuba labobantu bavezwe obala banikezwe ithuba lokuba nabo ngelinye ilanga babe ngabantu ababalwa ekuzabalazeni ekwakheni  i-South Africa  entsha.

Sikuyona  i-South Africa  entsha kodwa iyolokhu ibizwa ngegama lokuthi yintsha uma singenawo  ama-Minister  anjengalawa esikhuluma ngawo manje ukuthi lezinto eziyisidingo zabantu okufanele abantu bazenze bazithuthukise bona uqobo aziyukwenziwa uma kukhona abantu abasathi ngeke sikwenze lokho ngoba asibabonanga  oBasi  bethi  o-Verwoerd  bekwenza.

 U-Verwoerd  wayengazange abe la ethi uzosiza wena wayeyosiza abakubo.  Ngakho lelithuba esinalo manje sithi  i-Minister  uma ngabe isebenza ayingabuki emuva ukuthi ilandelwa obani ayazi ukuthi bakhona abantu abanjengathi esiyilandelayo esifuna ukubona ukuthi imiphakathi esisuka kuyona, nesingasuki kuyona iyayithola impumelelo yokuba zonke izinto zenzeke.

Abantu laba basemakhaya abahlezi bekha imbuya ngothi njengoba kade ngishilo, kuqala akuyuba khona ukukha imbuya ngothi uma ngabe zonke lezinto njengoba  i-Minister  izama ukuveza amathuba ezinto ezahlukahlukile ezidinga ukuba abantu abacabangayo nabafisela ukuthi yonke imindeni ibe nezinto ezenzayo ikwazi ukubatshela lababantu ibanikeze ithuba baqeqesheke ekutheni lezizinto zibe intuthuko eyakhayo ibe nekusasa lawowonke umuntu.  Ngiyabonga Sihlalo.
 [ ikhasi 95 umugqa 21- ikhasi 97 umugqa 15]

Mnu W U NEL:  Mhlonishwa Sihlalo, nami ngifuna ukumbongela uMhlonishwa uMnumzane Magubane ngalenkulumo yakhe ekuthiwa  i-Maiden Speech .  Ukhuluma njengomunye ojwayele ukukhuluma kulendlu uma ngimlalela.   And  ngifuna ukubonga futhi ngalendaba ayiphakamisile ngokuthi amathuba avela kakhulukazi uma sekungena imigwaqo emphakathini.  Amathuba avelela umphakathi osondelana nomsebenzi  esemadolobheni  nezinto ezikhona kodwa avelela futhi nama- SMME  athola umsebenzi uma kwakhiwa lemigwaqo.

Ngibonga futhi ukulalela uNgqongqoshe uMhlonishwa uNdebele ekhuluma indaba yalomgwaqo ozokwakhiwa  nge-SDI .  Masesifika  ngase-Ponta do Ouro  ngiyathemba ukuthi nabantu bakhona bazojabula ngamathuba avelayo.

Kodwa nathi sizojabula uma sithola ithuba lokuhamba ukuyobana lento eyabonwa uJeqe ebuThonga. [UHLEKO]
 [ ikhasi 97 umugqa 22 ukuya 38 ] 

Isikhulumi USiyabakhumbula  project  iwona owenze ukuba kufe abantu abaningi.  UMhlonishwa Ndebele unguMzulu uyazi ukuthi abantu abaleleyo abasoze bakhunjulwa ngolamthuthu, lezinkukhu lezi ezithengwayo, kanye  nama-finger   lunch .

Ngakho ngithi mina kuzozonke izimpumelelo ezenziwe nguMhlonishwa kodwa lena yokuvusa abantu belele bese begumbuqa   izimoto   zethu bese kudaleka ezinye izinhlekelele zezingozi.  Abangakhunjulwa abantu ngumnyango, mabakhunjulwe imindeni nezihlobo zabo.  Kodwa ukuba umnyango uxambukele ekukhumbuleni abantu asebashona kube ishwa elikhulu kulesi Sifundazwe.

Bengingacela ukuba singaphinde sibuye siyixoxe lendaba ngoba idala isimo esingasihle neze emphakathini.  Udaba lwabantu asebedlule emhlabeni akufanelwe liphathwe budedengu.  Umuntu wakwaGwala owafa engozini  yemoto  akasoze akhunjulwa kwaNdebele.
 [ ikhasi 109 umugqa 5 ukuya 21]

Mnu M B GWALA: ( Leader of the House ):  Mama Sihlalo, ngifuna ukusho ukuthi angiqondise kumuntu kodwa ngiyasho ukuthi angifuni ngiyakhuluma kukhonkotha isimaku akekho engiqondise kuyena la.  Nakusasa futhi angifuni ngiyakhuluma kukhonkotha isimaku, angiqondise kumuntu.
 [ ikhasi 110 umugqa 1-5]


1.	ISINGENISO

Njengesingeniso ngifisa ukunikeza amalunga ulwazi mayelana nezinguquko ezenzeke ngo-1997 nasekuqaleni ka-1998.  Nokuveza izingqinamba esibhekene nazo nesisazobhekana nazo ngenkathi senza umsebenzi wethu wokufinyelela esilinganisweni ngokulungisa lapho okufanele khona.  Kanye nokwenza ngcono isimo ngaphakathi enqubeni yethu.

1.1	UKUVUSELELWA KWEMISEBENZI YEMFUNDO NAMASIKO ESIFUNDAZWENI

1.1.1	ISIKHUNDLA SOBUNGQONGQOSHE

Ekwenzeni imisebenzi ebalulekile yokuhlinzeka imfundo nemisebenzi yezamasiko emphakathini  KwaZulu-Natali .  Nesibopho sokuthuthukiswa, ukuhlanganiswa kwezemidlalo zangaphandle  kwasezikoleni  nezamasiko, imisebenzi  yeminyuziyemu , izikhumbuzo, imitapo yezincwadi zomphakathi, nezikhungo zemfundo kanye nemisebenzi yezilimi, nemibhalo yakudala elondoloziwe.

Ukumiswa nokuhlelwa nokuphathwa kwalesisikhundla sobuNgqongqoshe kube umsebenzi obanzi owaphazanyiswa ekuqaleni ukuphendula  kweKhomishana  yezisebenzi zesiFundazwe.  Kwathi kamuva kwaba izinkinga  zezimali  zona ezamisa ukuqasha, ukuqeqeshwa, kanye nokuhlinzekwa kwempahla yokusebenza.

1.1.2	UMUMO WEZISEBENZI NESAKHIWO

Ngokuhambisana nezinqumo zesiFundazwe zokwehlisa izindleko zezisebenzi.  Umumo wezisebenzi nesakhiwo soMnyango weMfundo namaSiko akuphelele.  Kube nokuqasha okubalulekile esigabeni sabaphathi futhi lokhu kumbandakanya lokhu okulandelayo eNhloko- Hhovisi :

Kubekhona ukuqashwa kwalaba abalandelayo eNhloko- Hhovisi  noma  e-Head   Office  ngesilungu:

	 Dr  M A M Jarvis		:	Unsumpa-Jikelele
	UMnu L T Mbatha	:	Umqondisi:Izinhlelo zeMfundo
	 Dr  G B J Ndlela		:	Umqondisi: Ezemidlalo nokungcebeleka
	UMnu H Ntshangase	:	Umqondisi: Ezobuciko namaSiko 
	 Dr  H IKHASI Gumede		:	Umqondisi: Imisebenzi  yeSayikholoji  Ukwaluleka Nemfundo  eyisipesheli  
	UNkk S Nzimande	:	Umqondisi: Imitapo yezincwadi yeMfundo
	UMnu IKHASI Z M Msibi	:	Umqondisi: Imisebenzi yezokuxhumana ezobudlelwana oMphakathi nezeziLimi
	UMnu J Coetzer		:	Umqondisi: Ukuhlelwa kwezakhiwo

Ukuthuthukisa kweziFunda kukwazile ukuqhubekela phambili ngokuqasha kwabaqondisi, nokuhlinzekela imisebenzi yokwelekelela kanye nezokuphatha ezifundeni eziningi.  Kungaba into encomekayo ukuphawula ukuthi  63,6%  wesigaba sabaphathi, ngabantu abamnyama  abangama-Afrika .  Kodwa ukumeleleka ngobulili buncane, abesifazane bangu 9,1 kuphela abesigaba sabaphathi. 

Umnyango ukhathazekile futhi usafunda ucwaningo ngokulinganisa ngokobulili ukwenzangcono isimo.  Kungashiwo ukuthi abebeqashiwo besifazane bazenqaba izikhundla ezisezingeni lokuphatha oLundi.  Ukuphatha kusesimeni esibucayi nakuba uhlelo lokufakwa kwezisebenzi ezindaweni zazo selenziwe futhi kwakhona nokuthutha kuyiwa eziFundeni.

Ukushiya kwezisebenzi ngohlelo lokuzikhethela kuya kweminye iminyango, nangokwesula emsebenzini sekwenze kwaba nobuthakathaka ekwenzeni umsebenzi ngokugculisayo.  Ithimba lophenyo kubandakanya ochwepheshe abalulekayo selibukeze ukwazi ngesiFunda ngasinye ukwenza imisebenzi nokuthi imisebenzi ethile ingaphathwa kangcono yini eNhloko- Hhovisi .

 Ikomiti  lobuNgqongqoshe  Lezimali  lincome ukuba izigaba zemisebenzi yokucwaninga  kwamabhuku   ezimali  kwangaphakathi nokugcinwa  kwamabhuku   ezimali  maziqiniswe futhi lesisicelo singezinye zezinto ebeliphenya ngazo ithimba lophenyo.  Kube nokuphawula kwabezindaba ngobuningi ngokweqile kwezisebenzi  zikaHulumeni  futhi ngifisa ukukuphika lokho kulomnyango ukuthi kukhona ubuningi ngokweqile kwezisebenzi.

Izibalo zomnyango kaZwelonke wemfundo ziveza ukuthi  imali  esetshenziselwa umfundi ngamunye kuyona yonke iminyango yemfundo ngamakhulu amabili namashumi amabili  no-seven  (R227.00) uma ubuka  e-South Africa .  Kodwa esetshenziswe emnyangweni  waKwaZulu-Natali  amashumi ayisishagalombili nesishagalombili (R88.00) enganeni ngayinye.

 Okuyimali  encane kakhulu kunayoyonke eminye iminyango yemfundo.  Uma ubala  imali  esetshenziswa ekuqasheni abantu abasenza emnyangweni ungabahlanganisi  othisha   i-avareji  la  e-South Africa  iwu-R227 kodwa la emnyangweni  waKwaZulu-Natali  u-R88.00.

1.2	IZISEBENZI

1.2.1	UKUNCISHISWA KWESIGABA SABAFUNDISAYO

Ngokusho kwesivumelwane nomnyango  wezezimali  nangokusho kwesinqumo  seKhabhinethi  umnyango kwakufanele uqhubeke nokunciphisa isibalo sabafundisayo.  Uhlolo lwesikhashana lwasungulwa lapho isivumelwane  zothisha  besikhashana abaqashwa kusukela ngomhlaka 1  July  1996 zazizophela khona ekupheleni kuka- March  1998.

Abanye  balabothisha  bazophinde baqashwe futhi ukuze  izikole  zikwazi ukusebenza ngokweziqondiso zokuthi  uthisha  ngamunye abhekane nezingane ezingu-35  ezikoleni   ezingamasekhondari , nezingane ezingu-40 ngamunye  ezikoleni   ezingamaphrayimari .

Njengamanje ukongiwa kwezikhundla ezingu-2863 sekufeziwe.  Amazinga avunyiwe kusadingeka ukuba asungulwe eNgosini yoMkhandlu kwezobudlelwane nezezisebenzi zeMfundo.

1.3	UKUHLOLWA KWABAFUNDI

Kuyintokozo enkulu nenkululeko ukuthi ngibike ngokuhlolwa  kukaMathriki  ngo-1997.  Ukuhlela okubanzi kanye nokubheka ngesolokhozi kwaholela ekuqedweni kokuputshuka nezinye izindlela zenkohlakalo ezazichaphazela ukuhlolwa kwangango-1996.

Ngidlulisela ukubonga kwami ezikhululwini kanye  nakothisha  ababenesikhulu isandla ekuqhutshweni kokuhlolwa ngaphandle kwezinkinga.  Nakuba izinga  lokuphasa  jikelele  lika-54%  lalingajabulisi kusinikeze umuzwa oyiwona wona nesikutholile.   Manje sekufanele sisebenze ukwenzangcono.

Uma siqhathanisa nezinye iziFundazwe izinga lethu  lokuphasa  laba ngelesithathu kwaphezulu.  Kodwa ngenxa yokuthi ukusekwa  kwezimali  kumfundi ngamunye kungokwesishiyagolumbili phansi, sakwazi ukuveza imiphumela ehambisana nokongiwa  kwezimali  ephambili ezweni lonke.

Lapha lombiko wabhalwa kungakafiki umbiko ophuma emnyangweni wezemfundo kaZwelonke oqeda kufika nje osubeka isiFundazwe  saKwaZulu-Natali  ekugcineni manje ezifundeni zonke ezabelwe  izimali   e-South Africa .

 IKwaZulu-Natali  isingeyokugcina uma ubala ukwabiwa  kwezimali  -ngengane la  e-South Africa .  Phezu kokuba  iKwaZulu-Natali  kuyiyona enezingane eziningi kunayoyonke iminyango lapha  e-South Africa .
 [ ikhasi 121 umugqa 22- ikhasi 125 umugqa 26]

 DR  V T ZULU: ( Minister of Education  and  Culture ):  

1.4	IZINGUQUKO

Isidingo soguquko olubonakalayo oluseqophelweni eliphezulu noluphathekayo ngokuguqulwa kwezindlela zokuphatha, izinhlelo zemfundo, ukuqeqeshwa kwamakhono, izidingo zamasiko nezemidlalo kanye nezimo zempahla  ezikoleni  kanye nakwezinye izikhungo kungumsebenzi womnyango wami.

Isu elihleliwe elinomsebenzi omkhulu nobanzi selitshengise izinguquko ezifundeni futhi impumelelo yesiFunda neziFunda ezincane ibalulekile.  Imisebenzi yokuqaliswa kwemigomo kufanele wenziwe kulezizigaba; amandla  ezezimali  ehliselwe ezifundeni futhi isidingo sokufeza izidingo zezinguquko nokulinganisa fanele nakho kwenziwe kuleli izinga.

 Othisha  kade bethuthukiselwa uhlelo olusha lwezifundo, kodwa ukukwazi ukwenziwa kwemisebenzi yokweluleka ezifundweni eziningi kube kuncane.  Ukuqashwa kulonyaka komqondisi izinhlelo zemfundo kuyosiza kakhulu empumelelweni yokuqaliswa kwezinguquko zezinhlelo zezifundo.

Uhlelo olunzulu seliholele ekukhethweni kwemiGwamanda eyangamele  izikole  zomphakathi.  Uphiko lokuqeqeshwa kwemiGwamanda eyangamele  izikole  kade liqeqesha amalunga emiGwamanda eyengamele ekuphathweni  kwezimali .  Umgomo wokunikeza amandla imiphakathi  yezikole  ukuba yenze izinqumo ezintweni eziningi ezibalulelike nokuyinikeza umqondo owodwa wobunikazi uyaqaliswa.

Imithetho nqubo isimenyezeliwe ukuze kusungulwe ngokomthetho imiGwamanda yemikhandlu yeziFunda, nomkhandlu wemfundo.  Kwethenjwa ukuthi lemiGwamanda iyobamba elikhulu iqhaza ekuthuthukisweni kwemfundo kulesi siFundazwe.  Nokuthi izwi labantu abaningi liyozwakala kunokuba kube amaqembu akhethiwe akhulume kakhulu ukuze kuvikelele amalunga awo wodwa.

Umnyango uzamile ukuyibukeza konke okuphokophele ngokusho  kwesitatimende  senhloso esiguquliwe futhi wethemba ukuthi ababambe iqhaza eMkhandlwini wemfundo bayolekelela ekubunjweni  kwesitatimende  senhloso esamukelekile jikelele.

 Isitatimende  senhloso somnyango ilesi:

Inhloso yethu ukwenzangcono isimo sokufunda ngokuthuthukiswa kwenqubo yemfundo enempumelelo.  Ekhuthaza ubuchwepheshe bobungcweti kanye nokusebenza ngempumelelo ekuphatheni.  Futhi okuthi ngezinguquko ilethe ukulingana ekuhlinzekweni kwemfundo.

Lokho kuyokwenzeka kanje:

	*	Ngokudingida izindaba zenguquko ukulingana njengalokho kushiwo kumthethosisekelo.
	*	Ukukhuthaza isiko lokufundisa nokusebenza.  
	*	Nokukhuthaza iMfundo yoxolo amalungelo eSintu nenqubo yentando yeningi.
	*	Ngokuthi sizinikele emqondweni woBuntu sigxile kakhulu ekunakekeleni nasekuhlonipheni.
	*	Ukukhuthaza ukuphatha okuyikho njengalokhu kushiwo ezinhlelweni  zeBatho Pele .
	*	Ukuphatha okuhle, kanye nokuthuthukiswa kokuphathwa kwemfundo.
	*	Ukuhlinzeka abafundi ngemfundo eseqopheleni eliphezulu elihambisana nesikhathi eyobahlomisa ngamakhono okubhekana nenselelo nezidingo abayobhekana nazo.
	*	Ngokuhlolwa nokuvivinywa ukuhlinzeka kwemfundo ngenhloso yokubukeza njalo-njalo.
	*	Ukubhekela nokufanele izidingo zabafundi,  othisha , abazali, imiphakathi, nezendawo yomsebenzi.

Sekubhekelwe inqubo yamazinga okwesekwa  ngezimali   kwezikole  asadwetshwa ayoba isisekelo somthetho nqubo kaZwelonke.  Futhi sekwenziwe imizamo yokwaba okunye ukwesekwa  kwezimali  kubhekiswe kwabampofu kakhulu  abangu-40%  emiphakathini yethu.

Ngifisa ukuzwakalisa ukubonga kwami ezinhlanganweni ezizinikelayo, nasemazweni angaphandle, nakubaseki  bezimali  abalapha ngaphakathi abasilekelelayo.  Noma obazosilekelela kuwo lonyaka.  Laba babandakanye  noHulumeni   wase-Netherlands ,  Danaid, USAID ,  World Bank ,  National Business   Initiative , kanye  neKwaZulu Natal   Development   Trust  (okwakukhona phambilini  iBilliton ,  Denel ,  Zenex ,  ne-Transnet ).  Lapha ngibala izinhlangano ezizama - kukhona isikhwama okuthiwa  i-Trust .

Izinhlangano ezesekwe  nguHulumeni   nosomabhizinisi  bendawo banikeze usizo olubalulekile.  Lolu akulona uhlu okuqukethe konke kodwa luyatshengisa ukuthi umnyango usebenzisa ezinye izindlela zokweseka  ngezimali  uma kubhekwa izingqinamba esabelweni sazo, njengoba isabelo  sezimali  sisincane nje uma sizosibheka uma sesiya ngasekugcineni.

1.5	IZINXUSHUNXUSHU

Kulonyaka kubenezinxushunxushu  ezikoleni  ezithile nemizamo yokudala iziphithiphithi ukuthi  uHulumeni  okhethwe ngentando yeningi uyalwisa uma ezama ukufeza izinjongo zokudala ukulingana nezinguquko.    izikole   ezithile ikakhulukazi lezo ezazingaphansi  kwe-House of Delegates  eThekwini sezihlangabezane nezinxushunxushu nokuvalwa okungekho emthethweni ngenxa yezenzo  zothisha , abazali, nabafundi qobo kwezinye izikhathi.

Ithimba lomsebenzi  Tusk Team  labunjwa  iKhabhinethi  ukucubungula izindaba zezinxushunxushu nokuhlanganisa izicelo.  Kwasekuthi iqembu elincanyana kumbandakanye Unsumpa jikelele lanikeza umsebenzi wokuhlanganisa izimpendulo zezicelo ezenziwa.  Isimo   sezimali   sabekwa sacaca njengoba sinjalo kuleliqembu.  Imibhikisho ngaphandle  kwase-International   Conference Centre  eThekwini ngenkathi kunenggqungquthela yoNgqongqoshe bemfundo  base-Africa  yaba imbhibizane kubabhikishi ngoba oNgqongqoshe baphawula ukuthi ukuvikela kwamalungelo edlanzana akwamukelekile kunoma iliphi izwe  lase-South Africa .

1.6	IMFUNDO NAMASIKO KULWISANA NOKUKHWABANISA NENKOHLAKALO.

1.6.1	Iphiko lokucwaninga  amabhuku   ezezimali  kwangaphakathi luyisandla esibalulekile somnyango esisiza ekubhekeni ukuthi zikhona izindlela zokuqapha zangaphakathi ukuze kuhlakulwe ukukhwabanisa nenkohlakalo emnyangweni.

1.6.2	Yize loluphiko lunezisebenzi ezingenele selibe nenkulu inqubekela phambili ekuvumbululeni ukukhwabanisa nenkohlakalo.

1.6.2.1	Uphiko lwalandela isu lokuphenya  ngezitifiketi  mbumbulu ezalethwa  ngothisha .  Zingaphezulu kwekhulu   izitifiketi   eseziqinisekiwe ukuthi   izitifiketi   mbumbulu.   Othisha  abayishumi nesikhombisa sebethwesiwe amacala okwelelesa.

Abanye babo bazovela  enkantolo  ngaphambi kokuphela  kuka-May  1998.   imali  yomholo eyakhokhelwa  othisha  abayishumi nesikhombisa kuphela kungafanele ngenxa  yalezitifiketi  mbumbulu isibaliwe yonke kwatholakala ukuthi iyisamba esiwu-R720 225.22.     lemali i   yomholo izobuyiswa ithathwa  kothisha  abaqondene  kulabothisha  ababanjiwe.

 Izitatimende  ziyenziwa ukuze kuvulwe amacala ezehlakalo ezisasilele.  Ithimba lophenyo lwabacwaningi  mabhuku   izimali  ngaphakathi lizohambela zonke iziFunda ukuze kusishulwe lenkohlakalo ebiza umnyango izigidi  zamarandi .

1.6.2.2	Kwavunjululwa inkohlakalo yokukhokhelwa  kwezimali  zomfundaze kulonyaka isamba esingu-R675 000.00 sabuyiswa sivela  ekolishi  eliqondene.

1.6.2.3	Kwavunjululwa ukukhwabanisa okumbandakanye ukulethwa kwempahla nokwenziwa kwemisebenzi lapho  imali  okufanele ikhokhwe yayikhuliswa bese kuthi  amasheke  athunyelwe emakhelini angafanele, ebese efakwa emagameni  amakhawonti  okungesiwo lawo abhalwe  emashekeni .

		Isamba sesisonke esimbandakanyekayo sasiwu-R552 077.00.  Sekwenziwe isibizo  senkantolo  sasiwa kulelibhangi elalenza  amasheke  abhaleke ngaloluhlobo.  Izehlakalo ezingenhla zibikiwe  emaphoyiseni  ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

1.6.2.4	Ukukhwabaniswa  kwemali  yezibonelo zabathenga imizi okulinganiselwa esambeni esiyisigidi nezinkulungwane ezingamashumi  awu-seven  namashumi ayisithupha nanye namakhulu  awu-seven  anamashumi  awu-eight  nesithupha ekuvunjululiwe futhi nophenyo luyaqhubeka.  Inkokhelo engafanele iyobuyiswa ivele kwabayemukele kanti laba ababesesandleni kulenkohlakalo bayobhekana namacala  ezinkantolo  zamacala okulwelesa.

Baba Somlomo, ngizizwa ngiphatheke kahle uma ngifunda lombiko wami ngiwufunda ngesiZulu futhi kube kuyi- Africa Week  kulelisonto.  Manje ngikhululekile ngoba futhi umbiko wami ngiwenze ngazozonke izilimi  nangesibhunu , nangeSizulu, nangesingisi ngakhoke amalunga  ePhalamende  ayafunda afunda lana ethanda njengoba ngikhuluma nje.

Sengiyashintsha ke futhi manje ngoba sengiyathanda ke futhi manje. 
[ ikhasi 125 umugqa 34- ikhasi 128 umugqa 10]

Mnu V C XABA:  Ngiyabonga Mphathisihlalo, ngibonge onke amalunga  e-Portfolio   Committee   ye-Education , ngibonge nenkulumo isindlalwe ngaphambi kwethu uNgqongqoshe wezemfundo.  Ngiphinde Mphathisihlalo, ngingakhohlwa ukubonga usizo esilinikezwa  ama-officials   e-education  uma senza umsebenzi wethu.

Mphathisihlalo, ngizonxusa ukuba ngibeke amazwana ambalwa ukuthi lezizinkinga esizithola sikuzo njengamanje kwezemfundo izinkinga ezaqala eminyakeni engaphezu kwamashumi amane adlule Isikhulumi.

Bayazi okuyibona abayimbangela yalezizinkinga esizothola sikuyo  kwa-education ,  And  asikakaphumi kulezozinkinga sisekuzona.  Okuyikona esisakwenza ukuthola ikhambi lokuba siphume ezinkingeni ubandlululo olwasinikeza zona.  Lezizinkinga esizitholayo kwezemfundo Mphathisihlalo, izinkinga ezitholakala ngasohlangothini lwezakhiwo ezikhona phakathi  kwezikole  zabamnyama,  nezikole  zabamhlophe,  nezikole ,  nezikole  zakwezinye izinhlanga.

Izinkinga ezikhona ekwabiweni kwabafundisi kanye nalaba abaqashwe ukuba basize  ezikoleni , othola ukuthi ukwabiwa kwazo akulingani  kunezikole  lezi ezikade zibandlululiwe.  Esikutholayo Mphathisihlalo, ukuthi izinga lokufundisa lehlile kakhulu.  Umdlandla ngasohlangothini lwabafundisayo lwehlile ngokunjalo ukwengamelwa kwezemfundo kusezingeni eliphansi elibabazekayo kanye nesizathu sokuthi abazali abalibambile iqhaza okufanele engabe balibambile emfundweni yabantwana babo.

Ezinye izinkinga esinazo Mphathisihlalo, ukugcwala ezindlini zokufundela.  Kwezinye iziFunda ezincane  amadistrithi  uthola ukuthi abantwana  ekilasini  baningi  uthisha   ngothisha .  Kwezinye izindawo  izikole  okufundiselwa kuzo akekho okwazi ukufika kuzona kuhluleka ngisho  ama-four by four .
 [ ikhasi 138 umugqa 3 ukuya 34]

Mnu V C XABA:  Mphathisihlalo,  I felt I wanted to mention that.  Lastly , ngifuna ukusho ekugcineni ukuthi inkinga ebesikade sinayo kwezemfundo inkinga edinga ukuthi sonke sihlangane ngaphandle kokuthi kubekhona  uku-aphoshinala   kwama-plans   you know  ukukhomba omunye omunye abe evikela iso lakhe.  Lokho singakwenza  And  sikwenze  successfully   And  we can become victors in the Province of KwaZulu-Natal.  Thank you .
 [ ikhasi 142 umugqa 18 ukuya 23]

Mnu T F DINGILA:  Ngiyabonga  Madam Chair .  Kuyintokozo ukuba ngihlale ngilalele uMhlonishwa uMageba efunda uMageba ngendlela emnandi kangakaya.

Ndabezitha ulinyuse kahle namhlanje izinga lesizulu kusho khona ukuthi awuzisoli ngokuba umzulu.  Kuyadabukisa ukuzwa ukuthi sinikwe isabelo esincane kunazozonke iziFunda, kuhle Mhlonishwa ukuba babone bonke abalapha endlini ukuthi uma umuntu ekulesi siFundazwe noma kuyiphi  inyunyana , noma uyiliphi iqembu kuboshwa  ngabhande  linye nomzulu.

Ngizokhuluma ngokukhulu ukudabuka uma ngithi uMhlonishwa Bhengu owuNgqongqoshe wezemfundo kuZwelonke ongumfowabo kanangu uBhengu ilunga elihloniphekile elihlezi eduze kwami.  Akatshengisi ukuthi uyalwazi usizi asuka kulo lapha KwaZulu.  Wenzisa okwengane efundiswe unina ebamba  amatoho  egeza  ewasha  izingubo  zebhunu  ayifundise ingane igogode ithi ingasebenza lengane ishaye  isingisi  esiphuma ngamakhala ithi;  we have burnt the bridges behind us  isho unina ehleli emakhaya ethemba ukuthi ingane yakhe iyomthumelela  imali  kodwa ingane imphike ithi ayimfuni umuntu onuka  ifamu  emzini wayo  ose-La Lucia .

UMhlonishwa uBhengu uzikhohliwe unjengendodana yolahleko.  Mphathisihlalo, uma ngicabanga  imali  eyamuka nomfula ngenxa  ye-SADTU ,  i-SADTU  yaKwaMashu eyafika yakha ukuba  othisha  bakaMashu -bakha ugibe babulalana bodwa.  Ithe isuka babethi  izikole  azibe nonogada.  Mphathisihlalo, yonke  leyomali  yamuka nomfula.
 [  ikhasi 163 umugqa 30- ikhasi 164 umugqa 17]

Mnu. T F DINGILA:  Ngiyathokoza.  Mphathisihlalo ungixolele uma ngikhuluma njengomzulu kunesisho esithi; "Ukusuza koMnumzane kusulelwa ngomfokazana".  Ndabezitha, Mageba awuyena umfokazane wena okuzothi uma kusuza  i-Minister  kaZwelonke kusulelwe ngawe. [UHLEKO]

 I-ANC  iyazi ukuthi  izimali  zaKwaZulu zincane ngeke uyizwe ikhala ngokuthi eyibo  we-comrade  dedelani  imali  ize KwaZulu, ilokhu ikhala ngokuthi uMhlonishwa uNgqongqoshe uZulu. 
 [ ikhasi  165 umugqa 13ukuya 24]

Isikhulumi  Ma Afrika   sine-problem  akufanele  sipolitike  nge- education  yezingane zethu.  Ngokubona kwami ngibonile iningi khona abakhuluma kahle  from both sides .  

Ngokubona kwami kufanele sihlale phansi siyilungise lento ngoba phela imfundo yethu, imfundo yabantwana bethu iwukufa nokuphila.  Thina besinenhlanhla ngoba naphezulu nayi enye into uma ngase sihlale phansi siyixoxe.  Naphezulu  kwi-National  imfundo iphethwe abantwana balayikhaya, uMhlonishwa uBhengu, noMhlonishwa uNzimande.

Omunye nokho phakathi kwabo ayi akasenzeli lutho thina usijikijela ngamatshe, asijikijele ngamatshe kodwa bekufanele uma sibadala simbize sithi eyi mfana wasekhaya ake ubuye.  Yini ubusulwa nathi esikhundleni sokuba usisize.

 I really do sympathise with both Minister Bengu And Minister Zulu .   Yeh   ma Afrika ,  lama Afrika  anikezwe umsebenzi onzima   to run education without funds .  Njengoba eshilo  u-hon  Macingwana ngesinye isikhathi abantu laba abala  kwi-Province  bacabanga ukuthi  u-Minister  Zulu ileya nyoni kaDemane noDemazane okwakuthiwa; "Nyoni nyoni unyani, inyoni inya amasi", ayikho leyonto.

Abanye babheka uBhengu bathi njengoba elaphaya phezulu bangathi; "Nyoni nyoni unyani, inyoni inya amasi", ayikho  imali   ma Afrika  futhi akulona icala empeleni  laloHulumeni  phese wala wonke nophezulu.  [ ikhasi 169 umugqa 4 ukuya 29]

Isikhulumi Ake ngokuzithoba ngibeke lokhu ukuthi abelaphi bendabuko abangabheki ukuthi sebezosebenza ngokulingana  nodokotela .  Ukwelapha  kodokotela  kusimeme phezu  kwe-science  enzulu nejulile/ nediphile .  Ukwelapha kwendabuko kuncike emadlozini nasoholweni lwamadlozi.  Kodwa bobabili laba bayethenjwa futhi bayasetshenziswa umphakathi.

Ilokho okuhlanganisa lezizinqubo ezehlukene kangaka.  Ngakhoke kufanele kube nohlelo olwenziwayo lokusebenza ngokubambisana.
 [ ikhasi 203 umugqa 12 ukuya 19]

Kufuneka abasebenza phansi lapha ngivela khona angikhulumi ngento engingayazi bazinikele babenalokho ukuthi kodwa Nkosi yami uNgqongqoshe wami uma engaqhamuka ngenza lokhu angathini.   Not to do good when the Supervisor is around .  Angikhulumi ngento engingayazi ngasebenza ezibhedlela iminyaka ewu-30.
[ ikhasi 206 umugqa 21 ukuya 26]

Isikhulumi [The Speaker ?] Ngithi abantu bakithi badinga ukunikezwa inhlonipho nesithunzi akade bekhacakhacwa bengakutholi, akuthike manje uma sekukhona  uHulumeni  wabo bezwe bemukelekile, bezwe bethandwa, bezwe benakekelwe, babone impela ukuthi hawu nangu  uHulumeni  wethu.

Kuphele ukuthi ezisebenzini zethu kuthi uma kukhona okungekho bese kuthiwa ehe  uHulumeni  kaMandela akuphele lokhu bantu,   uHulumeni  wethu 
 [ ikhasi 207 umugqa 36- ikhasi 208 umugqa 5]

Isikhulumi [ The Speaker ?] Ngithi uMhlonishwa uNgqongqoshe nethimba lakhe lezikhulu awu basebenze kanzima kuleminyaka sisebenza nabo.  Unyaka nonyaka silokhu saqala ngo-1994 benze kukhulu ukwenza ngcono impilo yabantu nokunikeza ezempilo kubantu, siyababonga ngalokho.
 [ ikhasi  208 lumugqa 18 ukuya 22]

Isikhulumi [ The Speaker ?] Ngibona sengathi siyakushiya emuva ukuthi ake kululekwane phela ngike ngibone mina ngesikhathi ngisasebenza esibhedlela ubekadlule  uDokotela  athi kumuntu ophukile athi wobuye uyofuna umhlabelo.

Kubekhona odlulayo athi hayi uma ebona umuntu  ene-diabetics  hamba uyofuna  ibhodlela  wena khona kuzokwehla  ushukela .  Ngisho ukuthike lezizinto singama  Afrika  angangivumela uBaba laphaya, oh usehambile.

Nginokujabula  I was quite happy  uma ngizwa uSihlalo  wakwa-Health  lapha ekhuluma ngabantu abalaphayo ukuthi Izinyaga  ama-Traditional   Healers  kufanele phela makwenziwe imikhankaso nabo bathintwe kusetshenzwe kubanjiswane.
 [ ikhasi 211 umugqa 28 ukuya kukhasi 212 umugqa 5]

Isikhulumi [ The Speaker ?] Manje Baba Khabazela Mhlonishwa lunga elihloniphekileyo, zilambile izingane zakho zikuthanda kabi, ziyakuhlonipha awuzame ukuqhwanda  imali   itiye  nje.  Labantu bavuka ekuseni ngo-5:00 ngo-4:00 bephuthuma emsebenzi akukho ngisho  inkomishi   yetiye .  Uthi efika engena esibhedlela kuthiwa  another case  ebetheleka phezu kwakhe kuthiwa nangu uyateta phezu kwakhe.

Manje awuzame Khabazela,  That is a basic need .  Yaka- Maslow  ngiyacela impela nje.  
 [ikhasi  216 umugqa  19 ukuya 27]

Nkosikazi B S MOHLAKA:  Cha uKhabazela uzosizamela Mhlonishwa siyanxusa impela ezikhulwini  odokotela  kuthi abawe phansi.  Isikhulu sethu  u-Professor   Green-Thompson  esayisikhulu lapha ehlinza ubusuku nemini efundisa  e-Medical   School  wayethi uma engena  e-theatre  afike nanga  amasemishi , nali  itiye  athi thwi thwi  of course  ahlinze kulunge siyacela bandla.   I thank you , Isikhulumi,  And   I support the budget .   Thank you .
 [ ikhasi 216 umugqa 31 ukuya 37]

Isikhulumi [ The Speaker ?] Kulukhuni Sihlalo, kulukhuni malunga,  ePhalamende  ukuthi ngempela, ngempela siyaphi uma kunje siyakuphi umasinje siya ekucwileni yini noma sizontanta ngaphezu kwamanzi.  And  uma singantanta ngaphezu kwamanzi sizoba yini,  what will we do  siyokwenzenjani uma sintanta ngaphezu kwamanzi.

Alikho yini isu elingenziwa ukuthi kukhulunywe nabaholi bezinhlangano  zepolitiki   o-Dr  Buthelezi  o-Dr  Mandela kebahlanganise amakhanda kubonakale ukuthi alikho yini icebo elingenziwa ukuthi lesisimo sigezeke singasilimazi.

Khona manje Sihlalo sesisilimazile impela ezindaweni eziningi ngoba abantu sebekhuluma zonke izilimi ezikhona.  Esethembayo thina ukuthi uma uNkulunkulu ethanda uyosihlenga ngoba uma singahlengwangwa uThixo  than we have no hope .

Zonke izinto ezinhle siziphiwa uThixo  whether  uhlakaniphe kangakanani, noma  unemali  engakanani, noma ucebe kangakanani, kodwa  is only God that will save us out of any problems .

Ngiyacelake Sihlalo, ukuthi uma isimo  se-Health ,  i-health  iyonanto  ekhontrola  isimo somuntu.  Uma ulambile  ungenamali , ugula  than  uyayibona inkinga engaphambi kwakho ongakwazi nokuthi uzoyenzenjani leyonkinga, inkinga engaxazululeki.  Ngoba ekugcineni ugcina uhambile uyontshontsha, uboshwe, noma udutshulwe ufe. [UHLEKO]

Ngithi lezibhedlela Sihlalo, njengalapha  e-Poly  ` Clinic  ayikho yini indlela yokuthi mhlawumbe inganetshwa incane kangangoba ingangendlela yokuthi uma ngiyimema Indlu le ngiyicela ukuthi ake sihambeni siyobona lezindawo esikhuluma ngazo siyothola ukumangala  of the first order .

Ngoba okunye okuhle ukuthi lapho kukhona ukukhala nokugedla amazinyo sisukume siyindlu siyobheka lapho ukuthi ngempela yini okukhulunywa ngayo.  Yini ngempela okukhulunywa ngayo.

Baningi abantu abakhalayo futhi nokuthi kona ngempela  iPhalamende  siyolibona nini kanjani - mhlawumbe bona abantu bazikhulumele ngoba babona ukuthi asikhulumi loko abakufunayo sikhuluma okwethu esikuthandayo.

Akunjalo Sihlalo, ngasosonke isikhathi esisenzayo sike sizame ukukhuluma lokho esesikuthunywe ngabantu ngoba umsebenzi wethu ungabantu.  Sihlalo, sasicindezelekile iminyaka engamashumi amathathu saphuma sangena enkululekweni kodwa kuyamangala uma nasesikhathini senkululeko kusenezinkinga ezifana nalezo ezazenzeka sicindezelwe  uHulumeni   wama-Nationalist .

Ngiyafisa Sihlalo, ukuthi indlu yethu ihlale emthandazweni ikwenze lokhu kube impumelelo ukuthi sibone ngempela ukuthi inkinga yethu ngempela iyaxazululeka.  Ngoba uma ingaxazululekanga lenkinga kuningi okunye okuzokonakala.
[ikhasi 222 umugqa 36- ikhasi 224 umugqa 10]

Mnu G E BHENGU:  Ingakho Sihlalo, ngithi  ngiyamwonisha   uHulumeni  omkhulu ukuthi isitimela singacwili, uma sicwila isitimela kubizwa bonke  onjiniyela  kuhlalwe nabo phansi kukhulunywe kubonakale ngempela ukuthi akekho kulabo- Captain  abakhona ongenza ukuthi isitimela sihambe, sihambise umsebenzi waso esawudalelwa phela isitimela sakhele kona ukuthwala abantu sibase lapho befuna ukuya khona.

Ngiyazi Sihlalo, ukuthi inkinga enkulu esinayo thina asinawo amaqiniso, asinawo amaqiniso asobala ukuthi thina sisodwa siyakhohlisana singatshelani amaqiniso sibone sesisegcineni sesilimele kanti sikhulume iqiniso sindawonye ingabe isimo sibasihle kunalokhu esicabanga ngaso.
 [ ikhasi 224 umugqa 14 ukuya 26]

Nkosazana M N BUTHELEZI:  Ngiyabonga Sihlalo, ukuthi nje okubuhlungu ngilandele ilunga  lePhalamende  elingazazi noma liyacwila noma lintanta phezu kwamanzi.   Angizukurisponda  kwebelikusho ngoba nalo alinaso isiqiniseko sokuthi lento ebiliyisho iyiqiniso noma cha.
 [ ikhasi 224 umugqa 35- ikhasi 225 umugqa 1]

Nkosazana M N BUTHELEZI:  Ukuphendula umbuzo kaMhlonishwa uDingila awubuzi izolo, uNgqongqoshe wayethe layindlini ngonyaka odlule ngesikhathi  ku-debater  yona  le-Health   vote , wathi ucela ukuthi uMhlonishwa yena  ne-region  yakhe njengoba eyilunga  lekomiti   bakhawuntele   leyomali  ababeyinikiwe.

Mhlawumbe bekungakuhle ukuthi uMhlonishwa uDingila asho kulendlu ukuthi useye  wa-akhawunta  yini.  
 [ ikhasi  226 umugqa 38- ikhasi 227 umugqa 6]

Isikhulumi [ The Speaker ?] Bazongizwa abangizwayo abangangizwa ngeke bangazi.  Abantu kuphela abaphilayo abaphiwa lesisipho izinkomo, nezinja nakho konke abasazi lesisipho engikhuluma ngaso.  Manje bese kuhamba kuyohlala  i-AIDS  emnyango.

 Now what about our children?    How are our children going to grow?   Uyabona mina ngangiyisoka mina ngiphila nomkami uyakwazi lokho nabantwana bami bayakwazi lokho.  Abantu abasha bephila impilo enhle ayi yemikhuba, kodwa impilo enhle yokuphila.  Manje abantwana bazophila kanjani bakithi.  
 [  ikhasi 232 umugqa 12 ukuya 21]


 Covi 498:

 ISESHINI  YESIHLANU

UMHLANGANO WESIBILI	:	 OJWAYELEKILE	 : 22, 25 KANYE NO 26
									KUNHLABA 1998


UMQULU 4



 vol 498:

 
Isikhulumi  I know that  Baba Ntombela  will agree with me when I make this call ,  And   I know that there are leaders like Dr Buthelezi, like  uBaba Nyambose angimboni la uBaba uMvelase u-V V, nanguya uBaba uKhoza baningi impela, okuseqinisweni ngeke size sikwazi ukuthi sidlule kukhona lokhu kakhulukazi Baba  u-Premier  singakukhulumanga ukuthi yebo phela zikhona izinto ezasenza sahlukana.

 But  eziningi zalezozinto ezisisenze sahlukana sekuyabonakala manje ukuthi seziya ekupheleni.  Eqinisweni siyanidinga, niyasidinga siyadingana.  Ngakhoke asikubeke eceleni konke okunye obekungenza bekuyizithiyo neziphazamiso.  Asisho ngalokho ukuthi asikhohlwe umlando wokuthi siqhamukephi, kodwa okuseqinisweni ukuthi ngeke sifike kunyaka 2000 sihlukene bese sithi  siyolilida  lelizwe sibheke phambili.

Sekucace ngokusobala ukuthi bonke abanye abantu abahlanganayo bahlanganela ukuthi kuphela abafuni ukubona thina njengabantu abamnyama siphumelela,  noHulumeni  ongalidwa ilababantu.  Abaholi bethu kuzona zombili izinhlangano batshengisile manje ukuthi bangabaholi abangakwazi ukuhola lelilizwe  for  isikhathi eside esilandelayo bakwazile ukusibeka isisekelo sabaholi ngaphansi kwabo nampo oBaba  u-Premier  bakhona, nakhu nani nikhona, nangu uMthiyane ubuya  erenki  ula namhlanje ungumholi.  Siyathemba ukuthi akafunike ukuthi aphindele lapha ayoba  u-Rank Manager  kufanele aqhubeke abengumholi kubonakale ukuthi kuyekaphi.

Ngaleyondlela sithi bonke abantu bakithi abasincedise akuwona umthwalo olula lo.  Ikakhulukazi Baba uNtombela naMkhosi engiwahlonipha kakhulu okusijabulisayo ukuthi uma singathatha sisike ikhasi kulokhu okwenziwa  u-Chief  Luthuli njengomholi wendabuko ukuthi waba umholi owakwazi ukuhlala nabantu ayebahola, abakhokhele ngendlela okuyiyona nasezinkingeni ababebhekene nazo wayekwazi ukuthi asebenze nabo.

Siyacelake lokhu ukuthi akube isibonelo nakwabanye abaholi bendabuko ukuthi abasilide noma kulukhuni ekutheni sihlaleni phansi sisebenze sihloniphana.  Uma beqala nabo ngokusesikweni njengabaholi betshengisa inhlonipho kubantu babo ababaholayo.  Abantu bazotshengisa inhlonipho ephindwe kashumi ngaphezu kwalokho.

Ngakhoke into ebalulekile esikhathini sanamhlanje ukuthi abantu bakithi abaningi sengifuna la  i-National   Party   ne-DP  bezwe uma kukhulunywa ngabalimi kusuke kungaqondiwe abalimi abamhlophe kuphela.   U-Chief  Luthuli wayengomunye wabalimi endaweni  yase-Groutville .  Baningi abanye oBaba uKhoza abakhona la abalimi ababencishiwe amathuba ababelima kulezondawo ezibalingene.

 So , uma sikhuluma ngabalimi asikhulumi ngabalimi abamhlophe kuphela ngokwesikhumba, sifuna ukuthi sibaboneke nalabobalimi bakithi bethuthuka befika kuleyondawo kuqhutshekwe nalesosisekelo  o-Chief  Luthuli nabanye abaholi asebesibekile sokuthi bakhule abantu bakithi bangabi  osomabhizinisi  abancane kodwa bathathe indawo neqhaza elibafanele  ba-recognise  ngaphakathi ezweni nangaphandle ukuthi banawenza umehluko.

Asifune kuncela kumuntu, nakuncika kumuntu kusasa ozothi yena uma ethi liyamhlula lelilizwe uya  e-Australia  sisale sibe nenkinga.  Sifuna abantu abangayi  e-Australia , abangayi  eNgilandi , abangayi ndawo abahleli la abazokwazi ukuthi lelilizwe balikhokhele ngendlela efanelekile liyephambili.

 So , namhlanje asithi uma sikhuluma ngabaholi nabalimi sibheke ukuthi bangaki abalimi bakithi abamnyama nabo abafile befa ezigamekweni zodlame, nasezimeni ebesibhekene nazo zengcindezelo  kaHulumeni .

Asisho ukuthi akubalulekile ukukhala kwabalimi abamhlophe sithi kodwa bazisondeze ngempela babe iphathi yalesisakhiwo esakhiwayo manje uma sithi asihlangane sonke la  e-South Africa  sisebenze ndawonye.  Ababonakale bewadlulisa phela amakhono abanawo bewanikezela kubantu bakithi ukuze sithuthuke sibheke phambili.

Ngiyacabanga ukuthi umangase senze njalo uBaba uMfayela angajabula kakhulu ngoba namhlanje noma ikanjani benoBaba uDingile kukhulunywa ukuthi uma sikhuluma  nge-Tongaat   Hullet  balaphayana nje bayabeka nabo kuyezwakala ukuthi kuthiwani ngaloya dedangendlala wendawo lathina singenalo izwi khona.

 So , uma sikhuluma sithi kufanele sikhulume ngezwi elilodwa sikuyeka konke lokhu uma kufanele sisuke singcofane nje la  ngokwezepolitiki .  Kufanele manje imiqondo yethu siyihluze sibheke imiphefumulo elahlekile nhlangothi zombili sizibuze ukuthi yini ngempela umthwalo obhekene nathi ekutheni silide lelilizwe.  Ngeke sililindelwe abanye abantu kodwa lidinga lilindwe ithina ngendlela efanelekile.

Ngiyathemba ukuthi uMama uNgcobo uyonginceda ukuthi angidlulisele umyalezo kuPoqo nabafowethu abanye ukuthi sithi cha ababuyele ekhaya nabo, wonke umuntu akabuyele ekhaya.  Minake la ngifuna ukucacise ukuthi angikhulumi ngemeja ngikhuluma ngokubuyela ekhaya sizosebenza ndawonye ngoba imeja inhlangano eyodwa kufanele kuphela zihlangane.
[ ikhasi 3 umugqa 35- ikhasi 6 umugqa 5]

Nkosazane M XULU: ( WHIP ): Mhlonishwa Somlomo, ngicela uMhlonishwa angihloniphe ngokuthi ngiwuNkosazane noma ngingu-Nkosazane Xulu angiyena u-Nkosikazi Xulu angigananga kwaXulu kodwa ngizelwe kwaXulu.
 [ ikhasi 6 umugqa 14 ukuya 19]

THE   DEPUTY   ISIKHULUMI :  Akengililungise ilunga elihloniphekile ngisho kahle impela ukuthi Nkosazane Xulu ngoba nala futhi kubhalwe kanjalo impela Nkosazane Xulu umangabe kuzwakale engathi ngithi Nkosikazi ngicela ukuxolisa elungeni elihloniphekile, kodwa bengithi ngibeke kahle.
 [ ikhasi 6 umugqa 21 ukuya 25]

Nkosazane M XULU:  Baba Somlomo, ngiyabonga ngiyazixolisela kusho ukuthi izindlebe zami njengomuntu osemdala okunye akusezwakali kahle.

Somlomo Baba nendlu yakho, okokuqala akengicele kulendlu ukuthi uma sifuna ukuthula, sifuna ukubuyisana, sifuna konke esikhuluma ngakho okokuqala akengikhulume ngokuthula phakathi kwalendlu.  Sike senze izinto zokuhlekisa nokudlala kodwa kukhona ukuthi sikwenze kuze kweqe.

Ngicela ukubhekisa ngaphesheya kuleyandlu ukuthi uNkosikazi  u Millin  ungumnikazi muzi, ungunkosikazi womuzi, uyilunga leqembu  le-IFP  ngakhoke ukudlaliswa ngendlela eseyeqile thina abe- IFP  asisakwemukeli.

Akesithi kukhona umndeni wakhe phezulu  e-Gallery  kubonakale Abahlonishwa bewela beza la bezokwenza yonke lento abayenzayo benikina ubuso, bedonsa umlomo, benza yonke into ongayenza embi kungathiwani emndenini wakhe.  Okokuqala lokho engithi angikwethule kulendlu ukuthi sithi thina   abeIFP   akuphele namahlanje.  Nkosikazi Millin  she is hon member ,  she is a member of our  Party ,  and   we need everyone to respect her as they respect themselves .

Mhlonishwa Somlomo,  kule-motion  ephakanyisiwe ngaphesheya siyayincoma Inkosi yakwaLuthuli thina  be-IFP .  Siyincoma ngendlela eyazinikela ngayo ekulweleni inkululeko yabantu abampisholo ngokuthula.  Siyincoma ngomzabalazo wayo eyawenza.  Sidabukiswa thina  be-IFP  indlela eyahamba ngayo emhlabeni lapho okwathi uma isidlula emhlabeni kuthiwe ishayiswe isitimela endleleni eyaziwayo ukuthi yayihamba kuyo zonke izinsuku, nesitimela kwaziwa ukuthi uma sedlula sike sikhale umuntu asizwe.  Ngakhoke sithi kuleliqhawe lesizwe aliphumule lilale ngokuthula.

Siyayibongake Sihlalo, nalenkumbulo noma inkululeko eyenziwa umkhandlu wakwaDukuza ngokuhlonipha leliqhawe lethu.  Kodwa Sihlalo, kunemibuzo evukayo thina  be-IFP  ohlelweni lonke olaluhleliwe ukuthi kwakuwuhlelo lokuthula ngempela.  Noma kwakuwuhlelo lokuthi akulandwe umholi weqembu leNkatha azobekwa la bese kwenzeka izinto esizwayo ukuthi zenzeka.  Uma abaholi  be-ANC  babekhona abanye bakubona noma abakubonanga.

Okusidabukisayo Sihlalo Somlomo Baba, ngelanga sekukhuluma Inkosi yakwaButhelezi kwaDukuza amalunga  e-IFP  awaphathekanga kahle.  Ngesikhathi ikhuluma Inkosi yakwaButhelezi kwaba isikhathi okufika ngaso uMongameli weZwe.  Kwasuka umsindo kufanele abantu benze umsindo bejabulela ukufika kukaMongameli.

Kodwa ngakolunye uhlangothi thina siyazibuza ukuthi uhlelo olwaluhleliwe yini ukuthi angalalelwa inkulumo yakhe bese kuba nalowomsindo.

Okwesibili esikuzwayo okungasiphathanga kahle ngalo lolosuku kunentsha eyabe isimthuka ijukujela nezinye izinto ezijukujelwayo, lokho ngakuthola ngabaphatheka kabi kakhulukazi  kwi-Women Brigade  abakhona ngale.  Ngithike asikuzwakalise lokho ukuthi noma kwenzeka njengabantu abazibophezela ekuthuleni sakubekezela lokho, sisakubekezelele kodwa incabha siyibeka emalungeni  ka-ANC  ukuthi uma behlela izinhlelo bayakubheka ukuphatheka komholi  we-IFP  uma kufunwa ukuthula ngempela.

Siyazibuza ukuthi loluhlelo lwaluhlelelwe ukuthula noma kusetshenziswa Inkosi yakwaLuthuli ukuze kufezeke izinjongo ezithile na?  Ngabe bamhlonipha ngempela umholi oyiqhawe lethu sonke uma kuzothi uma kwenziwa lezizinto kumuntu ayemkhonze enhliziyweni yakhe, nomuntu thina esimazi ngaye uBaba Inkosi yakwaLuthuli angaphathwa kahle na.

Ukuthula siyakudinga, nokusebenzisana sikudinga kodwa siyacela kubafowethu ngaphesheya ukuthi ake bakhulume ngokuthula kwangempela.  Akesikhulume ngokubuyisana kwangempela, mina nje Somlomo, nginokwesaba ukuthi  le-motion  ethulwe layindlini  iyi-motion  yokuthula noma kukhonake osekuzolandela eqembini leNkatha bese kubabaza izwe lonke ukuthi Inkatha isiyenze ukuthi.

Ngoba lokhu engikusho Somlomo ngoba njalo uma kuthiwa siyabuyisana  ne-ANC  sivalelene ezindlini  ne-ANC  kodwa ngakusasa uyobona sekuthiwa amalunga eNkatha sekushiwo iziga esingazazi thina baseNkatheni.  Siyakudinga ukuthula, sidinga ukubambisana ngokuthula okuphelele.

Izolo la besivalelene endlini lapha ngaphesheya sihamba nabaholi bethu okusimangalisile  emaphepheni  elinye  iphephe  liphume selikhipha uMhlonishwa uZuma eseyindoda enkulu engaka, enkulu  ephepheni  bacishe baqeda  iphepha  lonke beshaya isithombe sakhe, kuthiwa uwumenzi wokuthula  uwu-Peace Maker .  Kuyasithunuka thina  be-IFP  ukuthi angakwakha ukuthula eyedwa uMshosholozi singabambiseni.  Uphi omunye wethu okhishwe iphepha ukuthi  uwu-peace-maker  na?

 Amaphepha  ngabe wona avuvuzela umlilo wokuthula yini?  Angilwi nawo enza umsebenzi wawo inkululeko eshiwo umthethosisekelo kulelizwe ukuthi umuntu uyokwenza akuthandayo.  Kodwa sikhuluma ngezwe eliphethwe udlame, izwe eliphethwe ukungabikhona kokuthula engibona ukuthi  namaphepha , nabafundisi,  nothisha , nobani sibambisane kulengane esiyakhayo ukuthi ibe yiyo ikwazi ukuhamba.

"Isongo kuthiwa alikhali lilinye esandleni, amasongo akhala emabili".  UMhlonishwa uZuma ngeke akwakhe ukuthula eyedwa bengabambisananga naBahlonishwa  be-IFP .  Namhlanje Mhlonishwa Somlomo,  le-motion  ephakanyiswe umfowethu ngivamise ukuthi umntanami kodwa namhlanje ngithi umfowethu ngoba ukhulume into esile ephusile akakhulumi into yobuntwana.
[ ikhasi  6 umugqa 27 ukuya ikhasi 9 umugqa 4]

Nkosazane M XULU:  Cha, ngikhuluma  nge-motion  Baba, angikhulumi ngokuwela.   I-motion  engithi ngiyayeseka yokuthula kodwa ngiyacela ukuthi lokukuthula abakhuluma ngakho akungabi ukuthula okwakhela okuzoqhamuka kuthiwe  i-IFP  isithe sibe singakwazi lokho.  Lokho ngeke kukwakhe ukuthula uma ufike ungikake ungikakele endlini ngithi ngisathi ngilalele ngithi cha asiphume endlini sokhuluma kanye ngiyakuzwa usuphume wedwa gelekeqe ngale ususho okungasekona ekade sikusho layindlini.

Isicelo sami ileso impela ukuthi uma sithi asakhe ukuthula kulelizwe, asakhe ukubuyisana kulelizwe, ayi ukubuyela  kwi-ANC  asibuyele  kwi-ANC  siyiqembu elizimele eliyohlala lizimele.  Mina ngokwami engifuna kuze kubhubhe umhlaba lizimele.

Kodwa sibe sikhuluma izinto ezifanayo zokulungisa izwe.  Ngiyabonga.
[ ikhasi  9 umugqa 8 ukuya 24]

[isikhulumi?] Ngeke sakwazi Baba Somlomo, ukuthi sibeke izihibe uma ngabe sikhuluma ngaloludaba.  Kufuna ukuthi silivume sisebenze kuze kufike isikhathi la sekukhona khona uxolo, nokubuyisana okuphelele, singakwenzi ukuthi sithi kuncike ekutheni ubani wenzani, ubani wenzani.
[ikhasi 9 umugqa 38- ikhasi 10 umugqa 4]

[isikhulumi?] Angifuni ukuthi la kukhona umuntu akhala ngakho kakhulu ngendlela esigcine  sesi-decider  ukuthi  lemali  siyisebenzisa ngayo.  Kodwa ngibona ukuthi kuyiphutha uma ngabe abaholi  bale-Province  ikakhulukazi  be-IFP   nabe-ANC  bengakazami ukubambana ngezandla babonisane ekutheni lababantu namanje abasahlezi emasontweni, abasahlezi ezigangeni, abahlezi  emathendeni  bazolekelelwa kanjani ukuthi impilo yabo ibuyele esimeni esifanayo.

Okwesibili engifuna ukukhuluma ngakho iyona lendaba le yobuholi phakathi  kwe-ANC   ne-IFP , ukuthi akufanele ukuthi sibe nemizwa ephezulu uma ngabe sikhuluma ngaloludaba ukuba kuzobe kusenzeke noma yini encane bese siyithatha ngokuthi sekonakele njalo sekusho ukuthi kukhona iqembu elingazimisele noma elingekho  genuine  oxolweni.

Loku akukhuluma ngakho uMhlonishwa kuMntwana kwaDukuza angiboni ukuthi kungafanele sikuthathe njengombuzo la ukuthi  i-ANC  izimisele yini ngoxolo umangabe uMongameli weZwe afika ngesikhathi esithize.  Ngoba ukufika kukaMongameli kulowamcimbi kwakuphethwe uye futhi kusezandleni zakhe, akekho umuntu owayengahlale  akuplane  ukuthi Mongameli ungafiki ngesikhathi esithize wofika ngesikhathi esithize.

Uma kukhona intsha eyakhulumayo mhlawumbe kwakhona okuthize ekushoyo akekho umholi  we-ANC  okungenzeke ukuthi wayebize isigungu sentsha wathi uma ngabe sekukhuluma uMongameli weNkatha anothi nithi nithi.

Okwesithathu engifuna ukukhuluma ngakho ukuthi  kune-challenge  la kubaholi bamasonto.  Abaholi bamasonto banomsebenzi omkhulu, negalelo elilindelekile lokuthi babambe iqhaza lokuthi balekelele ekubuyisaneni nasekwakheni isizwe lesi esikhona manje.  Kodwa ngiyazi ukuthi isikhathi esiningi bayalibamba leliqhaza kodwa kuke kubukeke sengathithi babuye bakhohlwe ngesinye isikhathi.

Uma ngabe kusakhona isithombe esingathi siwukuthula bake bahlehle nabo.  Kothi umangabe sekukhona futhi izigigaba ezithile babuye bavele kanti kufanele ngabe bayiqhuba njalo lendaba, baqhubeka nayo njalo kungabibikho lapho bephumula khona.
[ikhasi 10 umugqa 21- ikhasi 11 umugqa 20]

Mnu E S MCHUNU:  Okokugcina engifuna ukukhuluma ngakho ilokhu engaziyo ukuthi abaholi beNkatha bakhala ngakho kakhulu indaba  ye-TRC .  Manje ngifuna ukusho iphuzu elilodwa thina esasikhona laphaya  kuma-hearings   e-Richards Bay  kukhulu esibona ukuthi kwaba nomthelela wakho kulabo ababefelwe.  Angikhulumi ngathi esasiyizithameli nathi sibuka  i-TV , nathi esibuka amaphepha.

Ngikhuluma ngabantu abafika laphaya ababezingqeke, nababelahlekelwe imindeni yabo kuloladlame ababengazi ukuthi kwakwenzeke ini, nini, kanjani.  Kwaba nomthelela omkhulu lokho kwabasiza kakhulu kwabakha, kwabavuselela njengabantu ukuthola ithuba lokuthi bazi ukuthi kwenzekani ngasiphi isikhathi ukuze bahambe  ngama-wheel chairs .   So , kufanele ukuthi siyibuke ngalolohlangothi.  Thank you. 
[ikhasi 11 umugqa 23-36]

Isikhulumi  [isikhulumi?]   Let me , Mnu  Isikhulumi ,  say briefly , ngesinye isikhathi kubuye  kudistebhe  emqondweni uma ngabe uthola sonke ngenxa yokuthi singanxanye sesikhuluma inkulumo efanayo kanti asifani.  Siphuma emzini engafani, siphuma la sicindezelwe khona, nala kade singacindezelwe khona sihlangane la, kodwa sithole sesikhuluma ulimi olufanayo.

Mina ngithi uma ngilambile angeke ngikwazi ukusebenza ngoba amandla ngizongabi nawo ngokwanele.  Okwesibili ngithi amandla noma ngabe nginawo uma ngingenalo ulwazi lokuwasebenzisa  ama-skills  engikusebenzayo angeke kube nomphumela ngoba amandla ewodwa ulwazi lungekho akwanele.

Yingaleso sizathuke uye uthole izinyunyana zithi cha bobo musani nje ukubheka nina  bamabhizinisi   iprofithi  kuphela, itshaleni   imali  .  Umuntu uma engene ewumashanela  efemini  akaphume  esewu-driver , uma engene  e-opharetha   umshini  akaphume phela  eseyi-Manager  noma  eyi-Director .

 Ayimphawurishwe  anikwe  ama-skills  la ukuze phela sithi umnotho wethu uzokhula, aphume ayoba  i-Manager  kwenye indawo.  Aphume azi ukuthi intoni eyenziwayo la ekhona.   Than  abatshali  bezimali  bazojaja leyonto babone ukuthi no kuhleliwe bayifake. 
Uma  osomabhizinisi  bezobuka elabo  isayidi , abasebenzi babuke elabo  isayidi , nathi  sikwi-government  bese singabaza ukubuyisa ngomthetho  lama-role players  ndawonye kwisimo esizokwazi ukuthi siqhubezele phambili, kuzoba nenkinga-ke.
[ ikhasi 22 umugqa 7 ukuya 32]


 One   day  ngifuna ukubona mina Somlomo, kesidlale ndawonye la sibe Ibafana Bafana abancane nabadala sibuyise  isitafu  sime ngale, sime ngala kesidlale  si-socialise  ubone umhlaba ukuthi ayi mani.  Ngiyabonga Somlomo. [UHLEKO]
 [ ikhasi 23 umugqa 6ukuya 10]

Mnu T D NTOMBELA:  ( WHIP ) :  Sihlalo, okokuqala angiqale laphayana, ngimzwile uzakwethu okuyena ophethe isihlalo  ka-Safety   and   Security  ekhuluma ngenkohlakalo eyenzeka la  kule-Province , nokubanjwa kwenkunzi nayoyonke lento.

Bengicabanga mina ukuthi njengoSihlalo engimhloniphayo ubefanele asho ukuthi inkunzi ibanjwa obani.  Ngoba inkunzi iyaziwa  kunama-bodyguard  abekade egada  i-ANC  atholakale ebamba inkunzi.  USihlalo wethu kufanele akuyeke ukuthi ame ngokuhlasela  uKhomishini , ayeke ukuhlasela iqembu lakhe noMkhonto wakhe.

Sihlalo, ngikhuluma njengomuntu osemdala kuloMnyango ohloniphekile.  LoMnyango uthwele kanzima Sihlalo, ngoba kunguMnyango okwaziwa kahle ukuthi uphethwe uMhlonishwa Inkosi uNgubane ephathele lesiFundazwe  saKwaZulu-Natali  esiholwa  i-IFP .

Okokuqala uMhlonishwa akanikezwanga amandla Sihlalo, okuphatha loMnyango kodwa kuthi uma kukhona okwenzekalayo okubi okungcolile bese kuthiwa akugxekwe Inkosi uNyanga Ngubane ngoba kubonakala ukuthi engathi kuthiwa akawuphethe kahle loMnyango.

Okuseqinisweni Baba Sihlalo kuyaziwa ukuthi  uHulumeni  omkhulu oholwa  ukhongolose  ukusebenzile lokhu wakuhlela ukuthi lapho kuphethe khona amanye amaqembu kufanele amandla bangawaniki  lowoHulumeni .

Ugxekwa nje  uKhomishini  ayikho into angase ayenze, ugxekwa phezu kokuthi amandla  uHulumeni  wesiFundazwe esiholwa  i-IFP   uHulumeni  omkhulu  we-National  uwancishile amandla, ayikho into engenziwa umholi waloMnyango.

Ubufakazi balokho isibonelo Sihlalo, uma kwenzeka noma isiphi isehlakalo la sokufa kwabantu uMntanami lapha uDumisani Makhaye uye amemeze akhulume ngomkhulu umbhobho emsakazweni athi; ufuna u-Sydney Mafumadi eze  kule-Province , akaze noma lunye usuku athi loludaba uzolinikeza uMphathiswa waloMnyango Inkosi uNgubane, akaze akusho lokhu.

Ubufakazi balokhu engikushoyo ukuthi  ukhongolose  akame endleleni uma efuna ukuthi  loHulumeni  wobumbano uhambe uqhube ukuthi kungabikhona udlame kulelizwe.

Baba Sihlalo, loMnyango uthwele nzima kakhulu lapho kunomkhankaso wokuba noma  amaphoyisa  akulesisiFunda izikhundla zabo zimi kanjani noma ekhushulelwe noma kwenziwa njani.

Baba Sihlalo, konke lokhu kwenziwa ngaphandle ngemuva kweNkosi uNgubane kuqhamuke sekuthiwa  sekupromothwe   amaphoyisa  abekwe ezikhundleni ezithile, abekwe ezikhundleni ezithile, ngaphandle kokuthi  u-Minister  okuyena okufanele azi ukuthi  amaphoyisa  asebenza kanjani kube uyena obeka igalelo lakhe lapho, kodwa akwenzeki konke lokho.  USihlalo uyakwazi lokho.

Ubunzima baloMnyango Ndabezitha Nkosi yami yaKaZashuka, kudinga wazi ukuthi ubhekene  nelambu  levimbela ngoba noma ikuphi oyokwenza kokuba kufe abantu uye khona, lapho kushiswe khona imizi uyekhona, kodwa uma sekukhulunywa ngophethe loMnyango awuthintwa wena kodwa kuthintwa u-Sydney Mafumadi, wena ingathintwa indaba yakho.

Ngincoma kakhulu Ndabezitha wena ngokubonakala lapho kushiswe khona imizi, izolo lokhu ubuye le eMaqumbu lapho isosha loMkhonto elihola izigebengu behlasele umuzi bashisa wonke umuzi kwaMaqumbu kwaMaphumulo, kodwa namhlanje uDumisane akaze aphawule ngalokho, akaze akhulume uDumisane ngalokho kaMaqumbu.

Mnu T D NTOMBELA:  ( WHIP ) :  Ngiyazi mina ukuthi uMhlonishwa  u-Minister  kuyezwela njengoba ngikhuluma kanje.

Isikhulumi  THE CHAIRPERSON :  Ake ninikeze ithuba uBaba akhulume. 

Mnu T D NTOMBELA:  ( WHIP ) :  Ngoba njengoba ngikhuluma nje ngikushilo ukuthi lapha  ku-Church   Street  ababebamba inkunzi akulona yini  iphoyisa  loMkhonto elaligada omunye uMhlonishwa la.   E-Merryvale  lapho kubanjwa khona inkunzi akekho yini owoMkhonto owatholakala lapho ukuthi iwona obamba inkunzi.

Mhlonishwa ngikhumbula kahle ukuthi uma sikhuluma ngaloMnyango uSihlalo wethu uNdosi uyakwazi lokhu ukuthi ukuxoveka kwaloMnyango kuxovwa uyena  ukhongolose .  Ayikho inhlangano exova ukuthula la ngoba befuna ukuthi lelizwe  le-Province  kutholakale ukuthi alibuseki.  Kodwa ngithi mina lizobuseka ngoba sikhona sesibabonile ukuthi banjani.

Namhlanje bagaxela  kuKhomishini  bagxeka  oKhimishini .   UKhomishini  unawakhe amaphutha,  i-National    Party   inawayo amaphutha, kodwa la  kule-Province  abantu abaxova ukuthula nokuba kungabibikho umthetho   ukhongolose  .  Abantu bayadlwengula bahambe   o-Minister   baye ematilongweni  emajele  bayothi abakhishwe abantu  emajele .

 U-Russell  Ngubo izolo lokhu uye wakhishwa abaHlonishwa, oNgqongqoshe abanye angifuni ukubamemeza ngoba izihlobo zami abahamba bayothi u-Russell Ngubo akanikezwe umsebenzi.

Mnu T D NTOMBELA:  ( WHIP ) :  Mina Sihlalo, kuyangihlupha ngoba  i-ANC  ibuthe izingane yahamba yayoziqeqesha ngaphesheya kwezilwandle ezoziqeqeshela yona lemikhuba yokuthi kwenzeke kanje izwe lingabuseki.  Namhlanje amaqiniso azohlala obala uSifiso uphenduke wadla bona njengoba esebadla uSifiso.  Inja manje idla umnikazi wayo.

Maningi amaqiniso asazovela nokufa  kuka-Chris  Hani kuvelile usekuvezile uSifiso ukuthi ubulawe ubani  u-Chris  Hani, usevelile.

Isikhulumi/  THE CHAIRPERSON :  Ilunga elihloniphekile linomzuzu owodwa.  

Mnu T D NTOMBELA:  ( WHIP ) :  Baba Sihlalo, ngidabuka kakhulu ngoba  kunalelikomiti  elithi akubekhona ukuthula eliphakathi  kwe-ANC   and   IFP  mina njengomtomdala angiboni lokukuthula phakathi  kwe-ANC   ne-IFP  kuzoqhubeka, angikholwa ukuthi kuzoqhubeka.

Ngicabanga ukuthi  u-Premier  walesiFundazwe Inkosi yethu ngempela izothwalanzima uma kusekhona   ukhongolose   esaziphethe ngalendlela aziphethe ngayo.

Ngoba siphezu kokuba kubekhona ukuthula, banomkhankaso wokuthi bakuqede ukuthula.  Uma bezokhuluma la - yizwa nje angivikelekile, angivikelekile ngiyakhuluma nginelungelo lokukhuluma kodwa uBheki Cele ugila lemkhuba yakhe ayigilayo.
[ ikhasi  75 umugqa 30- ikhasi 79 umugqa 5]

Mnu T D NTOMBELA:  ( WHIP ) :  Sihlalo ngicabanga ukuthi engikushilo akusiyo inhlamba kufana nokuthi ngahlatshelwa imbuzi ngathelwa inyongo ngikuthatha ngokuthi akuyona inhlamba lezinto ziyahambisana zombili.  Inyongo inomkhuba phakathi, ukuhlatshelwa ubani kunomkhuba phakathi.  Asizukuganga uBheki Cele la, akukhonhlamba la. [UHLEKO]  
 [ ikhasai 79 umugqa 31-36]

 AN HON MEMBER :  Yebo, Sihlalo uyenzile  but  kufanele sikhumbule into eyodwa, ngithi kufanele sikhumbule into eyodwa yebo uyenzile  but  leligama uma lizokhulunywa  ePhalamende  eNdlini ehloniphekile bese sithi alisho lutho  ku-wrong  kakhulu noma ngabe  i-ruling  siyithathile  but  isifundisa kabi.
 [ ikhasi 80 umugqa  11-15]

Mnu  W U NEL :  Ngiyabonga Sihlalo, kuyangijabulisa ukulandela ilunga elihloniphekile uMnumzane Gandaganda Ntombela.  Ngizwile ukuthi ukhala ngalendaba yokuthi uma kukhona okonakele   ukhongolose   umemeza   u-Minister  , uMnumzane Mafumadi.  Ubuza ukuthi yini indaba isikhalo singadluliswa kuloMnyango wesiFundazwe sakithi.

Manje kunjalo uma ngibona mina ukuthi uma kukhona okuyinkinga sivamisa ukugijima siyokubeka kwabanye, kodwa uma kukhona okuhambeka kahle sikumukele ngakithi, kuyenzeka ikakhulukazi kuleMinyango emibili ehlukene;  uHulumeni   wase-National ,  noHulumeni  wakulesiFundazwe.

Kodwa ngicela ukubuza  kwi-IFP  ukuthi amathuba abanawo yini indaba bangawasebenzisi?  Ngoba uma ngibheka loMnyango wesiFundazwe sakithi ngibona ukuthi maningi amathuba akhona kodwa asiwasebenzisi bese siyobeka amacala kwabanye.
 [ ikhasi 80 umugqa 21-37]

Nkosazane M XULU:  ( WHIP ) :  Ngiyabonga Sihlalo.  Okokuqala ngincoma uMhlonishwa Inkosi yakwaNgubane ngokwethula kwakhe  i-Budget Speech .  Ngisukuma nokuzibongela.  Bengithi uMhlonishwa lona ogcine ukuhlala phansi u-Mnu  Nel  uthi kukhona esikuyeka okufanele ngabe siyakusebenzisa, wayesehluleka ukuthi imaphi lamasu athi asiwasebenzise  kuloHulumeni  wala kithina.

Lapha ngithi anginxuse abafowethu nodadewethu abangaphesheya laphaya  kuKhongolose  njengoba simuzwa uSihlalo wethu uMnumzane uCele ilunga elihloniphekile likhala ngemisebenzi elithi ayenzeki kahle, likhala  ngo-Provincial   Commissioner .

Mina  ngithi   ukhongolose   ngaphesheya akahlangane nathi phela sikhulume  noHulumeni  phezulu ehlise amandla awanikeze isifunda.  Amandla abe kuMhlonishwa, uNgqongqoshe, Inkosi yakwaNgubane ukuze sikwazi ukubamba  u-Commissioner  lo ngebhantshi asebenze umsebenzi wesiFundazwe.

 U-Commissioner  akaphethwe la esiFundeni,  u-Commissioner  uphethwe phezulu  u-National   Minister , so noma singakhuluma kangakanani uma amandla engalethiwe la ayikho into esingayenza siyokhuluma asibambisaneni nani sibuyise amandla azophatha la esiFundeni sethu.
 [ ikhasi 83 umugqa 6-29]

INKOSI B N MDLETSHE:  Sihlalo, okokuqala nje besengithukile nxa ngibona ngale ngaphesheya ngibona imithonseyana yabantu abakhona ngibona ukuthi babhikishela Inkosi uNgubane.  Ngoba kuyacaca ukuthi abathandi ukuzihlanganisa nemvelo, bese kungethusa kabi-kabi lokho.

Kungethusa futhi Sihlalo, ngivikele Sihlalo lapha koBaba ngivikele impela ngiyabona bazongishaya akusekude bangishaye.  Ngiphinda futhi ngethuke ukuthi  abamaphepha /abamakhasi abekho uma kukhulunywa ngemvelo  abamaphepha  abazihluphi ngokuba khona noyedwa okhona ukhona ngoba esegcina esefikile.

Bengithi Sihlalo, angisho ukuthi imvelo ingeyethu ngisho ukuthi ukukhombisa kwethu ukuba khona la njengoba nibona  i-IFP  icishe igcwale la ingoba ikhombisa ukuthi imvelo nayo ayisoze yahlukana.  Ngiyafisa Sihlalo, ukuba ngisibone isimo lesi esibhekene naso  sezimali .  Okokuqala ukuphikisa Inkosi kuyinkinga.

Ngisibona lesimo esibhekene naso   sezimali  , ngikusekela okushiwo uNgqongqoshe.  Kuyakhombisa ukuthi Sihlalo, sisenkingeni esibhekene nayo yokuthi nxa kukhulunywa ngemvelo ibukelwa phansi kunazozonke izinto.  Kanti nxa siphefumula, siphefumula yona imvelo.

Okwesibili kufanele kusicacele ukuthi asingalinge sifake ezombusazwe emvelweni.  Ngikubonile lokho Sihlalo ngenkathi ngihambele lapha eNgwavuma kuleNduna kwaDabha abantu bebekhombisa ukuthi bafakwa ezombusazwe kwezemvelo.

Abanye ngesikhathi ngilaphana bebethi  bavotela  bona ukuba kususwe iziqiwi, kugudluzwe izingcingo bekhombisa ukuthi iqembu elalisho lokho lalibakhohlisa abantu futhi lalibulala imvelo uqobo ngoba lalifuna  ivoti  nje kuphela.

Ngicabanga ukuthi izinto lezi okufanele ukuthi sihlangane ngazo, sihlangane ngendlela yokuba sibe libumba ekutheni silwe nezinto ezizobulala imvelo yethu.  Njengoba kuhlelwa nje Sihlalo kuhlelwa  i-SDI  akukho okunye okuyisisekelo sako ngaphandle kwemvelo.

Uma ngase senze iphutha lokuba imvelo ilinyazwe sobe sibulala loku okungumgomo wokuba kuthuthukiswe abantu bakithi, kusizakale nobumpofu lobu obugcweleyo.

Ngakhoke ngiyacabanga ukuthi Sihlalo, kusemqoka ukuba abantu ababekhuluma ulimi lokuba abantu bayophindela eziqiwini kuhlalwe phansi kulungiswe lawomaphutha enziwayo, amaphutha lawo.

Ngiyafisa Sihlalo ukusho ukuthi kusemqoka ukuba siqwashise abantu ukuthi ikhona lokhu okuzobalethela umnotho ukugcina imvelo yethu.  Kufanele futhi sibenze babe ingxenye ekuthuthukeni ezintweni ezenzakalayo eziqiwini.

Ngiyacabanga ukuthi Sihlalo, kunesidingo futhi ukuba sibuke lenkinga esibhekene nayo  yama-land   claims  lapho abantu befuna ukuba abantu babuyiselwe izwe khona.  Kufanele lokho sikwenze ngokuba sizame ukukuphangisa lokhu ngoba kwenza ekugcineni imvelo yethu ingakwazi ukusimama silokhu sibheke ukuthi iyalunga lenkinga yomhlaba wabantu.  Fanele sikwenze lokhu sibe sibafundisa ukuthi nxa befuna lezindawo kukulahlekelwa kwabo amafa abo.

Kufanele futhi Sihlalo sibuke ukuthi izinkinga ezikhona phakathi kweziqiwi nabantu njengoba ngakhelene naso nje, ziyashesha ukugudluzwa ngoba izona ezilimaza ubudlelwana obukhona phakathi kweziqiwi nabantu.

Ngiyacabanga ukuthi ilunga leli elikhulumayo ungangivikeli kulona Sihlalo ingozi embi kabi-kabi, ilunga lilokhu likhala ngemvubu lithi alibulawele imvubu nje ingoba lingayithandi imvelo.  Liyaqhubeka namanje lithi alihlatshelwe imvubu. [UHLEKO]

INKOSI B N MDLETSHE:  Ngivikele Sihlalo.  Ngiyafisa ukuncoma uNgqongqoshe waloMnyango.  Ngithokozile nxa uzakwethu ilunga elihloniphekile uGwala ekuncoma ukuthi kwaba kuhle ukuthi loMnyango uphathwe Inkosi.  UbuKhosi nemvele into ongeke uyihlukanise.

Yingakho Inkosi uMbovu esesungule ukuthi kubekhona  i-committee   levy  eziqiwini ezothuthukisa imiphakathi eyakhelene neziqiwi.  Ngamanye amazwi abantu babone ukusizakala ukuthi iziqiwi lezi ziwukusizakala kwabo, kunokufa kwabo.

Ngiyacabanga ukuthi Sihlalo kufanelekile ukuba abantu bakhuthazwe manje ukuba siqale sakhe indlela yokuba sibaqeqeshe, sibaqeqeshela kulezizinto okuthiwa babe  ama-tour   operators .  Ngoba ikona okuyosisiza lokho ukuthi sibenze bafundiseke bakwazi ukuzazi lezinto ezingaphakathi.

Ngithathekile kwenye indawo nxa ngibona Sihlalo ukuthi abantu bakhona sebazi kangaka nani ngemvelo.  Ayikho into emnandi njengokwazi ngomlando, ngemvelo, wazi cishe inyoni ukuthi iphila kanjani, isihlahla usazi ukuthi siphila kanjani.

Ngijabulile futhi nxa ngibona ukuthi uMnyango kaNgqongqoshe awuhlezi phansi ekuthenini ubone ukuba izingane zethu ziyaqeqeshwa, ziqeqeshelwa kulezi ezemvelo.  Ngivikele Baba. 

INKOSI B N MDLETSHE:  Ngicabanga ukuthi Sihlalo uma singatshali kubantwana bethu siyolahlekelwa.  Ngivikele Sihlalo  ko-Dr   Sutcliffe . 

Ngakho ngicabanga ukuthi isiZulu sike sithi; "Inkunzi isematholeni".  Ngakhoke kusemqoka uma sithatha lolulwazi esinalo silifaka kubantwana bethu ngenhloso yokuba kuyoba sazi ukuthi kuyobakhona ukuqhubeka emvelweni yethu nokuvikelwa kwayo.

Sengiyathokoza Sihlalo ukuthi kuzozonke izinhlelo ezenziwayo eziqiwini zokuthuthukisa iziqiwi sesiyingxenye yalokho kungenxa yomphumela kaMhlonishwa osenze sazizwa siyingxenye yokuthuthuka kweziqiwi.  Ayisekho  idivelophumente  eyenze ngaphakathi esiqiwini esingesiyo ingxenye yayo.

Siyafisa ukuba-ke ukuthuthuka okukhona kwandiswe abantu bakhuthazwe laba bangaphandle ukuba babenazo izinto abazenzayo ngezandla zabo ekutheni basekele ukuthuthuka kwemvelo.

Ngalamazwi Mphathisihlalo, ngibonga kakhulu ngisho ukuthi asibambane kulokhu, asingaxabani kulokhu, asibe into eyodwa, sibe imbumba nabangekho nize nibatshele ukuthi babekhona la  ePhalamende  ngesikhathi esizayo.  Ngiyabonga.
 [ ikhasi 133 umugqa 5- ikhasi 136 umugqa  31]

Mnu J D MKHWANAZI:  Awu! bethuka ogombela kwesakhe ukuthi nami ngiyadla namhlanje.  Baba Sihlalo ngiyabonga lelithuba.  

 We have this Department which is working hard to conserve what God gave to us .  UNkulunkulu wasipha umhlaba bakithi  (land) .  Sike sithi uma sikhuluma ngomhlaba abantu bacabange ukuthi siyaphupha, umhlaba lona nakhokonke okukuwo sakuphiwa uThixo nakhokonke okukuwo okwethu. Izinyoni nakhokonke nonogwaja bekufanele ukuba sikugcinile.
 [ikhasi  136 umugqa 36- ikhasi 137 umugqa 15]

 Now  Inkosi yaseMdletsheni ikhulume ngezindawo abantu abakhala ngazo, mina nje ngiyakhala ngendawo yakithi lena eDududu.  Kodwa-ke Ndabezitha ngiyajabula ukuthi ngoba leziqiwi lezi nezinye izindawo lezi ezenziwayo njengale  e-St Lucia .

Sekunalomgomo wokuthi kube  nelevi    izimali   ezitholakala khona zisize abakhi baleyondawo, kuyangixolisa lokho ukuthi ngoba phela  all this  years  the owners of the land did not benefit from the Parks Board  or  from  iziqiwi.
[ ikhasi 137 umugqa 27-37]

Mnu J D MKHWANAZI:  Izintibane ziyadliwa nazozonke izinyamazane ezidliwayo, kodwa zidliwe kahle.

Ngidlule ngiye  what the Minister talk about  inanzike  i-transformation .   i-Minister  ishilo nayo laphaya yathi  he will briefly talk about transformation .  Kanti phela Baba Ndabezitha  i-transformation  siyayifuna.
 [ ikhasi 138 umugqa 10-18]

Nkosazane M XULU:  ( WHIP ) :  Ngiyabonga Mhlonishwa Sihlalo.  Okokuqala bengithi angincome lapha Inkosi yakwaMlaba ngeshwa isaphumile engiyizwe ithi  i-ANC  iyawahlonipha Amakhosi, iyawathanda, iyawancoma.  Bengithi mhlawumbe bekungakuhle ukuthi  i-ANC  bese ikhipha  isitatimende  isho ukuthi uyawemukela umbuso wobuKhosi baKwaZulu.

Kunjalo Mhlonishwa Mphathisihlalo,  iPhepha  eliMhlophe  le-Local   Government   Planning  liyasabeka.  Lokhu ngikusho ngoba lisuka phezulu lifune ukujomba iziFunda liye  koMasipala .  Lifuna ukunika  oMasipala  amandla angaphezu kweziFunda.  Noma kunjalo-ke thina sithi nabo  oMasipala  mabangenzi umsebenzi ube ngoweqembu elilodwa, kodwa mabenze umsebenzi ube ngezidingo zabantu.

Mhlonishwa Sihlalo, ngikhuluma ngezindawo kakhulukazi ezihlala abantu abaxoshwa  emadolobheni  kudala  nguHulumeni  owayephethe exosha abantu abaMnyama kuthiwe abafuneki ukuba bahlale kulezindawo  sasedolobheni  lezi  ezinogesi , nazozonke izinto eziwubucwebecwebe.

Lezindawo namanje zisesenkingeni enkulu izona okumele -  Amakhansela  awayeke ukuzicabangela wona wodwa kodwa acabangele abantu abahlezi ezindaweni nawo okufanele angabe ahlala kuzo.  Makwakhiwe  amakomidi  axuba bonke abantu abahlezi kulezo zindawo kuyekwe ukuba kube uhlangothi olulodwa ngoba ngeke itholakale  i-information  kubantu.

 I-ANC  noma  ukhongolose  akayale  amaKhansela  akhe ukuthi abantu bafuna  isevisi  ngempela ayi umdlalo lona abawenzayo.  Uma ngikhuluma ngendawo yaseMlazi nje kade sazi ukuthi sinenkundla enhle kabi yokubeka abantu bakithi abangasekho amangcwaba. Namhlanje kuyadabukisa, namhlanje lihlazo, namhlanje lishwa, ukuthi abantu bakithi bafakwe esikhotheni, emahlathini uMkhandlu okhona awubanakile abantu abangasekho.

Akenisize-ke nina   bakaKhongolose   ngoba laphaya  emadolobheni  siyazi phela ukuthi nashaqa konke, akeniveze imisebenzi yabantu niyeke ukuhlala phezu kwezikhundla abanye babaleke ezindaweni zabantu bayohlala  emadolobheni .

Ngithi eMlazi kugcwele isikhotha, ihlathi, abantu abakwazi ukungcwaba izithandwa zabo, indawo yamathuna indawo ehlonipheke kabi.  Thina sinomlando thina bantu abaMnyama ikakhulukazi ngokuthi sihloniphe abantu bakithi abangasekho.  Angazike phela ababevele behlala emahlathini, njengani njengoba vele benizihlalela emahlathini nikujwayele.

Inkinga ekhona uma sibheka imisebenzi  yamaKhansela  - yalani  Amakhansela ,  ko-Lamontville  kuvalwe amanzi abantu bayazinqamulela amanzi, abantu bayaziqhumisela amanzi kwanqanyulwa yonke into abantu bazithathela ngenkani, kwenziwa yini lokho?

Ngonyaka odlule sasithi kuzobangcono mhlawumbe abantu basenziwa ukuthi bayafunda.  Ngakhuluma kuleNdlu ukuthi njengalapha kithi eMlazi abantu ababebala  amamitha  amanzi bayekiswa kwafakwa abantu abasha.  Ake sibheke ngeqiniso ukuthi abantu abafakiwe bayawazi yini umsebenzi abawenzayo.

Uma ulalele kwaMashu  amamitha  masha akakawuqedi nonyaka kodwa kuthiwa abantu sebenezikweletu zo-3000, ngisho u-R3000.00.  Ngabe lawomanzi abalwa ngokufanele yini na?  Ngiyanicela ninabaholi  bakaKhongolose  ukuthi uMkhandlu akungabi ngoweqembu, uMkhandlu lokhona owabantu.

Njengoba nithi abantu bayobusa (wena Bheki uyafika thula) abantu  umanithi  bayobusa kufanele bazizwe ukuthi izinto ngezabo.  Akusizi sikhulume  nge-Mega   City  kodwa izindawo zabantu zikhohlakale.  Ake kwenyuswe lezindawo ebezikade kuthiwa ezabantu.  Ngishilo ukuthi abantu bakhishwa eThekwini,  emadolobheni , kwathiwa abalifanele iTheku  uHulumeni  omdala, kwathiwa abayohlala bodwa ngale.  Yizona zindawo Mphathisihlalo, okufanele zibhekwe kuqala lezo.

nKOSAZANE M XULU:  ( WHIP ) :  Ngiyabonga Sihlalo, inkulumo kaMhlonishwa uNgqongqoshe futhi ngiyayeseka  ibhajethi  yakhe noma enenkinga uNgqongqoshe sinenkinga sonke njengoba sazi ukuthi  imali  inqanyuliwe kodwa ngithi, " weKhongolose woe unto you come 1999 ".  Ukhetho luyeza nizothi nibanikeni abantu,  nidiliveni  kubantu ngiyabuza?  Ngiyabonga.
 [ IKHASI 193 UMUGQA 11- IKHASI 195 UMUGQA 19]

[isikhulumi?] Ngiyakhumbula Sihlalo, ngiyakhumbula indlu ehloniphekile ukuthi ngisengumfanyana, ngiseyibhungwana  I nearly died  sihamba singamabhungu, nezinsizwa, nezintombi siyofuna izindlu eNkosini u-A J Luthuli eSentela njengomuntu owalwela abantu waze wafika ekufeni.  Khona lapho ngisho ukuthi indaba  ye-housing  yayikhona phakathi.

Sesiphumile lapho manje sathuthwa eMkhumbane sithathwa  uKopeletsheni , wasithatha  uKopeletsheni  wayosilahla KwaMashu, safika KwaMashu sanikezwa izindlu kwathiwa  abano-R4.00  abadiphozithe   ngo-R4.00 , abangenayo  imali  bayengala.   Whereby  abanye bayiswa kaDu  eMaplangweni   wooden structures .

 and  from there  abanye bayiswa  kwa-L , okunanamhlanje  abakwa-L   are rotting there with nobody that cares for them .

Kubuhlungu lokhu Sihlalo, ukuthi lezinto ezenzakalayo zenzeka phambi kwethu sikhona siyizisebenzi zabantu, sekufanele manje kubekhona okwenziwayo ngezindlu.   Something must be done about housing .

 This time  besekukhona nenhlanhla le yomnikelo lona esasiwunikeziwe okwakuthiwa umxhaso.  Kwathiwa nazi izindlu zamahhala, wonke umuntu uhamba ekhuluma ngomxhaso, umxhaso.  Nakhona lapho abantu bethu abakatholi lutho.  Kulendawo esihlala kuyona koLindelani,  o-L section, o-D section  emjondolo,  o-K section  emjondolo  all to find  ukuthi noma yini esithi siyayenza ayenzeki.

Ngithe ngoba kukhona  nedibhethi  namhlanje ngizokuthinta lokhu,  so that the world  and  the leaders must know we are staying in a very problematic area .

 So -ke manje  when you talk of housing I want to know , ukuthi  are we going to stand up  and  do something about it .  Bayahlupheka abantu bethu sonke, bayahlupheka abantu bethu sonke,  they need to be assisted .

 So -ke, uma uThixo ethandile njengoba sesivumile ukuthi singabaholi babantu kuyobanjalo.   I must thank you all .  

Ngelinye ilanga la ekhuluma uBaba uMkhwanazi  we-PAC  owathi esukuma la kukhona umsinjwana wathi ayi ayi musukani ukubanga umsindo, musani ukulwa lungiselani abantu.  Ngempela wathula umsindo kukhuza indoda endala nayiya kwanjalo.

Ilezozinto esizifisayo ukuthi ake sibambisaneni ukuze abantu bathole izidingo zabo bahlangane abantu impela kube udadewethu, umfowethu, umkami uma kungumkakho, intombi uma kuyintombi yakho kusetshenzwe, kwenziwe umsebenzi.

 So why am I saying all this, sir is that the problem is enormous   ezindlini.  Uma sivuma  noHulumeni  evuma  will do great things  And  wonders .  Njengoba sila abantu bamile, babhekile ukuthi ziyabuya yini izindlu nanti  iPhalamende  lihlangene, ziyabuya yini izindlu?  Kodwa sikhona isithembiso  k u-Minister   enkulumeni yakhe, sikhona isithembiso sokuthi kukhona azokwenzeka.   Ibhajethi  nokho ayimbana kodwa ayanele.   Ibhajethi  nokho ayimbana kodwa siyathemba ukuthi kukhona okuzokwenzeka.

Ngifuna ukusho Sihlalo, ukuthi  in my life  ngathunywa ukuthi ngisebenzele abantu  I am the servant of the people .

KwaMashu  has a very large population, I do have some colleagues across there from  KwaMashu, sikhulume sihlangane nabo abaholi kesihlangane silungise izinkinga zomuntu oMnyama.

 I rrespective  ukuthi  uyi-ANC ,  PAC whatever you are you are still a black man , ngoba thina  all along I was hoping  ukuza kwami la ukuzosiza abafowethu ngoba abafowethu laba  are brothers  abangaphesheya ibona abakhala ngokucindezelwa kakhulu.  Akungabi-ke yibo abacindezelayo bafane nalamadoda lawa.  Ngoba ibona esasibasola thina ukuthi cha basiphethe ngesihluku esingasoze saphunyuka kusona.

Ngiyathanda Indlu ehloniphekile ukuthi emthandazweni yethu yonke ngokuhlupheka kwabantu bethu esibaziyo esihlala nabo, akesihlanganeni sibe imbokodo, sibe into eyodwa.

Inkosi u-A J Luthuli wayelilwela ilungelo lomuntu  i-housing i-under  ilungelo lomuntu.  Ngikhumbula Inkosi u-A J Luthuli ethi asihole  upondo , elwela upondo yalwa yaze yajuluka indoda saze sagcina siwutholile  upondo  sadlula futhi kulokho.

 THE CHAIRPERSON :  Ilunga elihloniphekile linomzuzu owodwa.  

Mnu G E BHENGU:  Namanje-ke akubenjalo.  Ukuthi ngoba  leaders meet  bakhuluma bahleke kubemnandi njengeNkosi uLuthuli yayilwa.   I remember the leader of the IFP  kwakunzima ngalelolanga ihambile Inkosi u-A J Luthuli kwathiwa kazi kuzokhuluma bani-ke emgcwabeni weNkosi uLuthuli.  Sathi sizwa kwakubhavumula Inkosi  uDokotela  uButhelezi ngaphansi kwezihlahla lapha  e-Groutville , bathi abantu hawu! akesabi yini kanti ukukhuluma ngoba  the National Government was terrible .

 So ,  uDokotela  M G Buthelezi  spoke so well  and  everybody admired him .   So   I am asking for that kind of unity , ngicela lolobumbano ngoba Inkosi u-A J Luthuli yayimthanda umholi  we-IFP , umholi  we-IFP  eyithanda Inkosi uLuthuli.

Isikhulumi  THE CHAIRPERSON :   The home members time is up .

Mnu G E BHENGU:   So all I want to say sir, is that we have to get together, roll up our sleeves  kusetshenzelwe abantu, siyeke ngempela lento eyayishiwo umngani wami laphana  we-PAC  

Isikhulumi  THE CHAIRPERSON :  Ilunga elihloniphekile sicela lithathe indawo yalo. 

Mnu G E BHENGU:  Just go along  and   siqhubeke siyephambili.   Thank you sir . 
[ ikhasi 203 umugqa 22- ikhasi 206 umugqa 20]

Mnu T F DINGILA:   Thank you, MNU Chairman .  Phela ngisho umholi ongazange aqambe amanga owathi angeke avume ukuthi lelilizwe kuthiwe likhululekile engakaphumi  u-Dr  Mandela  ejele .  Owathi inkece iyophumaphi yokwakha izindlu, yokufida izingane mahhala, yokukhipha izisu mahhala, yokukhipha izigebengu ezidinga ukunqunywa kodwa zigqunywe  emajele , ithuba elihle leli esilinikwe  i-ANC  ngokuziveza ukuhluleka kwakhe ukubusa ngesikhathi esemandleni.
 [ ikhasi 209 umugqa 37- ikhasi 210 umugqa 5]

Mnu T F DINGILA:  Nokho-ke uma  uShifu  Mlaba ilunga elihloniphekile engakwenzi lokhu isizwe sayo siyoyivukela ngoba ubuKhosi abubona  obukaShifu  Mlaba kodwa obabantu beSizwe sakwaMlaba neNkosi yakwaMlaba.

Nanso-ke  i-democracy  yaKwaZulu la ihamba khona.  Ayifikanga nabelungu  i-democracy  KwaZulu yayaziwa endulo Amakhosi ayephethe njengoba kukhona  u-State   President  ephethe KwaZulu kwakuphethe Amakhosi into endala leyo asifiki nayo namhlanje.

Kunenkinga ekhona la  kwa-Local   Government  kuThungulu  Regional Council  uma bethi bazama ukuxhumana nomnyango kaMhlonishwa wethu ohloniphekile uBaba uMsholozi izisebenzi zomnyango zithi ayi asihlangene nalokho thina, asihlangani nezindaba zokukhuluma  nge-tourism  yasemakhaya uMnyango  ka-Local   Government  ofanele wenze lokho.

Kodwa kufanele leminyango ixhumane siyacela mhlawumbe uma engakwazi lokho uMhlonishwa wethu uMsholozi ake axhumane noThungulu ayibuze lento.

Mnu T F DINGILA:  Ngiyathokoza.
[ ikhasi 211 umugqa 13- ikhasi  212 umugqa  8]

Mnu T D NTOMBELA:  ( WHIP ) :  Sihlalo, ngicabanga ukuthi ayiqondiswe lento akufanele uMhlonishwa lo uBheki aphazamise endlini angathathelwa sinyathelo.  Mina David Ntombela noShabalala sakhishwa, sakhishelwa emnyango sathola  i-red card , kodwa uBheki ngasosonke isikhathi uyazichachazela nje akufanele sikuvume lokhu Sihlalo.

Akufanele kubekhona ilunga elidelela abamanye amalunga  ePhalamende  akufanele lokho Sihlalo.  Ngempela akufanele lokho uma ezoqhubeka enzenje uBheki akalibuse izwe alithathe kube elakhe.
 [ ikhasi 226  umugqa 34 - ikhasi   227 umugqa 5]

Mnu W A ZUMA:  Okokuqala nje Sihlalo ngizocela ukukhuluma ngokuthi kwakhelwe abantu basemakhaya izindlu abasezabelweni njengoba kungabantu  abasivotela  njengoba silana nje.

Indlela yokwakhela abantu izindlu ukuba kusetshenziswe abantu  abanjengo-KFC  ukuze nabo basizakale, ngoba nabo abantu bakithi bayahlupheka uma imipheme ingekho.

Laphaya ngaphandle ezabelweni kukhona abantu abapheshukelwa izindlu zabo zipheshulwa izinto ezahlukene njenganenkanyamba.  Labobantu basala bengenalutho badinga usizo  kuHulumeni .  Abanye babo abasebenzi kodwa maduze nje ngo-1999 labantu siyabadinga futhi ukuba  basivotelei .

Okubike Sihlalo, uma labantu benganakiwe kodwa bebe behlupheka bedinge usizo kithina singenzi lutho bayosethuka.  Lento Sihlalo akube into ezocatshangwa yenziwe.

Okunye Sihlalo, imigwaqo ezabelweni ayikho, ithi noma ikhona ayinakiwe, ayilungiswa.  Kuhle ngoba  i-Minister  oh bengithi  u-Minister  uNdebele ukhona la.

Uma sekwakhiwa phela nayo imigwaqo iyadingeka ukuze nezimpahla zokwakha kungahlushekwa uma sezithuthwa kuyokwakhiwa.

Ngiyethemba ukuthi lokhu  o-Minister  bazokuthatha njenganento ebalulekile.  Ngilana nje mina ngiphuma le Empendle lapho zonke lezehlakalo zikhona.  Ngikhuluma ngento ekhona engiyaziyo futhi.

Empendle kuhlasela inkanyamba yonke iminyaka, abantu basale behlupheka bengezukusizwa muntu ngaphandle kokuba bazisize bona.  Esikhathini esibi kangaka abantu bengasebenzi befana nezingane.

Abantu babeqala  ukuvota  ngo-1994 ngoba babethi bazothola okungcono.  Kodwa manje bayahlupheka bacela usizo  kuHulumeni  ukuba abasize.  Ngineqiniso lokuthi naye uyabadinga.  Kodwa uma ngabe ebadinga akabadinge noma sekukubi ngakubo.  Ayi ngoba edinga ukuba  bamvovotele  kuphela.

Okokugcina, siyabonga thina  abeIFP  koNgqongqoshe ababili laba abakhona lana oMnumzane  u-Miller   no-Singh  ngemisebenzi abayenzile belekelelana  namakomidi  abo.  Ngiyabonga Sihlalo.

 [ ikhasi 242 umugqa 17- ikhasi 243 umugqa 23]


 Cov 598:

 ISESHINI  YESIHLANU

UMHLANGANO WESIBILI	:	 OJWAYELEKILE	 : 27, 28 KANYE NO 29
									KUNHLABA 1998


UMQULU 5

 Vol 598:

INKOSI C KHAWULA: Mphathisihlalo, malunga ahloniphekileyo ngisukuma ukuphawula okuthile ngoMnyango wezindaba zendabuko, ezemvelo.  Lona nguMnyango waMakhosi, kanti Amakhosi aphathele imiphakathi yawo komaziphathe angababhekeli bomphakathi isibili.  Lapho abekwa khona nguMvelingqangi ukuba abhekele izintandane, nabafelokazi ukuba nabo bazizwe belingana futhi bevikelekile njengabo bonke abahlala ezindaweni zabo zasemakhaya.

Kuliqiniso elingephikiswe ukuthi ubuKhosi lapha ezweni lethu eNingizimu  Afrika  selokhu babayinto ezondwayo kusukela ngesikhathi kuthathwa izwe nombuso wobuKhosi baKwaZulu, buthathwa  AmaNgisi  ngonyaka ka-1879.  Emuva kombuso  AmaNgisi , ewuthatha umbuso  wamaBhunu   i-National   Party .

Nawo abuzonda kakhulu ubuKhosi baKwaZulu, futhi engazithuthukisi nezindawo zabantu emakhaya.  Kwasalela emuva ukwakhiwa kwemigwaqo,  izikole , imitholampilo kanye nezinye izakhiwo zentuthuko.

Ukuba akuzange kubekhona  uHulumeni  waKwaZulu oholwa yiNkosi  uDokotela  M G Buthelezi osenguNgqongqoshe weZindaba zasemakhaya  kuHulumeni  omkhulu manje, ngabe akukho ngisho izinkantolo zokuthethela amacala, ngabe akukho ngisho  amaHhovisi  okuphatha ezindaweni zaseMakhosini, komaziphathe.  Ngabe akukho ngisho  amahholo  ahlanganisela kuwo izindaba zasemakhaya, ngabe akukho mgwaqo, lutho nje.

Ngakho kuthe uma  uHulumeni  omkhulu usuphethwe ngabantu bakithi futhi bekhethwe ngabantu kusukela ngonyaka ka-1994, saba nethemba elikhulu lokuthi  loHulumeni  oxube izinhlanga wona uzoba nozwela ngezindawo zasemakhaya kanye nobuKhosi baKwaZulu ikakhulukazi kanye nobuKhosi bonke nje.

Kodwa okudabukisayo Baba Mphathisihlalo, malunga ahloniphekileyo ukuthi  uHulumeni  omkhulu akalazi iqhaza okufanele libanjwe ngaMakhosi  koHulumeni  basemakhaya okusho ukuthi ezindaweni zawo, komaziphathe bawo lapho ayevele ephethe khona kungakafiki abelungu kulelizwe.

 loHulumeni  ubonakala enza okwakwenziwa  nguHulumeni   wamaKoloni , nalokho okwakwenziwa  nguHulumeni   wamaBhunu  uma kuthintwa izindaba zaMakhosi nezindawo zabantu abahlala emakhaya.

Ngalamazwi ngiqonde ukuzwakalisa ukuzwelana kwami maqondana nobunzima abhekene nabo uNgqongqoshe woMnyango Inkosi N J  Ngubane.  UMhlonishwa Inkosi uNgubane yena unawo umbono omuhle nezifiso zokuba kusizakale Amakhosi futhi kuthuthukiswe izindawo zasemakhaya.

Kodwa ubhekene nezinkinga ezimbili; eyokuqala yilena esengiyishilo maqondana nokubukelwa phansi kwaMakhosi nokwephucwa amandla  nguHulumeni  omkhulu.  Eyesibili yingwadla yokungabi khona  kwemali  efanele ukuqhuba lezizifiso ezinhle kangaka.

Sekuphele iminyaka emine (4  years ) kwafika intando yeningi lapha eNingizumu  Afrika .
 [ ikhasi  9 umugqa 24- ikhasi 11 umugqa 1]

INKOSI C KHAWULA:  Sekuphele iminyaka emine (4  years ) kwafika intando yeningi lapha eNingizumu  Afrika .   sekuyovotwa  futhi ngonyaka ozayo, kodwa izithelo zentando yeningi azika-abonakali maqondana nentuthuko kwezenhlalakahle yaMakhosi kanye nelungelo lawo lokubusa komaziphathe abaphethwe ngaMakhosi amacala, alamule abantu, athuthukise izindawo zawo, ahlomule ngokufanele esikhwameni  sezimali  zentuthuko.... 
 [ ikhasi  11 umugqa 21-27]

NKOSI C KHAWULA:   uHulumeni  omkhulu akakhiphe  imali  kuphela yokuvala igebe lokuthuthukisa ezindaweni zaMakhosi.  Ayekele izindaba zokuphathwa kwawo  kuHulumeni  waKwaZulu-atali ophethwe nguNdunankulu uMbovu, kanye nasemnyangweni ophethwe yiNkosi yaseMabovini.  Ngiyathokoza Mphathisihlalo.  
 [ ikhasi 12 umugqa 5 kuya ]

 ADV  M I MADONDO:  Ngiyabonga Mphathisihlalo, malunga ahloniphekileyo.  Ngibonga kakhulu inkulumo kaMhlonishwa uMbovu.  Lana kunezindawana ebengingathanda ukuthi mhlawumbe ngithi ukukhuluma kuzo engathi unesikhalo sokuthi mhlawumbe izikhwama zezizwe zaMakhosi azisaqikelelwe kahle kufanele nami nginaso lesosikhalo ngoba Amakhosi amaningi engathi amacala akasawathethi angene athi shi  kwiPolotiki 

Okunye akhala ngakho ukuthi mhlawumbe Amakhosi umangabe engezukuba nalo ilungelo lokuthi  avote  kungahle angakwazi ukudlulisa izidingo zezindawo zawo.  Mina ngibona ukuthi kungebekhona inkinga phela ngoba la  kuHulumeni  basemakhaya kunabantu abakhethiwe abahlala kulezondawo abazaziyo kahle nabo lezizindingo, inkinga ngeke ibekhona.

Bese kuthi ngapha ekugcineni ngizwa kunesikhalo esikhulu sokuthi kusetshenziswe Ingonyama  rustAct  nginenkinga yokuthi ingani ngoba uma izwe lisezandleni zeNgonyama likumnikazi walo ingani sifuna ukuthi izwe lize phansi eMakhosini kodwa Amakhosi wona engafuni ukuthi abantu babe namalungelo endawo abahlezi kuyona.

Ngoba ukuba nelungelo umuntu ngomuntu kumnika ithuba lokuthi angabambisa ngendawo yakhe athole  imali , angakwazi futhi ukuthi akhelwe indlu, ngoba  amabhange  awakwamukeli lokhu ukuthi umuntu kuthiwa umuntu akanayo indawo.
 [ ikhasi 12 umugqa 13 kuya 7]

MNU T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Angibonge Sihlalo, ukunginikeza lelithuba emveni kokuba kukhulume uzakwethu uMadondo.  Okokuqala angibonge Inkosi ephethe loMnyango Inkosi uNgubane naMakhosi onke angaphansi kwalesiFundazwe ngokuba awakuvumanga ukukhohliswa umholi nonguMongameli weqembu  ikaKhongolose ethi uzobakhela izindlu, ethi uzobanikeza  zimoto zikanokusho bakushaya indiva lokho ngiyakubonga Ndabezitha naMakhosi onke aKwaZulu anqaba ukuholelwa ophathe.

Baba Sihlalo, ngithanda ukuba uma ngikhuluma kulomnyango wendlu yezendabuko kube khona ukuthula kuleNdlu ukuze sikhombise phela ukuhlonipha ubuKhosi, sihloniphe nomhlabathi esawunikwa uNkulunkulu kulelizwe.

Sihlalo kuyaziwa ukuthi kukhona ubuKhosi lapho kuthiwa Inkosi yesizwe.  Okwesibili kukhona ubuKhosi obubuswa ngo-chief izinto lezi ezehlukene yikho ngithanda nje ukuthi Ndabezitha Nkosi yakwaZashuka ngikwehlukanise lokhu.

Ukufika kwabaMhlophe kulelizwe esalinikezwa uMdali wethu uNkulunkulu mhla edala isizwe samaZulu yiwo lomhlaba asidalela kuwo awukho omunye.  Endulo ayekhona Amakhosi, zikhona Izinduna zamaKhosi uhlonishwe umhlabathi, ahlonishwe Amakhosi neZinduna, sihlonishwe Isilo SamaBandla sangalesosikhathi.

Sihlalo uma uZulu enqotshwa ngabamhlophe ilapho abamhlophe baqala ukuba bakhe ubuKhosi babo ababethi umuntu abambe iqhaza ukuba abaphoshozele izimfihlo zikaZulu bese bethu bayambeka  usenguShifu  ngoba phela babenqobe isizwe sikaZulu ngenganono yikho bathi Amakhosi lawa abawabeka bona abaMhlophe bathi   ngoShifu  .  Uthi lapho Sihlalo uma uhamba isho  edolobheni  nokungebani bani kubize usibani bani kuthi " weShifu ,  weShifu ".

Sihlalo, angibonge kakhulu uSihlalo wendlu yaMakhosi uMntwana waKwaPhindangene owaqala ukuba abulungise lento yobuKhosi  nobuShifu  wakuqeda nya ukuthi kubizwe Amakhosi  ngoShifu .  Namhlanje kuyaziwa Baba Sihlalo, ukuthi Inkosi iyiNkosi ngoba iphethe isizwe sayo.  IyiNkosi ngoba iphathele isizwe sayo isiphathele Isilo.

Angazi Ndabezitha ukuthi abafowethu laba  bakaKhongolose   bayakusaphotha  yini lokhu ukuthi Amakhosi kungashiwo ukuthi  oShifu .  Kepha ngike ngizwe Ndabezitha ukuthi abafowethu laba  baka-ANC  bayangivumela yini umangincoma uMntwana waKwaShenge owaqondisa umonakalo owawusudalwe ngabaMhlophe.

Sihlalo asiqonde ukuthi ubuKhosi buyohlala bukhona koze kubhubhe umhlaba, noma ngazi kamhlophe ukuthi kunomkhulu umyakazo wokuthi kuqedwe ubuKhosi konke lokhu kwenziwa iqembu labafowethu  bakaKhongolose .  Baba Sihlalo, banayo nje Inkosi yethu nansi lapha ngaphesheya Inkosi uMlaba.  Ndabezitha asikho isikhathi lapho behlonipha khona Inkosi yabo, Inkosi lena engaphesheya Inkosi uMlaba bayibiza  ngoShifu .

Sihlalo,  uHulumeni  oholwa  ngu-ANC  utshele izwe ukuthi Amakhosi angangeni kwezombusazwe akahlale emakhaya.  Baba ngiyabuza ukuthi basho ukuthini uma besho njalo ngoba umholi onohlonzo esimaziyo kwezombusazwe Inkosi engasekho  u-Albert  Luthuli wayehola  I-ANC  eyiNkosi kungabe bayaphambana yini nesenzo seNkosi uLuthuli na?  Kungabe sebake bakusho yini emndenini wakwaLuthuli ukuthi qha Inkosi uLuthuli wayenza  oku-wrong , wayenza okungafanele uma ngabe engena kwezombusazwe eyiNkosi.

Sihlalo kudingeka leNdlu nomnyango wendlu yendabuko siyeseke sonke siwahloniphe Amakhosi ngisho nomhlabathi wawo sibuyise isithunzi esadicilelwa phansi ngabaMhlophe.  Okudabukisa kakhulu  uHulumeni  ushaya umthetho othi Amakhosi angabi ingxenye  yabavoti   koHulumeni  basemakhaya kuyadabukisa lokho, ngoba sengishilo ngaphambili ukuthi Inkosi uLuthuli wayengene gaxaxa kwezombusazwe.

Sihlalo, ingozi enkulu lena edalwa  uHulumeni   we-ANC .  Angisho Sihlalo ukuthi laphaya  kuHulumeni  wasekhaya ilapho kwabiwa khona intuthuko esiwa kubantu ababecindezelwe  uHulumeni   wamaBhunu .

 I-ANC  izama ukuba intuthuko eya kubantu ingayi ngaMakhosi kodwa iye ngabantu nje, ukuze abantu bavukele Amakhosi bathi Amakhosi abawenzeli lutho abantu bawo, esikhundleni sokuba kuhlonishwe Amakhosi bese kuhlonishwa umuntu nje.  Okusho ukuthi ngempela umkhankaso omkhulu wokuba aqedwe amandla eMakhosini.

Sihlalo,  uHulumeni   we-ANC  akakuqonde ukuthi thina sehlula  amaBhunu  ngalesosikhathi sikhona nanamhlanje.  Athi aqeda ubuKhosi akazange abuqede nanamhlanje ubuKhosi busekhona.   I-ANC  ayisoze ibuqede Sihlalo ohloniphekile neNdlu yakho ehloniphekile, ubuKhosi siyolwa nemithetho kuze kube phakade.

Sihlalo, angisigxeke isabelo Mhlonishwa noMafu esabelwe lomnyango siyinhlekisa uqobo lwayo.

MNU T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Ngiyabonga Baba.  Lesisabelo kuvela ngokusobala ukuthi abahleli laphaya ilababntu abalwa nokuthi kuqedwe ubuKhosi benzela ukuba ubuKhosi bunganyakazi la KwaZulu.  Kodwa ngiyajabula Sihlalo, ngoba nakwamanye  ama- Province , Amakhosi asekubonile ukuthi   ukhongolose   akayena  uHulumeni  oqonde ukuba kusekwe ubuholi bendabuko.  Ngiyathokoza.
 [ ikhasi 15 umugqa 11 ukuya ikhasi 18 umugqa 3]

INKOSI B N MDLETSHE:  Mphathisihlalo, okokuqala nje ngithi angisukume la ngilungise izinto engizizwile ezishiwo ilunga elihloniphekileyo uMadondo, uma ethi sizothi nxa Amakhosi engena kwezombusazwe awuzukuba nakho ubulungiswa.

Kuyangethusa lokhu Sihlalo, ngoba ilunga elihloniphekileyo  u-ADV  Madondo wathi wafaka isicelo sokuba  iJaji   e-Supreme   Court  njengoba nje eyilunga  lika-ANC  unginikeza umqondo wokuthi sasiyoba  neJaji   lika-ANC  elizosigweba thina noma ikanjani. Akusilo iqiniso lelo. [UHLEKO]

Ngicabanga ukuthi okwesibili ngiyafisa futhi ukulungisa izigwegwe ukwazisa ozakwethu abangaphesheya ukuthi uMongameli weZwe kade ewuMongameli  we-ANC  kade sikuhlonipha thina ukuthi uwuMongameli weZwe ekwazi ukuphatha wonke amaqembu njengoba ehola  uHulumeni  wobumbano.  Angazi inkinga ikuphi nxa kuza ebuKhosini kulokho.  [ ikhasi  20 umugqa 8 ukuya 25]

[ISIKHULUMI? ] Angibonge lapho Sihlalo, ngibongele Inkosi uMhlonishwa ngeqhaza alibambile kulomnyango lo.  Kuyasithokozisa ukuthi kwabekwa Inkosi ngakho izazi kahle izinkinga nezingqinamba ezibhekene nobuKhosi.

Ngiyafisa futhi ukubonga lapha uMhlonishwa uNgqongqoshe uMnumzane  u-Miller  ngokuvikela ubuKhosi ngenkathi ethatha udaba lokuba khona kwaMakhosi  kuma-Local   Government , nina  ANC  enanithi asifanelekile ukuba khona, aze alifake  kwi-Constitutional   Court , lapho  I-Constitutional   Court  yakwemukela ukuthi kufanelekile ukuze kubekhona ukuqhubeka kwentuthuko yabantu ngoba Amakhosi abekhona.  Angazi  I-ANC  iyozibona nini lezizinto ivuleke amehlo.

 AN HON MEMBER :  Ilele. 

INKOSI B N MDLETSHE:  Mphathisihlalo, kukaningi nxa silalela izinto abantu bakhulume ngokuthi Amakhosi bayawathanda, amaqembu amaningi siyezwa athi athanda ubuKhosi bakithi sesiphelile isikhathi lapho sizozwa khona  ama-constitution   nama-statements  asho lokho sesifuna izenzo.   I-IFP  iyakwenza lokhu ayikukhulumi nje, iyakwenza ikugcizelele ngokwenza.  Ingakho isivikele ukubi sibekhona  ku-Local   Government , Amakhosi abambe iqhaza entuthukweni yomphakathi, awakhishiwe eceleni kwathiwa intuthuko ayenziwe abantu abathize. 

Ukukhombisa lokho Sihlalo, uma uyalapha  e-Eastern Cape  Amakhosi abekwe eceleni kukhona amadoda agijimayo phakathi kwesizwe enza izinto.  Bakithi intuthuko nobuKhosi kudala kwaqala Amakhosi ayake akhe  izikole  ezindaweni zawo, Amakhosi abeka iziza zezibhedlela, sibeke iziza zemtholampilo, senze konke lokhu okuthuthukisa isizwe ngisho imigwaqo imbala Amakhosi ayenza lokho.  Ayiqala intuthuko namhlanje njengoba sekukhona  I-ANC .

[isikhulumi?] Angibonge lapho Sihlalo, ngibongele Inkosi uMhlonishwa ngeqhaza alibambile kulomnyango lo.  Kuyasithokozisa ukuthi kwabekwa Inkosi ngakho izazi kahle izinkinga nezingqinamba ezibhekene nobuKhosi.

Ngiyafisa futhi ukubonga lapha uMhlonishwa uNgqongqoshe uMnumzane  u-Miller  ngokuvikela ubuKhosi ngenkathi ethatha udaba lokuba khona kwaMakhosi  kuma-Local   Government , nina  ANC  enanithi asifanelekile ukuba khona, aze alifake  kwi-Constitutional   Court , lapho  I-Constitutional   Court  yakwemukela ukuthi kufanelekile ukuze kubekhona ukuqhubeka kwentuthuko yabantu ngoba Amakhosi abekhona.  Angazi  I-ANC  iyozibona nini lezizinto ivuleke amehlo.

 AN HON MEMBER :  Ilele.

INKOSI B N MDLETSHE:  Mphathisihlalo, kukaningi nxa silalela izinto abantu bakhulume ngokuthi Amakhosi bayawathanda, amaqembu amaningi siyezwa athi athanda ubuKhosi bakithi sesiphelile isikhathi lapho sizozwa khona  ama-constitution   nama-statements  asho lokho sesifuna izenzo.   I-IFP  iyakwenza lokhu ayikukhulumi nje, iyakwenza ikugcizelele ngokwenza.  Ingakho isivikele ukubi sibekhona  ku-Local   Government , Amakhosi abambe iqhaza entuthukweni yomphakathi, awakhishiwe eceleni kwathiwa intuthuko ayenziwe abantu abathize. 

Ukukhombisa lokho Sihlalo, uma uyalapha  e-Eastern Cape  Amakhosi abekwe eceleni kukhona amadoda agijimayo phakathi kwesizwe enza izinto.  Bakithi intuthuko nobuKhosi kudala kwaqala Amakhosi ayake akhe  izikole  ezindaweni zawo, Amakhosi abeka iziza zezibhedlela, sibeke iziza zemtholampilo, senze konke lokhu okuthuthukisa isizwe ngisho imigwaqo imbala Amakhosi ayenza lokho.  Ayiqala intuthuko namhlanje njengoba sekukhona  I-ANC .
[ ikhasi  21 umugqa 1-35]

INKOSI B N MDLETSHE:  Ngiyacabanga ukuthi Sihlalo, sinenkinga yokuthi lenkinga yobuKhosi angabe sinayo manje ukube  I-ANC  ikakhulukazi uMongameli weZwe wasifeza isivumelwane esenziwa eSkukuza.  Lapho okwathiwa khona kuzoxoxwa ngezindaba zobuKhosi emva kokhetho ngo-1994 ukuba kwavunyelwa  I-International   Mediation  izoxoxa ngendaba yobuKhosi ngabe asikho kulenkinga le.

 HON MEMBERS :  UKUPHAZAMISA.  

INKOSI B N MDLETSHE:  Sihlalo, angimangali ngalokhu kuhawuza okushiwo  i-ANC  kwenziwa ngoba akusibo abantu abaqotho esivumelwaneni abazenzayo.  Ukuba lesosivumelwano safezeka ngabe lenkinga yokuthi nxa kuxoxwa ngobukhosi kuthiwa sisazobuye sikubheke kamuva ngabe ayikho.
[  ikhasi 22 umugqa 3 ukuya 19]

INKOSI B N MDLETSHE:  Mphathisihlalo, ngivikele nampa befuna ukungishaya lapha impela uma bengangishayile kobangcono.

Sihlalo, umangase lomthetho lo  we-White   Paper   ye-Local   Government  ishiye ngaphandle ubuKhosi kwakhiwe Omasipala ezindaweni zaMakhosi kuyobe kulasiqala khona inkinga yengxabano.  Njengamanje njengoba bengilokhu ngehla ngenyuka nje besilungisa lendaba   ye-Minibus   Taxi  besizama ukulungisa leyonto leyo.

Kodwa sizama lapho ukulungisa izinkinga zengxabano ekhona lokhu kwakwenziwa  uHulumeni  omkhulu ngalomthetho lo awushoyo kukudala leyonto uzama ukuyibhebhezela.  Siyazi ukuthi uqonde ukuthini ngalokho ufuna khona kuzothiwa Amakhosi awumsuka wengxabano.

 Kule-White   Paper   ye-Local   Government  uMhlonishwa uNgqongqoshe  u-Valli   Moosa  uthi ufuna ukuphenya ngobuKhosi ukuthi Amakhosi akhona afanelekile yini noma qha.   Who is he, after all ?  UbuKhosi busukela emndenini.  Ngivikele Sihlalo bafuna ukungishaya futhi, ngivikele Sihlalo uCele ufuna ukungishaya.
 [ ikhasi 22 umugqa 25 ukuya ikhasi 23  umugqa 7]

INKOSI B N MDLETSHE:  UbuKhosi busuka emndenini, njengoba ngiyiNkosi yaseMdletsheni nje kusukela phansi kuxoxwe akusiyo indaba kaMnumzane  Valli Moosa  leyo.  Ngeke kube uyena ozobuka ukuthi sifanelekile noma asifanelekile.  Sinomnyango uma umnyango nxa uzobeka Inkosi kuphuma abantu abaphenyayo ngokufaneleka nokungafaneleki kwalowomuntu ebese ekwazi lowomuntu angene ebuKhosini.

Ngiyaxakeka njalo wena Mhlonishwa ilunga elihloniphekile uSenzo lingikhomba ngenjumbane ngiyiNkosi yakhe.  Ukhomba mina ngomunwe wakhe.

Ngiyafisa ukusho ukuthi Sihlalo uma ubhekisisa isakhiwo sasekhaya sakhiwe ngobuKhosi yingakho ekhaya kukhona Amakhosazana, kukhona Amakhosikazi, kukhona Amakhosana lokhu kumelele ubuKhosi ekhaya.  Badidwa yini pho labantu  be-ANC ?  Nididwa yini bakithi nxa nicabanga ukuthi  u-Valli   Moosa  ila ezophenya khona ngathi.

Mphathisihlalo, ngifuna ukusho ukuthi uma ubona kukhona ukuthula emakhaya kungenxa yobuKhosi.  Ukuthula siyakulwela futhi siyakuvikela ngoba ukumiswa kwethu ebuKhosini ukuba sivikele izizwe esiziphetheyo.

Lapho kungekhona buKhosi uzothola kunezinkinga zezingxabano, yingakho sikhona kukhona lokukuthula.  Nxa ukukhuluma ngokuthula usuke ukhuluma ngqo ngobuKhosi.

Ngiyafisa ukusho Sihlalo, ukuthi sisenkingeni njengamanje ngalemigomo  kaHulumeni  kaZwelonke.  Lapho amanye Amakhosi enganikeziwe amalungelo okuthetha amacala nokuxazulula izinkinga ezindaweni zawo.  Ilungelo lokuthetha amacala nokuxazulula izinkinga nxa ulinikeze Inkosi usuke ulinikeze lesosizwe.  Yingakho nje  ezinkantolo  zaMakhosi wonke umuntu enelungelo lokuba khona abambe iqhaza.

INKOSI B N MDLETSHE:  Ngiphe kuthi xaxa Sihlalo kade belokhu befuna ukungishaya awungiphe kuthi xaxa. [UHLEKO]

Ngicabanga ukuthi ngaleyondlela ubuKhosi uma uncisha lawomandla uncisha abantu ilungelo lokuzilawulela ngezimpilo zabo.  Bakithi fanele sikhumbule ukuthi amasiko iwona anikeza isithunzi sokuphila nokuba umuntu.  Asiwadingi  ama-Bill   of   Rights  ngoba amasiko anikeza  idiginithi .  Ngifuna ningizwe kahle, ngivikele Baba.
 [ ikhasi 23 umugqa 13ukuya ikhasi 24 umugqa 23]

INKOSI B N MDLETSHE:  Ngicabanga ukuthi uzonginikeza  I-extra   time  Baba ngoba nakhu bayangihlupha.  Engikushoyo okokuthi amasiko anikeza isithunzi umuntu nomuntu.  Ukuba sakubuka lokhu ngesikhathi senza umthethosisekelo sasiyokuqonda ukuthi amasiko ayisisekelo sokunikeza umuntu isithunzi.

Ingoba sasibona ukuthi sixoxa nabantu abangafuni ukuxoxa kulungiswe izwe.  Abantu ababecabanga ukuthi kufanele kwenziwe intando yabo, ngeke likhululeke lelilizwe nxa niphila kanjalo futhi ngeke nisizakale. 
 [ ikhasi 24 umugqa 30ukuya ikhasi 25 umugqa 2]

MNU T D NTOMBELA: ( WHIP ): Sihlalo, ngicabanga ukuthi kufuneka ngilungise Ndabezitha ngivikele nesihlalo sakho osiphethe.  Ngibona sekukuningi Sihlalo kwenzeka amaphutha ngale ngaphesheya bephazamisa umsebenzi wakho owuphethe ngobukhulu ubuciko bayaphazamisa.  Ngempela sekufike isikhathi sokuthi babonakale bethola  -red   card  bephumela ngaphandle, impela Ndabezitha.
 [  ikhasi 25 umugqa 4 ukuya 9]

INKOSI B N MDLETSHE:  Sihlalo, ngiyabonga noma ngingavikelekile kahle labantu bafuna ukungishaya uyababona nje.  Kodwa engifuna ukukusho Sihlalo ukuthi lelizwe liyokhululeka ngempela nxa siyobheka ukuthi singobani ngoba uma ungazazi lapho osuka khona akulula ukuthi wazi lapho ukhona lapho oyakhona.

Lapho sisuka khona sisuka emasikweni ukuze siqale ukwenza  I-constitution  yangempela ukuba sibuke ukuthi sinamaphi amasiko ebese sisukela kuwona sesiyaphambili.

Sihlalo sengihlala phansi manje ngoba ngiyabona bazongishaya sebethukuthele kakhulu manje.  Ngiyabonga.
 [ ikhasi  25 umugqa 33 ukuya ikhasi 26 umugqa 8] 

MNU W U  NEL :  Ngiyabonga Sihlalo.  Sihlalo ngizwile ukuthi uNdabezitha Mdletshe ukhuluma ngendaba  ye-International   Mediation   I-DP  ayizange ize ithole ukuthi  leyo-International   Mediation  ngabe yasitshelani esingakwazi thina esihlezi lapha kulelizwe lethu.

Mangabe Inkosi ithi uMhlonishwa  u-Moosa  ngeke aze aphenye izindaba zobuKhosi, ngiyakuvuma lokho, kodwa ngifuna ukubuza ukuthi laba abaqhamuka phesheya ngabe basitshelani bona uma kunjalo.  Kodwa noma kunjalo lokho ngifuna ukumsekela ukuthi leyonto njengoba yayivunyiwe ayenzekanga ngani?

Ngoba phela  ukhongolose  uma evumile ukuthi kuyokwenziwa sonke siyathanda ukubona ukuthi kuyenzeka.

Sihlalo, bengifuna ukudlula ngikhulume ngezindaba yolimi lwesiZulu namasiko.  Uyazi uma siyaphesheya siyathanda thina ukuyoba ukuthi benzani abahlezi phesheya  amaJalimane , noma  e-Japan  noma ikuphi sizwe ukudla kwakhona, silalele futhi ukukhuluma kwakhona, nolimu lakhona, silalele futhi nomcula wakhona.

Konke lokho uma siya phesheya sicabanga ukuthi kuhle kodwa uma sila ngakithi asikuhloniphi konke lokho okuhlukene phakathi kwethu noma kungamaZulu, noma  kungabeSuthu , noma  kuyi-Afrikaans  noma kuyini asikuhloniphi ngendlela efanele.   AmaNgisi  athi; " When in Rome do as the Romans do "  Uma uye  Roma  fanele wenze  njengamaRomani .

Ukwenza lokho ngoba uhlonipha umthetho namasiko nezinto zakhona nalapha kithi ke bekufanele sikwenze lokho.

Ngizwe ukuthi uMhlonishwa uphawula ngokuthi ngalokho baletha  u-Ambrosini  bengingakwazi lokho  alright .  Kodwa nathi bekufanele ukuthi nathi sizimisele sihloniphe konke lokhu esikuphethe lapha ulimi namasiko konke okuhlukile la kithi.  Ngoba yikho konke lokho okwenza ukuthi nabangaphandle bathande ukuza lapha babone ukuthi sihlala kanjani, siziphatha kanjani.  Into eyenza ukuthi sihlonishwe nathi emhlabeni.

Khona izindawo njengaseMakhosini ngaseSandlwana ziningi futhi izinto esingatshengisa abangaphesheya uma besivakashela, noma izinto ezingahamba nathi siyozi bona nathi singakazibona ngamehlo ethu.  Ngiyazi uma sivakasha ngaseThekwini la kuhlala khona  oSbari  bakaMhlonishwa  u-Naicker  bangasiphakela  ukhari  into eshisayo uma ingena ngaphambili emlonyeni ishise ize iyophuma. [UHLEKO]

Kusho ukuthi isikhathi sesifikile ukuthi sivume sikubone konke lokhu esikuphethe.
 [ ikhasi 26 umugqa 15 ukuya ikhasi 27 umugqa 25]

MNU W U  NEL :  Cha Sihlalo,  ukhari  ngiwuthanda kabi kodwa kwesinye isikhathi ungenza ukuthi ngikhale izinyembezi.  Kodwa isikhathi sesifikile ukuthi sivuke thina sibone wonke lamathuba esiwaphethe lapha kithi siwahloniphe siwaqhube.

Nalapha kuleNdlu ngiyafisa ukuthi isiZulu sikhulunywe ngabantu abaningi ngoba ikakhulukazi ulimi into ephilayo futhi eqhubekayo, amagama amasha kufanele afakwe njalo.  Siyakubona kakhulu lokhu nakulolimi lwami  lwe-Afrikaans  kuningi njena okungenamagama kuze kudingeke ukuthi silakhe igama silifake, silikhulume, lukhulunywe futhi ikakhulukazi ezindaweni ezinjengalendlu le.  Kuze kuthi umphakathi uze ujwayele lawomagama into obekufuneka siyibheke mhlawumbe nakithi nala phakathi kulendlu.

Sengifuna ukuqhubeka Sihlalo emasikweni nezindaba zobuKhosi.   I-Democratic   Party  ithi siyavuma ukuthi Amakhosi athwale izigqoko ezihlukene.  Izigqoko samasiko, nesigqoko salesosikhundla sobuKhosi kodwa bavunyelwe futhi bafake nesigqoko sokukhethwa bangene  kuHulumeni  wezindawo,  nakuHulumeni  wesiFundazwe, noma  uHulumeni   wase-Cape Town ,  nowasePitoli .  Siyavuma lokho sithi kuhle futhi ngoba Amakhosi amalunga ahlonishwayo emphakathini.

Kusho ukuthi amalunga akwazi ukuza lapha noma ikuphi lapho bekhethwe khona bafake umbono omuhle futhi umbono omukelwayo ngabantu bangaphandle.  Kodwa lesosigqoko sithi kufanele sihluke nesigqoke samasiko, izinto ezimbili.

Asihambisani nalento ephakanyiswa  ukhongolose  ethi Inkosi kufanele ihlukane   nepolitiki   ngoba Inkosi ayikwazi uma ifake lesosigqoko ihlukanise izinto zomphakathi namasiko, lokho ngeke sikumukele ngoba Amakhosi uma engakwazi ukuthwala zombili lezigqoko kufuze ukuthi abasibo labantu esibabonayo ukuthi abantu abahlonishwayo ngendlela esibabona ngayo.

Okusikhalisayo ukuthi  uHulumeni  uma sibona ubalekela amaqiso.  Sizwile ukuthi uNdabezitha Inkosi uNgubane ukhuluma ngomsebenzi owenziwa Amakhosi olingisa umsebenzi  kaHulumeni  wezindawo, umsebenzi ohambisana nomhlaba, nomsebenzi futhi  wezinkantolo .

Manje thina  be-Democratic   Party  sithi okubi esikubonayo ukuthi uma uholela Amakhosi ngokuthi uholela isikhundla seNkosi sithi  ku-wrong  lokho, sithi ngoba uma uqhubeka ngaleyondlela uzoze ugcine usawathenga Amakhosi.  Kukhona ilunga  le-Democratic   Party  uMnumzane  van Zyl Slabbert  wathatha leligama elithi ngesingisi, " The pen is mightier than the sword  waphendula wathi yena ngombono wakhe wathi  impesheni  inamandla adlula insabula   and   kuyiqiniso lokho.

 and  uma siqhubeka ngokuholela Amakhosi  ngemali  esuka  kuHulumeni  kuzoze kugcine endabeni yokuthi usuyabathenga.  Ngalokho sithi kungangcono uma ngabe  uHulumeni  ulandela ngeqiniso ukusitshela ukuthi yini umsebenzi abafuna Amakhosi awenze ukulungisa  uHulumeni  wezindawo, noma ngomhlaba, noma ikakhulukazi ngomthetho laba abashaya  njengezinkantolo  umthetho waKwaZulu.

 And  baholele Amakhosi nabantu abalekelelayo ngalowomsebenzi, futhi lokho kungadala ukuthi Amakhosi asekelwe ngendlela edlula kakhulu lokusekelwa kwemadlana abayithola manje  kuHulumeni .

Ngithanda ukuthi lento iphenywe ngejubane futhi size sithole iqiniso, ngoba ngizwile lapho ukuthi Inkosi iphakamisa ukuthi maningi amaqembu athi sithanda Amakhosi, siyawathanda, siyawahlonipha konke lokho.

Kodwa uma sesiphenya kahle sithola ukuthi cha kukhona nenye  I-agenda  ngaphansi kwalokho  And  akufanele kubenjalo, kufanele siveze amaqiniso manje ukuthi sithini ngobuKhosi  and  sihambe ngendlela elandela leloqiniso singakhohlisani.

Sihlalo, ngifuna ukugcina ngalokho ukuthi mhlawumbe abanye bathi okubekwa  yi-Democratic   Party  kukhombisa ukuthi ababuhloniphi  or  ababuthandi ubuKhosi, akunjalo.  Thina sithe ubuKhosi kufanele buhlukaniswe  nepolitiki , kungavinjwa ukuthi Amakhosi, awangene  kupolitiki .

Kodwa lowomsebenzi othintana namasiko kuhle kuhlukaniswe kubekwe eceleni  And  Inkosi uma ingena  kupolitiki , noma  kuHulumeni  wezindawo, noma isiFundazwe noma ikuphi nalokho phela kuvunyelwe baholelwe kanjalo.

Sifisa ukuthi kulonyaka ophambili mhlawumbe sizoze sithole amaqiniso ngalendaba yobuKhosi singaphikisani ikakhulukazi sesiya okhethweni singaphikisani njalo ngalento, siphikisane  kakhulu futhi njalo ngamanga.  Ngiyabonga.
[ ikhasi 27 umugqa 35 ukuya ikhasi 30 umugqa 3]

MNU S B MTHEMBU:  Baba Mhlali ngaphambili, ngithokoza ukusukuma ngithathe lelithuba ngiphefumule odabeni olunzulu lapho sizokhuluma khona ngobuKhosi nangemvelaphi yethu njengabantu.

Kuthi mangithi umangiqala ngiqale lapho isizwe siqale khona ukuba isizwe.  Ngokuthi ngikhumbuze lendlu ukuthi siyisizwe ngenxa "KaDlungwane kaNdaba oDlunge emanxulubeni kwazwe kwasa amanxuluba esibikelani".  Siyilesi isizwe ngenxa yomlungu uZwengoje, "UKlebe ngiwubone ukundiza kwezikaMancengaza kuthe kwezikaPhungasha wanyamalala".

Ngifuna ukusho lokhu ngenzela ukuba sikhumbule sonke la ukuthi ngalezozikhathi umlungu uZwengoje ngesikhathi ezilunguza babebaningi, ayemaningi Amakhosi naseBathenjini sasingaMakhosi, sasiphethwe Inkosi uNgoza singaMakhosi kodwa ngenxa kamlungu uZwengoje, "ULusiba gojela ngalekwentaba beligojela njalo ludla amadoda namadojeyana", into ebijabulisa ukuthi, "Ibithi idla ezinye, ibidlezinye, ithi idlezinye ibidlezinye".

Ngikusholani lokhu?  Ngikusho Baba Mphathi wesihlalo, ngesizathu sokuthi ubuKhosi bethu namhlanje uma sizolandela iqiniso angeke sisho siqonde sithi ilobubuKhosi bethu esabakhelwa ILembe noma ubuKhosi bethu esibakhelwe  oPewula  ngemuva kweNkosi uCetshwayo lapho sebeyithathile bayisa  e-Robben Island .

Baba Mphathi wohlelo, ukuze izonto zilunge kubhunkule uBaba wekhaya afune ikhambi lokwelapha isifo esisekhaya.  Kulomkhakha esibhekene nawo uBaba wekhaya hleze mhlawumbe akathathi izinduko ayofuna isihlava sokuthi seyenzanjani ukuqinisekisa ukuthi ubuKhosi bethu buyibo buqondile.

Ngikusho lokho ngoba kulukhuni kakhulu ukuthi uchazele umuntu ukuthi sifuna luhlobo luni lobuKhosi namhlanje endaweni kithi KwaZulu, noma  iAfrika  iphela.  Sikusho lokhu ngoba ubuKhosi bendabuko bulimele, bulinyazwe izinhlaka zendlela obakhiwe ngayo.

Ihlazo elikhulu Mhlali ngaphambili ileli lokuthi sikhuluma ngaMakhosi kodwa siyehluleka ukwehlukanisa ukuthi obani laba esikhuluma ngabo.  Ngakuba Amakhosi abekwa  uPawula  sisho wona  yini na ukuthi ngaMakhosi?  Uma sithi lawoMakhosi angaMakhosi sithini ngaMakhosi oSelwa sibanikeza indlela efanayo yini?  Sibabeka emazingeni afanayo yini, okuthi laba sekungaMakhosi ethu oSelwa.

Ngakuloluhlangothi lwendlu ngiphendula endabeni eshiwo Inkosi uMdletshe ukuthi sebekhathele ukuthi izinhlangano zithi ziyabuthanda ubuKhosi.  Ngifuna kucace ukuthi ngapha kwalendlu asisho thina ukuthi siyabuthanda ubuKhosi, esikushoyo ukuthi ubuKhosi into yethu esifuna ukuba iqondiswe ukuze ikwazi ukusiphilela ilungelane nenamhlanje lethu, nekusasa lethu ukulandelisa ukuthi kwakwenzekani izolo.

Makucace kuthi bha Mhlali ngaphambili ukuthi esikushoyo ukuthi ubuKhosi bethu abukaze bube indilinga yendindima yendundubalo nje yento engaguquki.  UbuKhosi bethu ngokuyikho buhlale buphenduphenduka kodwa okuhle ngabo busuke buphenduphenduka ukwemukela noma  uku-akhomodayitha  isimo sangalesosikhathi lapho isizwe sisuke siphila khona.

Namhlanje singaphansi kwesimo lapho uzithola unenkinga ngenxa yenguquko esezikhona.  Kukhona Amakhosi asezihlalweni abizwa  ngo-Regional   Chairperson   bama-Authorities  uma uthi uyalalela izinga namandla Inkosi enalo kulesosihlalo uyathola ukuthi makhulu kakhulu amandla leyoNkosi isuke iwaphethe lana amanye Amakhosi.  Iqiniso ukuthi angiqonde ukuthi kubi yini noma kuhle lokho kodwa ngiqonde ukuthi kuyizinguquko.  Izinguquko ezingenayo phakathi kokubuswa nobuKhosi bethu njengesizwe. 

Ngakhoke yonke imikhakha lapho sifanele ukufaka izinguquko masivume ngaphandle kokuba siqalaze emuva.  Ngiyafisa ukucacisa phezu kwehlazo njengoba kusho ilunga elihloniphekile, ngivuma impela ihlazo.  Lapho uzothola ukuthi awunakwazi ukukhuluma neNkosi ephethe abantu ingakayi ukuyoxhumana nenye Inkosi, okuyiyonaNkosi esiwaphethe.

Bese kuya ngokuthi kobekhuluma ubekhuluma into ethandwayo yini ileyoNkosi noma engayithandi, uma ibingayithandi lowomuntu angenakwemukelwa nomangabe usekhulume into eyakhayo bayezwana neNkosi nomphakathi abekhuluma nabo.

 HON MEMBERS :  UKUPHAZAMISA!  

MNU S B MTHEMBU:  Mhlali ngaphambili, angisukumeli la ukuthi ngisho okukhona noma okungekho, ngisukumela ukuba sikhombe indlela yobuKhosi bethu.  Iphuzu engifuna ukulisho nje ileli lokuthi izinguquko ezakha isizwe ziyohlale zemukelwa.

Ngifuna ukungena ephuzwini, iphuzu elithi Baba Mphathi wohlelo ngapha kwendlu sikuncoma sikuthanda ukuthi Amakhosi aqhubeke engaMakhosi ingunaphakade enza imisebenzi yokuqoqa isizwe, enza imisebenzi yokugcina ubunye esasinabo ngaphambili, enza imisebenzi yokugcina ubuhle bethu njengesizwe nemvelaphi yethu.

Sithike ukuze sifinyele lapho Mhlali ngaphambili Amakhosi bawabambe iqhaza lokuba ngabanikazi babobonke abasebenza ukwakha isizwe ngokweqiniso nobuqotho.  Kungabibikho ukubangisana nokulingana kweNkosi nomkhethwa.  Ukuze umkhethwa umuntu okhethwe ngokwentando yeningi angalingani neNkosi.

Kuyadinga ukuba Inkosi ukuba siyinikeze izinga asinayo enye indawo yokuyibeka lapho singathi ifanelekile ngaphandle kwelingasenhla.  Lapho wonke umuntu ozosebenza ngokukhuthala kwakhe ezakuba ngaphansi kwaMakhosi amiswe isizwe ngokuhlonipheka kwawo.

Uyabonake Mhlali ngaphambili ilapho siyokwazi khona ukukhuluma ngezinto esiyovumelana ngazo ukuthi awutholi amagama okuphikisana sakulingana phakathi kwabantu beNkosi neNkosi yabo.  Ilapho Amakhosi eyokuqonda kahle ukuthi ngapha kohlangothi siwakhonzile, siyawahlonipha mhla izinto zicaca kahle ukuthi sinikwa ithuba lokuba siyichaze imvelaphi yethu.

Ngoba phela lenkululeko esiyiphethe namhlanje siyilwelwe iminyaka eminingi esisuko sikusho sikubhekise ezakhiweni akukaze kube ngokokuchitha noma kungathatha isikhathi eside ukuba silalelwe kodwa iqiniso liyilo ukuthi uma sinikwa indlebe kungacaca kahle kuthi bha ukuthi esikushoyo akukhona okokuchitha kodwa okokuqinisekisa ukuthi ikusasa lethu limi ngokuyikho nokugculisayo, limele ngisho isizukulwane sakusasa.

Baba Mhlali ngaphambili, ngiphethwe uVelaphi Majozi.  Ndabezitha Mphathiwohlelo, akucace ngasohlangothini olungaphesheya ukuthi ubuholi obuyibo, nobuholi obakhekayo nobakha isizwe bukhona zinhlangothi zombili.  Asikaze sakuchitha nakanye ukuthi iminikela yokwakha lesisizwe iyoqhamuka ngaseqenjini elilodwa.  Esikushoyo ukuthi uma sakha izinto zethu kuyodinga ukuba sisondelane sibambelane eduze kuthi okushiwo ngale nokushiwo ngapha kuhlangane kube into eyodwa ezosakhela isizwe kusasa.

MNU S B MTHEMBU:  Baba Mphathisihlalo, uma sengigoqa ngifisa ukusho ukuthi isakhiwo sobuKhosi esiFundeni  I-Traditional   Affairs  sisebenze ngendlela edumazayo.  Indlela ekhomba ngokusobala ukuthi mningi umsebenzi okufanele siwenze Baba Ngqongqoshe.

Emhlanganweni cishe eyishumi nesihlanu esiyibambile ungathola ukuthi izinto ebesikhuluma ngazo bekucishe kube into eyodwa ngoba umkhombandlela bekuyinto engekho.  Lokho okuyosiholela ekutheni uma isakhiwo esixoxa izindaba zobuKhosi singaqiniswa ngokunikeza imfundiso, sifundiswe nangokunikeza izinto ezingamaphuzu afanele ukuxoxwa okwakha isizwe nobuKhosi siyakuzithola singenayo impumelelo nobuKhosi bethu bungahambi ngendlela okuyiyona yona.

MNU S B MTHEMBU:  Umangabe leyongxenye ibingasukunyelwa bekuyakusisiza.  Ngiyabonga Mhlali.
[ ikhasi  31 umugqa 13 ukuya ikhasi 35 umugqa 11]

INKOSI K W MATHABA:  Ngiyabonga Baba Mphathisihlalo, ukuba ngithole lelithuba ukuba ngiphefumule nami.  Ngicabanga ukuthi mhlawumbe okokuqala  kwi-order   paper  njengoba uMhlonishwa uBaba uMkhwanazi ethi kukhona okungahambi kahle, ngicabanga ukuthi kuhamba ngakho.

Ngoba phela kukhulunywa ngaMakhosi bese kuthi lapho kufanele mabahlolwe  u-Valli Moosa  ibona  oShifu  labo, akukho okonakele. Ngithi okokuqala angibongele uNgqongqoshe waloMnyango lona noyiNkosi futhi yakwaZashuke ayi  uShifu  oyiNkosi ngendlela aphethe ngayo loMnyango ngendlela encomekayo.

Ngithi okokuqala kuhle mangikubeke lokhu kucace kuhle kwempahla yembuzi ukuthi noma imuphi  uHulumeni  oyophatha kepha ahluleke ukubambisana naMakhosi kunye nabantu bawo Amakhosi uyozithola esebhadini, uyozithola esenkingine.

Ngikusho lokho ukuthi uyozithola esenkingeni ngani na?  Sinemlando ekhona ebhaliwe phansi, sinemlando eqophekile ephansi, njengoba uMhlonishwa u-B Mthembu eke abeka Amakhosi abekade ephethe ngendlela acindenzelwa ngayo umbuso waMangisi, ngendlela Amakhosi ethu ayephethwe ngawo ecingezelwa umbuso  wamaBhunu .  Ngokunjalo futhi  nakuloHulumeni  lona naye okhona siyakubona ukuthi uhamba kuzo lezozinyathelo futhi.

Ngithi uma ngilalela izinkulumo ezikhulunywayo bese kungathithi kuhle abafowethu abathi baqhamuka nako, kodwa ngifisa ukusho bafowethu ukuthi ninoMhlonishwa lapha endlini ohloniphekile onguNgqongqoshe futhi uBaba u-J G owuGedleyihlekisa.  Angazike nathi noma niyagedla niyayihlekisa yini nathi, kodwa impendulo ithi yebo kunjalo.

Ngithike  namaBhunu  ehluleka,  naloHulumeni  futhi wehluleka.  Ngithi ngifisa ukuninikeza isexwayiso kulokhu enizama ukukwenza.  Amakhosi ahluphekile kakhulu ehluphekela izizwe zawo nabantu bawo.  Abaningi sebebekile la imisebenzi yaMakhosi abeyenza ebantwini.

Naba oMhlonishwa uBaba  u-ADV  Madondo esuka phansi lena eMsinga phezu kwayo ingcindezelo ebikhona ubengaphansi kwaMakhosi wafunda waze wagogoda.  Kodwa umangase ngithi namuhla, useze waba  neplazi  namhlanje lokufuya izingulube khona endaweni yaMakhosi futhi.  [UHLEKO]  Ucele yena indawo eNkosini, uze waze wathola naneziqu, uma kanti leziziqu kanti azitholile zazingacacile kahle kusho ukuthi zazingezimbuzike lezoziqu.

Ngithi bakithi Amakhosi ayobakhona, ngifisa ukunazisa uyathanda noma ngabe awuthandi ayobakhona kuyoze kubuye Inkosi  uJesu Krestu  ekhona Amakhosi.  Noma ningazama noma ngaziphi izindlela ukuthi laMakhosi lana angabibikho.

Ngiyafisa ukuthi izwe malazi namuhla ukuthi masila ngicabanga ukuthi sizokhuluma sikhulumele intuthuko yabantu njengo  sivotelwe ngabantu .  Uma sizokhuluma izinto ezingamaphutha sibhecane ngodaka ngicabanga ukuthi lokho akuzukuhamba kahle.

Ngifisa ukuphendula ilunga elihloniphekile kumbe ngoba selize laphuma nasendlini uMhlonishwa lapha uMthembu athi Inkosi isuke ibekiwe  kuma-Regional   Authorities  iba Inkosi eshaya amaphiko phezu kwamanye Amakhosi, ngithi kuyiphutha lokho ayikho Inkosi eyakocela kwenye Inkosi ukuthi ngenzenjani.

Nansi Inkosi ihlezi lapha eduzane kwami inguSihlalo  we-Regional   Authority  kuphela ibekiwe ukuthi mayibe uSihlalo njengoba nathi sila ekhona laphaya uMhlonishwa uBaba uMohlomi ophethe  leliPhalamende  kunjalo futhi  nakumaRegional   Authorities .  Kuyafuneka umuntu ozohamba phambili ayi ukuthi lowomuntu usuke esephethe lawoMakhosi.

Ngiyacabanga ukuthi uMhlonishwa uMvelase usuke wagqoka kambana namuhla waphambanisa wagqoka isikhumba wasefaka  uthayi , lowo awufakile.  Isikhumba lesi esimenze wasedideka lesi asifakile namuhla bekufanele abefomali kahle.  Ngakhoke ngithi ngifisa ukuthi mangilungise kuleyondawo.

Uma siyalapha eMakhosini uma sikhuluma  nge-Democracy  anoya  ezinkantolo  zaMakhosi esizakhelwa uMhlonishwa Inkosi uNgubane, nesizakhelwe uMhlonishwa  u-Dr  M G Buthelezi.  Awu wasakhela Shenge  izinkantolo  azizinhle Nkosi yami.

INKOSI K W MATHABA: Angikakaboni neyodwa nje eyakhiwe uMandela bakithi  inkantolo .   Amakhangaru   court  asizange thina size sibe nawo.  Kweyami  inkantolo  eyakithi eMacambini uma ngihleli lapha esihlalweni ngibheka Izinduna zami la engizithatha ngokuthi  ama-prosecutors , ngibeke ibandla elinelungelo lokuthi liphendule lenze imibuzo, ila Inkosi ithola khona ukuthi ikhiphe isinqumo esifanele.

Manje angazi ukuthi ngoba azikho  izinkantolo   ezi-democratic   njengezinkantolo  zaMakhosi.  Ngakhoke ngithi angibongele ekugcineni, mangibongele Amakhosi ngenkecane lena encane ayiphoselwe Amakhosi.

Azosebenza Amakhosi Mhlonishwa ngokuzinikela njengoba ebevese ethembekile Mhlonishwa Amakhosi ngaphandle kokuthola lutho.  Ngithi mangihambisane nesiphakamiso esenziwe uBaba uMadondo ukuthi neZinduna azobuye phela zibhekelwe.  Sineqiniso siyakwazi lokho, ziyasebenza Izinduna zethu.  Ngithi ngokubambisana kwethu...

 THE CHAIRPERSON :  Isikhathi sikaNdabezitha sesiphelile.  

INKOSI K W MATHABA:  Awu sengathi  ungirobhile . 

 THE CHAIRPERSON :  Ayi uNdabezitha angeza ukuzozihlolela lapha kukhona engikuphethe okunginika umkhombandlela nami.  

INKOSI K W MATHABA:  Ngakhoke ngiyabonga.  
 [ ikhasi 35 umugqa 34- ikhasi 38 umugqa 27]

Amakhosi awasebenzi futhi izikhundla zawo zisho lokho uma Amakhosi ehola kancane kwenza ukuba ubuKhosi bube ihlazo phambi kwabantu.   nguHulumeni  omkhulu owenza ukuba Amakhosi abeze abenobubha, bese labo abafundileyo  nabanezimali  eziningi babukele phansi Amakhosi nobuKhosi.

Akekho umuntu ongabuswa umuntu  ongenamali , ongenandlu, ongenazingane ezifundayo yingakho sithokoza NoMafu nxa uma kukhona inkece eyakungena lapho.
 [ikhasi 39 umugqa 3-12]

[isikhulumi?] kwasuka yona le  i-IFP  ihamba iduduza Amakhosi ayelandiwe  our Contralesa  ukubani azolekelela nje ngohomu-homu.  Kodwa kwathi uma sekungenwa ezintweni zobuKhosi  badampwa  futhi kwasuka  lo-IFP  esehamba eseyolekelela ebaduduza ababebalethile sebengenandaba nabo. 
[ ikhasi 39 umugqa  24-28]

Indawo yomuntu wesifazane uma nginganikhumbuza ebuKhosini nasebuntwini indawo ephakeme ngendlela eyisimangaliso.  Uma eqalwa ehlushwa ngesinye isikhathi akahlushwa ngoba ewumuntu wesifazane usuke ehlushwa ngesimilo sakhe, nokwenza kwakhe.
[ikhasi  40 umugqa 8-12]

MNU J D MKHWANAZI:  Ukuthi ngikhuluma isilungu okungelona ulimi lwami.  Ngidlule lapho Mphathisihlalo, ngithi thina  PAC  siyakuvuma ukuthi Amakhosi iwona abamba iqhaza elikhulu ukuvikela lelizwe.  Ukuba lelizwe Amakhosi awazange alivikele ngabe lelizwe alikho njengoba likhona.

Alwa liphangwa  amaKoloni  ezosephuca izwe lethu.  Empeleni ukuba kwakungenjalo ngabe ayikho into enguZulu futhi ngabe ayikho  neyuMsuthu   nenguMvenda  neyini-yini.  Kakhulukazi lapha kithi KwaZulu kwaliwa.  Ngeswele ukubuza nje ekuseni  ku-Minster  kuthiwa bacela ukwenza  ikhomomorayishini   ye-Anglo   Boer War .

Ngifuna ukwazi ukuthi nathi siyovunyelwa yini ukwenza  ikhomomorayishini  yempi yaseSandlwana na?  Noma empini yasoNdini.  Okwesibili lakithi KwaZulu  amaKoloni   or  ombuso yayoyonke emhlophe yaze yathi Ingonyama yethu kwathiwa asithi  i-Paramount   Chief , kodwa balwa abakithi KwaZulu yahlala iyiNkosi noma sebeyibiza  ngo-Paramount   Chief , fanele sikuvume lokho.

Sidlule lapho Amakhosi iwona abhekele isizwe umhlaba.  Akulona iqiniso leli lokuthiwa indawo yeNkosi  i-ownership  ngokwesilungu Inkosi njengoBaba wesizwe izwe, umhlaba owabantu bonke.  Akulona futhi iqiniso ukuthi Inkosi ethi sibani bani hamba uyokwakha lapha, hamba uyokwakha lapha kukhuluma isizwe Inkosi icele esizweni ukuthi yakhisani usibani-bani.  Asizilungise lezi ngoba yizo lezinto ezididanisa abantu.

Okwesibili Ingonyama  Trust   Land  sekuyiyona kuphela indawo esingayikhomba ukuthi laKwaZulu iyona kuphela indawo engakhonjwa ukuthi indawo yama  Afrika  ezinye izindawo akusezona ezama  Afrika .

Ikhona yona inkinga  ma-Afrika  amahle ekuzameni ukushadisa indlela endala yokubusa nendlela entsha kodwa akuyona indlela yokuyilungisa lento ithi Inkosi uma ikhuluma ibese ilokhu ihawuzwa.  Mina noma ngingahawuzwa kulungile angiyona Inkosi vele.

Ukuthi siyalingana akusho ukuthi kuhle ofanele abe nezinga elithize bese simgxoba ngezinyawo simnathela phansi.  Ngithi kuhle ilungiswe lendaba asiyihlaleleni phansi thina  ma-Afrika  bayasihleka abezizwe.
 [khasi 42 umugqa 26- ikhasi 43 umugqa  29]

MNU J D MKHWANAZI:  Oh . Thina futhi siyakuphika ukuthi yayingekho  i-democracy  ngosikithi.  Nento le yamakhosikazi, amakhosikazi ayehlonishwa babekhona oMkabayi kaJama, babekhona oNtombazi wakwaNxumalo kwaZwide, wayekhona uMjaji lephezulu kwabasebuVenda.
 [ ikhasi 44 umugqa 1-5]

MNU J D MKHWANAZI:  Ayi angiphathi phela ekaMsweli.  Now  ukuqeda yonke lempikiswano bakithi, ngiyaphinda ngithi asihlale phansi siyilungise lento ilungiswe kahle yithi thina  ma-Afrika   asingapolitiki  ngayo.

Siyavuma futhi thina ukuthi Amakhosi awanikwe inkece, ngoba phela Amakhosi awasethulelwa, awasahlakulelwa, awasalinyelwa, ngokhoke kufanele njengoba esho uMama uGasa anikwe  imali  ezowenza aphile angabi zincethengana ahambe ecela ngoba leyonto iwafaka  kwe-corruption .

Futhi ngeke kulunge uma Amakhosi engabi ingxenye yokubusa izwe  yepolitiki  njengoba eshilo uzakwethu la ukuphela nje sicela Amakhosi asihloniphe isigqoko sokuthi  ayipolitiki  namuhla, Amakhosi futhi akuhloniphe ukuthi ayiNkosi namhla futhi asivumele Amakhosi zonke izinhlangano zingene zikhulume nabantu bazo zeshele nabantu ezindaweni zabo.

Futhi mina nje ngothi uma ngiya eNkosini uBaba uKhawula ngimcele eze nasemhlanganweni wami ngikhulume nabantu ekhona ngoba angilwi nobuKhosi.  Okuyofanele sikulungise thina balapha KwaZulu ayi  ma-Afrika  aKwaZulu  i-constitution  ithule ithe du ngeNgonyama.

Kusho ukuthi nathi sithule na?  Akulungile lokho, ayilungiswe indaba yezinga leNgonyama yamaZulu ngoba lelolungelo salilwela.  Nisho ukuthi sekufanele siqale enye impi futhi manje sihlome imikhonto siyolwela ubuKhosi baKwaZulu kanti yithi esesiphethe, silwe nobani nakhu ebengifuna ukubuza ukuthi silwe nobani.

Angigcizelele ukuthi wonke umuntu olapha kwelikaMthaniya ungaphansi kombuso weNkosi yaMaZulu noma waqhamuka kuliphi izwe noma umhlophe, noma  ugreyi  noma unjani ngakumbi abazalwa la njenganangu umhlobo wami  u-Nel  umuntu weNkosi lo ngoba uzalelwe emhlabathini weNkosi, inkaba yakhe igqitshwe ezweni laleNkosi.

Noyisemkhulu wangcwatshwa la, ngoba phela yiyo lendaba eclaim indawo ngoba phela amaZulu thina indawo siyiklama ngokuthi singcwabe oBabamkhulu ilona  itayitela  lethu lelo.  Ungeke bese uyamxosha  u-Nel  uthi akahambe ngoba uzolithini ingcwaba likayise nengcwaba likayisemkhulu.

MNU J D MKHWANAZI:  Baba?

MNU J D MKHWANAZI:  Oh , yikhoke ngithi Baba Sihlalo,  Ma-Africa  amahle ngiyanincenga ngesihawu sikaNkulunkulu ukuthi umasikhuluma lento yobuKhosi, kufanele siyikhulume ngokuhlonipha, futhi asithi noma sesilele emakhaya ethu sesishaye amankeyane sicabange ukuthi singayilungisa lento ukuze singalokhu sichwithana ngobuKhosi, ngiyabonga Baba uSomlomo. 
 [ ikhasi 44 umugqa 9 -ikhasi 45 umugqa 21]

REV C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):  Mphathisihlalo ngike ngihlupheke abalaleli abantu abangakholwa.  Mphathisihlalo phezu konke ngiqale ngokubonga ngidumise inkulumo kaMhlonishwa uNgqongqoshe Inkosi uNgubane.  Kakhulu ngoba namhlanje sikhuluma ngomyango lo obalulekile osubizwa ngomnyango wendabuko, yesiZulu esisha.

Ngifisa ukusho Mphathisihlalo nendlu ehloniphekile namhlanje uma sikhuluma ngomnyango lo sikhuluma ngesizinda sethu sobu- Afrika .  Uma sithi singama- Afrika  sisho ilento eyiyona ewubu- Afrika  uqobo lwayo.  Ngiqhubeke Mphathisihlalo ngisho ukuthi ngikusho ngeqholo lokuthi ubuKhosi into eyamiswa uNkulunkulu uqobo nohlelo lwabo.

Noma kudabukisa ukuthi njengoba kudabuka izindonga umsindo abantu abampisholo  ama-Afrika  aphambana nehlombe.  Uma  u-Nel  noma  liBhunu  noma  liJalimane   no-Naicker  laphaya bekwazi ukuzwisisa ukuthi kukhulunywa ngani.  UbuKhosi bafika abalengu kulelizwe bukhona, bafika isizwe lesisaKwaZulu sikhona.

Kodwa uma isizukulu salowoMakhosi kuyisona esichwaza lomsindo ngoba kukhona lapho siphambana khona nobuKhosi ihlazo.  Ziningi izinto okungabe siyazikhuluma layindlini ukuqondisa isimo kodwa ngenxa yokuthi abantu bakithi  izimishini  ukukholwa kusetshenziswa  amaMelika  ampisholo lephesheya abathi  ukubrayini  washwa.

 Sabrayini  washwa kakhulu Mphathisihlalo, kwaze kwayingozi.  Kuvele kushone ilanga khona izinto ezibaluleke kakhulu obekufanele ukuba siyazisho kulesakhiwo esingazishongo ngoba kufanele ukuba siklabalase sidazisane sithi sifundisana ngobuKhosi. 

Uma kuwumuntu waKwaZulu umbuso wobuKhosi iwona owawuletha ukuthula engicabanga ukuthi uma kulelizwe sifuna ukuthula kudinga ukuba kuqala sithole ubulungiswa kube khona ubulungiswa ezweni.  Ngaphandle kobulungiswa akukho ukuthula okuyoba khona.  Ukuthula ezweni ikona Mphathisihlalo okwenza ukuthi izwe linethekezeke, libenomnotho futhi okhulayo.

Lapha namhlanje sinenkinga ebhekene nalelizwe lakithi edalwa namhlanje ukunganakekeli imigomo nenqubo yobulungiswa ngaphandle kodwa kobulungiswa ezweni ukuthula njengoba sengike ngasho ngeke kubekhona.  Ukuthula uma sifuna izwelakithi libe nokuthula nenhlalakahle, nokunethezeka, nomnotho okhulayo onenzuzo fanele futhi silwele ukuba kubekhona ukuthula nenhlonipho okulethwa kuphela ukuthi izwe libe nobulungiswa libuswe ngendlela enobulungiswa nobuqotho.

Abuveli lapho ubulungiswa abantu bengaphethwe khona.  Njengoba kukhona ukuthula esizweni  sama-Afika  ukuthi abephethwe.  Namhlanje njengoba kukhulunywa nangamaholo Amakhosi, amaholo Amakhosi ngempela akuyona into esiyikhonzelayo kufuneka ukuba sikuqonde lokhu.  Phela kuthe uma  uHulumeni  omhlophe bethi bazama ukwenza izinto zihambe ngesimanje kwathiwa Amakhosi onke amahlawulo awawamukise esikhwameni  ezinkantolo  manje asezoholelwa, Inkosi yayingaholelwa.

Ngoba amahlawulo kwakungaweNkosi, ayezibusela Amakhosi, engalambi Amakhosi kodwa ngoba athathwa amahlawulo kwathiwa awaye  ezinkantolo  asezoholelwa ngakhoke asikhonzi sibiza ilungelo lawo.  Ilungelo lawo lelo akucelwa ukuthi Amakhosi ngempela kukhongozelwa ukuthi awaholelwe ngoba ehlupheka.  Ingoba kwathathwa ilungelo lobuKhosi kwathi ayiye esikhwameni aholelwe.

Endaweni yokuba ngabe thina njengemiphakathi sibheka ukuthi kulawomahlawulo nzuzo engakanani engaholela Inkosi ngempela.  Siyathwabaza sikhuluma izinto ezitshekile.  Awu nomhlobo wami uMthembu, ithi Inkosi uMathaba ugqoke isikhumba.

Nakumthethosisekelo walelizwe kuhlinzekelwe ubuKhosi  ngamavesi  amabili esahlukweni seshumi nambili kumthethosisekelo walelizwe kubekiwe khona kukhona, ngamavesi nje amabili.

Ngikusho lokhu Mphathisihlalo, ngeminya uma ngicabanga ukuthi uma sibheka eminyakeni edlule okunye okusididayo njengoba sinalezinkinga namhlanje, lixabene izwe lonke linomkhulu umsindo, sixatshaniswa imithetho eshawa  uHulumeni  emisha.

Lokhu ukuthi  uHulumeni  wakithi kube engathi ungene ephutheni, mina akangenanga ephutheni ngempela kodwa into emgenise ephutheni ilokhu esikwenzayo ukuzifananisa, nokuzenzisa, nokubonela.  Ngenxa yokuthi ngezikhathi 1991/92 kuza ko-94 phesheya  koMerika  into eyayisematheni imithetho yokukhishwa kwezisu kuthiwa  abortion , imithetho yongqingili, imithetho yokudayisa ngemizimba kwabesifaze, imithetho yamalungelo engane kuthiwa ingane zingashawa, into ebikhulunywa isematheni phesheya, nathi sadideka ngokucabanga ukuthi ukuze sivele ezweni kuzwakale ukuthi sisho khona nathi sesiyalibona ilanga asiqale ngalemithetho, saqala kabi.

Engithi mina siqale kabi ngoba siqale ngezinto ezisixabanisayo noNkulunkulu.  Uma siyokwenza lezinto ake ngithi, uma ngithi lezizinto ziyasiphambanisa noNkulunkulu, ngizawuthi awu MaMkhize.

 THE CHAIRPERSON :  UMhlonishwa unomzuzu owodwa.

REV C J MTETWA:  Awu! endabeni engaka. [UHLEKO]  Bengithi Mphathisihlalo ngizothatha indawo emfishane kakhulu ukuthi uma sibhekisisa ukuthi uNkulunkulu uthini lapha encwadini  kaJeremiya  isahluka sesithupha  vesi  16 ithi:

	"Ushilo uJehova wathi yimani ezindleleni nibheke nibuze izindlela zasendulu ukuba iyiphi indlela elungileyo nize nihambe ngayo nitholele imiphefumulo yenu ukuphumula kepha bathi asiyukuhamba ngayo".

	 Isaya  24  vesi  5:

	"Izwe lingcoliswe ngabahamba kulona, ngokuba bayaphulile imithetho basiphendulile isimo, basephulile isivumelwane esima njalo".

	 Isaya  24  vesi  6 nansoke ingozi la iza khona:

	"Ngakho ukuqalekisa kuwukungenele umhlaba nabo abakuwo bachithekile.  Ngakho abantu bomhlaba bashisiwe bayingcosana abaseleyo".

	 Isaya  9  vesi  16:

	"Ngokuba abaholi balababantu bayabaphambukisa nabaholwayo yibo babhujiswe".

Ngalamazwi amafushane Mphathisihlalo, ngibonge ngiseke umthetho inkulumomgomo yoMnyango weZendabuko.  Kodwa kuyawudinga ukuba Mphathisihlalo, kenibuye nikhumbule ngacela la kunesiphakamiso esimile engasiphakamisa savunywa ilendlu, ngathi asoke sibe nekhokhasi yendlu yonke lasizokwazi ukukhuluma kahle sicaciselane kahle sazane ukuthi umiphi, ngimiphi, umiphi ngani?

Ngoba lengxovane esiyenzayo ayisisindawo, kwavunyelwane lendlu ijwayele ukungazigcini izithembiso zayo.  Ngiyabonga Mphathisihlalo.
 [ ikhasi 45 umugqa 25- ikhasi 49 umugqa 15]

MNU S N MTETWA:  Sihlalo, bengithi ngizoncoma Inkosi yakwaMbovu uMhlonishwa ngebhadi usephumile ngithi ngizothi awu cha  upelepele  lo ake awufake kwizinkulumo zakhe wehlile impela kuhle lokho aqhubeke nakho, ukhombisa ukukhula.   Ispishi  sakhe asinawo  upelepele .

Kodwa besengithi mina mhlawumbe into okuzofanele ukuthi siyivumelane ukuthi sibadala futhi sesinemyaka eminingi kuleliPhalamende lento yolukhe sikhala, sikhala, sikhala, Sihlala kuzofuneka ukuthi siyeke.  Kwakhulunywa la kwakhulunywa la ngokuthi Amakhosi ahola  imali  encane kwaqhamuka isiphakamiso kwathiwa Amakhosi awaholelwe  kuHulumeni  omkhulu akhala abamba amakhanda, namhlanje sekuvunyelwene wonke ama-Province ukuthi ayi Amakhosi akawuthole okungenani u-R6000.00 ngenyaka okuwu-R72 000.00 ngonyaka uwonke.

Sikhala ngokuthi manje  imali  ayisekho futhi ithina esesikhala  -mhlawumbe namhlanje ngabe sithi Hhayi ingane yaphezulu leyo, akunani uzobona uBaba ukuthi ubaholela kanjani.

Sifuna la ukuxabanisa Amakhosi nabantu abakhethiwe koma-regional council as if asiqondi ukuthi  uHulumeni  uyedwa unezigaba ezintathu; isigaba sikaZwelonke, isigaba sesiFundazwe, isigaba esiphansi kwi-Local Government.

Sifuna ukuba sengathi manje ubukhona baMakhosi buzothathelwa indawo abantu abakhethwe  kuHulumeni  waseKhaya into okungenjalo.  Unless sithi thina kufanele kube nendlela eyisipesheli yokuthi Amakhosi azokhethwa kanjani futhi engingazi ukuthi sizothi awakhethelweni Amakhosi ngoba vele Amakhosi akhethwa esesiswini.

Kunalento le njalo ehlala ihlale siyikhulume kwesinye isikhathi sivumelane sithi Ingonyama  Trust Act  yasiphambanisa njengoba sesiyi  amendile . Sikhohlwa izinto ezimbili eyokuqala ukuthi; lamadoda lawa ashintsha izinto usuku olulodwa kufike ukhethu asisho lutho ngawo.  Ngoba asidalela lengxaki esikuyona sipaquza njena kanjena lento yashintshwa izinsuku zimbili kuphela ezisele.

Okwesibili, uma sikhuluma ngomhlaba ngo-1913 masithi  u-87%  womhlaba wabantu wathathwa basala  no-13%  kufale sikuqonde engathi siyakukhohlwa ukuthi umhlaba wathathwa, wathathwa ebantwini nje ebantwini bebonke.  Uma sesikhuluma ngokuthi umhlaba awubuye, awubuyele ebantwini phela, awubuyele ebantwini.

 HON MEMBERS :  UKUPHAZAMISA NOKUHLEKA.  

MNU S N MTETWA:  Kudinga sithi ukuze siqinisekise ukuthi umhlaba ubuyele ebantwini bonke abantu ababegunya, nelungelo lomhlaba.  Abantu kungazukuthi bahlukene nje abakwazi nokudayiselana, nokubolekani  izimali  ingoba lawomagunya athathwa sisathi awathathwe njalo.  Awubuyele ebantwini umhlaba.
 [ ikhasi  51 umugqa 17- ikhasi  52 umugqa 23]

MNU S N MTETWA:  UBaba Inkosi uMhlonishwa uGabhise ngimzwe kahle yena uzincomela nje  uHulumeni  waKwaZulu agxeke  uHulumeni  kaZwelonke, ngizwe noBaba uMahlobo lapha Induna yakhe izigxeka  uHulumeni  kaZwelonke incoma  uHulumeni  waKwaZulu.  Kanti omunye uke athi nami ngiyamvumela anazi yini bafowethu nodadewethu malunga ahloniphekile ala, Mkhandlu ukuthi ingxaki esinayo ezweni sayidalela  amaBhunu .  Ingxaki esinayo ezweni okukhulunywa namhlanje  kuthiwa  u-R40 billion  ngenyanga uyaphuma ukhokha isikweletu ngonyaka,  imali  leyo ephindwa cishe kabi kwengezwe kwimali eyondla lesisiFunda sisodwa.  R40 biliion  ungeza la kuthina uphindwe kabili nento, akukho muntu okhuluma ngaleyonto.

Kukhulunywa ngoHulumeni wakwaZulu ongazange angene ku-overspend abanye bathi ayi phela vele wayengeke a-overspend zazingaziningi izinto ayezenza.   imali  yayenza lokhu nalokhuya enye ithathwe ibekwe lapha ethala njengoba ubona abantu bengenazinto nje kangaka.  Kodwa angikwazi lokho noma kuyiqiniso yini.
 [ ikhasi 53 umugqa 1-17]

MNU S N MTETWA:  Ngizwelana neNkosi uMdletshe, cha ngiyamvumela la ngesikhathi  kwiphoshini  yokuqala encoma uMongameli weZwe uqobo lwakhe owadela ukuphila kwakhe ngenxa yezwe, nangenxa yethu sisonkani athi nanamhlanje akaxwayi muntu ngokuthi iyiluphi uhlanga, uwubuphi ubulili, uyiliphi iqembu.

Bese kuthi naye futhi abuye alandele bangakubo bokudideka angene khona emshungwini amgxeke aze agxeke athi  u-hon   Valli Moosa  uyini uma ekhuluma kanjenje (uyalingisa) amemeze kuzwakale lendlu.  Akakuqondi ukuthi amaphepha mabili kukhona  i-White   Paper   ye-Local   Government  ekhuluma  nge-Local   Government   structures , kukhona  i-White   Paper  eyenziwayo ezokhuluma  ngama-Traditional   Leaders .  Now  uxubanisa izinto ezimbili ezingakahlangani ezihlukene.

Ngiyamvumela mina uMhlonishwa uMvelase uma ethi uyabona la eMakhosini akhona Amakhosi amishwa  uPewula . Uma kuthiwa kufanele kubhekwe okuyiwona wona kofanele kubhekwe khona lapho ngoba ubuKhosi ngempela into yethu.  Abangawuqondi umlandu ngiphoxekile ngoba nelunga elihloniphekile uNkosikazi Gasa uMhlonishwa ngimuzwa ethi ikona siqale manje  laka-ANC  ukuzisondeza eduze kwaMakhosi.

Kanti ngicabanga ukuthi uyawazi umlandu wokuthi ngo-1912  i-African   National   Congress  umlandu uthi wayenayo indlu yabaholi bendabuko ithina  ama-structures   ka-ANC  akuyona into eqala manje.  Musani-ke ukuphendulela izinto into endala leyo.  
 [ ikhasi 53 umugqa 23-  ikhasi 54 umugqa 11]

MNU S N MTETWA: UBaba uMkhwanazi uMhlonishwa lapha ezansi ngibone ukuthi uBaba kushelele ulimi waze wagawula kwezingaphezu kwakhe. Wayekhuluma ukuthi ngonyaka ozayo uma sebethathile kuyokwenzekani eMakhosini.  [UHLEKO]

 [ ikhasi 54   umugqa 19-23]

MNU S N MTETWA:  Ngibone ukuthi uMhlonishwa lapha ubeqonde ukuthi uma sesithathile kuyokwenzekani.  Mhlawumbe okokugcina engifuna ukukusho  kuleliminithi  elikhona Mphathisihlalo,  sinoHulumeni  oyedwa, ezweni elilodwa, kuMongameli oyedwa, akesizame ukuthi nathi sibe ingxenye ekwakheni lelilizwe.

Uma kukhulunywa ngokuthi liyakwazi ukwenza  imali   ewu-R250 billion  ngonyaka ukuba kuthiwa izikweletu lezi esithi kunciphe  amabhajethi  ethu nje ingenxa yokuba kukhokhwa zona.  Ukuba azikhokhwa besiyophila kuzona asikwenze kwenzeke sibe ingxenye yokukwenza lokho singakhulumi engathi sikwelinye ilizwe.  Mphathisihlalo, Ngiyabonga.
 [  ikhasi 54 umugqa 27-37]

Ngibona Mphathisihlalo ukuthi mhlawumbe angibonge kakhulu amalunga aleNdlu indlela akhulume ngayo.  Elinye ilunga lize lasho lathi umhlaba kufanele uze kubantu.   Land must come to the people .

Ngicabanga ukuthi uma ngiqala laphana kwiNkosi uKhawula ibiqinisile Inkosi ukuthi,  there is too much hatred from other political parties, especially towards the  Ubukhosi  institution .   Really, I do not know why.  What is very sad is that such hatred And animosity comes from our black brothers And sisters.  Really, we are very disappointed .  Ngempela sidumala kabi uma ngabe sibona kunjena ngoba ngesikhathi ngibeka  le-Budget   Speech  mina bengithi kuzokhulunywa ngezinto ezila nisho ukuthi nibonani ukuthi kungalungiswa kanjani.  Kodwa lento yenu ukutshengisa inzondo eMakhosini  it is just for me a waste of time .  Ngempela ngoba asitholi lutho ayikho into  ekhontribhuthwayo , elethwayo ezokwenza ukuthi sibone ukuthi kufanele kwenziweni.  Yikho ngithi ngempela umuntu uke adumale kwesinye isikhathi  especially if it comes from our people, black people .

UMmeli omkhulu lana,  i-ADV   iMantshi  enkulu uMadondo ngiyamvumela uma ethi Amakhosi awasawaquli amacala kwezinye izindawo.   That I am going to follow up .   I should investigate that , uma ngabe kukhona Amakhosi,  who are no longer trying cases in their areas of jurisdiction .
 [ ikhasi 55 umugqa 6-25]

INKOSI N J NGUBANE: ( Minister   of   Traditional   And   Environmental   Affairs   And   Safety   And   Security ):  Ngiyavumelana noBaba uNtombela uma ethi uBaba uNtombela lokhu esengikushilo ngempela njengoba kade enitshela ukuthi kofanele senze njalo sonke.  Kufanele nazi ukuthi Amakhosi njengoba kade esho uBaba uNtombela ukuthi Amkhosi la ayikho into ayicela kubantu Amakhosi afuna amalungelo awo Amakhosi.

Ayikho thina into esiyicela kubantu.   kuHulumeni  omusha Amakhosi awasho ukuthi akawanike akade engenakho sithi lokhu ekade sinakho akasiyeke nakho  uHulumeni .  Akukho esikucela kunina thina, esikufuna kinina ngakho-ke musani ukukhathazeka kakhulu ngoba asiceli lutho olunye, sithi lokhu ekade sinakho  lengilazi  abathi igcwele amanzi sifuna yona uwuthathe wonke  ujeke  wena, sisho njalo thina.  Manje nikhalelani?  Yileso simo leso.
 [ ikhasi 56 umugqa 10-23]

INKOSI N J NGUBANE: ( Minister   of   Traditional   And   Environmental   Affairs   And   Safety   And   Security ):  Angicabanga ukuthi ngizokwanda kakhulu kulena yokukhokhela Amakhosi ngoba njengoba kade esho uNyambose lana Amakhosi uma ekhokhelwa asiceli  mali  kamuntu thina.  Thina okokuqala sifuna ukukhokhelwa  ngemali  yabantu bethu, into yokuqala leyonto, asiceli  mali  kamuntu thina sifuna ukukhokhelwa  ngemali  yabantu bethu.

Njengoba kade esho uNyambose azikho  izimali  Amakhosi azithathayo manje kubantu.   izimali  zamacala,  izimali  zokumangala,  izimali   zamalevi , yonke  imali  iya esikhwameni sesizwe  kwi-Trust .  Ngakhoke thina sicela ukukhokhelwa  ezimalini  zabantu bethu njengakuqala kwakuvele kunjalo.

Ngakhoke awazi ukuthi yini inkinga konake, konake ukuba azikho  lezomali  ilaphi inkinga umakuthiwa Amakhosi awakhokhelwe, kanti Amakhosi awawona yini abantu?   Are we not human beings ?  Kanti yini ngempela eniyifunayo?
 [ ikhasi  57 umugqa 30- ikhasi 58 umugqa  9]

INKOSI N J NGUBANE: ( Minister   of   Traditional   And   Environmental   Affairs   And   Safety   And   Security ):  Sibonga kakhulu kuBaba  u-Mackenzie  uma egcizelela ngezindaba  yezimali  lezi.  Naye ukhulume kakhulu uBaba  u-Mackenzie  ngendaba  yamatayitela  lawa esingikhulume ngawo, wakhuluma kakhulu nangendaba yaMakhosi  kuma-regional   councils , siyabonga kakhulu.

Sizwile nelunga elihloniphekileyo uMnumzane uMthembu ushilo naye lokhu akushilo.
 [ ikhasi 58  umugqa 18-26]

Masiya lapha elungeni elihloniphekile uMama uGasa ngiyavumelana kakhulu nelunga elihloniphekile ukuthi iqembu  laka-ANC  ngempela alikho  serious , alikho  serious  ngobuKhosi ngempela.  Umangabe sekukhulunywa ngobuKhosi uye ufike ubone ukuthi ngempela nina nike nithathe sengathi indawo yokudlala nje.  Nike nikwenze loko uyabona kube ihabana lokudlala uyabona anikho  serious  uma kukhulunywa ngobuKhosi.  

 [  ikhasi  58  umugqa 37- ikhasi 59 umugqa 5]

[isikhulumi?] Ngiyanincenga mina ukuthi wozani sihlaleni phansi sikhulumeni udaba lwaMakhosi, akusebenzi ukuhlasela Amakhosi ngoba akuzukuselapha isimo, funeka udaba lukhulunywe sibone ukuthi sizolilungisa kanjani.

Ngoba nasezingxoxweni lezi ezazikhona  ko-Kempton   Park  laphana naningamukeli lutho oluphakanyiswayo ngaMakhosi. Yikho namanje sisasenkingeni yaMakhosi ngoba,  from  the word go, you could not accommodate anyone talking for Amakhosi  or  on behalf of Amakhosi .
 [ ikhasi 59 umugqa 11-20]

UBaba uMkhwanazi usho kahle wathi lana Amakhosi ahlela lelizwe, uma uya emlandweni wonke uzothola ukuthi Amakhosi ahlela lelizwe.  Amakhosi alwa afela lelizwe.  Amakhosi aboshwa ahlala  ezitokisini  efela lelizwe Amakhosi.

 So , kuthi emva uma selikhona izwe sekuthiwa Amakhosi akufanele abekhona  kwiPolotiki, sekushiwo njalo manje.  Kodwa iwona ayefa, iwona ayeboshwa Amakhosi mase selikhona izwe selilungile than akusafanele Amakhosi abekhona  kwiPolotiki .
 [ ikhasi  59 umugqa 26-36]

[isikhulumi?]Ngakhoke ngiyavumelana kakhulu noBaba uMkhwanazi uma esho njalo ukuthi izinto lezi okufunakala sizenze ukuze ngempela siyofika esithubeni sokuthi sikwazi ukuphathana kahle.

Uma silalele kahle izeluleko ezithulwa uBaba uMtetwa, uNgqongqoshe uMtetwa uMhlonishwa fanele ngabe niyazi ukuthi uma kukhulunywa ngalezinto yini ngempela into okufanele yenziwe.
[ ikhasi 60 umugqa 1-7]

[isikhulumi?] Angazi-ke elungeni elihloniphekile uMnumzane Mtetwa uma ethi indaba yokusebenza kwaMakhosi laphana  namaKhansela , thina asinayo inkinga ekusebenzeni kwaMakhosi  namaKhansela . Asiwazondi  amaKhansela  thina into esayisho nak u-Minister  sathi  amaKhansela  athatha umsebenzi wethu.  Sasesisala thina sesingasenawo umsebenzi.
[ ikhasi 60 umugqa 22-26]

MNU N E MAGUBANE:   Chairperson  kukho konke lokhu esengikushilo nengikubona lana izinkomba ngokusobala ukuthi lomuntu uma  e-aplaya  ngaloluhlobo esengilifundile nesengilibona la noluphuma  kwi-Government   Gazette  luyingozi emangalisayo emsebenzini  wamatekisi .  Ngoba lomuntu akazazi ukuthi ufunani ngisho angabizwa abekwe la manje kuthiwe ufunani ndoda?  Ngeke asho angathi ngifuna izinkabi ezizongifaka kulezindawo engizifunayo.  Umthetho lo ubekeke eceleni.

Ngakhoke kubalulekile ukuthi izinto ezinjengalezi  le-bill  njengoba sikhuluma ngayo ikwazi ukuthi umuntu azi ukuthi uma ethi ufuna  ibhizinisi  ufuna hlobo luni  lebhizinisi .  Lento engiyibona la lomuntu akafuni lutho, lutho ngoba  even   i-Rural   Transportation   Board   e-Maritzburg  njengoba ikubhale la yenzela ukuthi  ama-objectors  athi  see to it that they object to this thing .

Ngoba uma kungenzeki kanjalo esefika nabaMmeli abathathu, abane oMadondo ama- ADV  [UHLEKO]  eseyagrantwa  lomuntu esephinda emuva uya kubantu abekade bevele besebenza abaziwayo  erenki .  Seliyasuka uhlevane ngokuthi lomuntu lo usefika nokuthi  i-Rural   Transportation   Board   e-Maritzburg   ingigrantile  zonke  lezitifiketi  eziwu-11 ezibalwa la unelungelo lokuthi azisebenzise.  Kunabantu  abase-Katlehong   aba-opharethayo for   years .

 So , ngisho ukuthi noma ikuphi  ko-Mount   Fletcher  lapho ekhuluma khona  kuno-taximen  bakhona aba-opharethayo abaphethe lezazitifiketi ezindala ezine-radius rule.  Okudingeka ukuthi  lezozitifiketi  azihloniphe azi ukuba zikhona.  Ngakho kubalulekile ukuthi sibone ukuthi izinto ezifana nalezi njengoba sikhuluma manje  nge-route   system .   I-route   system  izobeka ekutheni konke lokhu kuqoqeke kube kunye umuntu azi ukuthi uma  e-aplaya  ufuna kuphi  And   i-recommendation  ayoyithola  ku-Association  wakhe  i-recommendation  eqondile engamusi ekufeni ngoba  i-dead   warrant  le. 
[ ikhasi 80 umugqa 29- ikhasi 81 umugqa 23]

NKOSI C KHAWULA:  Sihlalo, neNdlu yakho.  Umnyango okukhulunywa ngawo kaBaba uNdebele uMnyango obucayi kabi.  Lomnyango lo angazi umuntu unele ashayele  itekisi  qede angazi ebese engenwa yini ngoba umuntu oshayela  itekisi  wonke nje ube esedayisa ngempilo yakhe.

Laphaya kithi eMzumbe ngijabulile nje umangizwa uMhlonishwa ethi kukhona la  ku-good  khona, amukho  u-good  lapha eMzumbe.  Sihlale salamula abantu  bamatekisi  neNkosi yaseNhlangwini belwa bebanga umgwaqo, bayabanga bafuna  imali  kube eyabobodwa abantu  bamatekisi .  Ngoba  namabhasi  abawafuni engathi kungaba ibona bodwa abahamba emgwaqeni.

Labantu  bamatekisi  angazi bangenwa yini bonke bayefana amukho ongayifuni  imali , bafuna  imali , into enje  eyimali , bafuna  imali  umgwaqo kube owabo bodwa.  Manjena kukhona into abayenzayo laphana kithi  e-South   Coast  kungcono ngoba nangu uMhlonishwa uyangizwa.  Uma kuphele inyanga, noma kunguLwesihlanu, noma kunguMgqibelo, noma iSonto akukho  tekisi  eliya  koSayidi , nakoMzinto nakephi nakephi aya eThekwini wonke ayoqoqa  imali .  Abantu basemakhaya bahlala beyizixuku emigwaqeni, beyizixuku kuze kudabukise.

Bayabashiya abantu yonke indawo nala eXopo yonke nje  i-South   Coast .  Uma kuphele inyanga nje Mhlonishwa noma kunguLwesihlanu, noma kunguMgqibelo, noma kuyiSonto avuka ngo-2:00  amatekisi  aye eThekwini ayoqoqa abantu.  Siyavuka siya  edolobheni  abantu bayizixuku, ngize ngibe namahloni ukuthi ngizohamba phi uma ngiya  eSayidi  noma ngiya eMzinto.  Ngenxa yobuningi babantu nabagulayo begulelwa zingane, nezalukazi ezigulayo babashiye bonke bayeThekwini.

Manje nami ngeke ngibakhuze labantu ngoba labantu baphatha izinto la enqulwini abafuni makukhulunywe labantu.

 AN HON MEMBER :  Iphi eyakho?  

INKOSI C KHAWULA:  Cha ngiyiNkosi mina angibulali nginguMfundisi mina.  [UHLEKO]  Manje umangase usilungisele leyonto Baba ngabe usebenze umsebenzi wobudoda impela.  Futhi Baba bayawaginqa  amatekisi  labantu kakhulu ngoba  bayapita  banejubane bayalimala.

Angazi noma mhlawumbe kungakuhle yini Baba uma lendaba uSiyabakhumbula uyiyeke lento ngoba labantu babuya bonke bagcwale la emgwaqeni babe sebelwa  nezimoto  labantu.  Labantu abavuswayo laba balwa  nezimoto  labantu abavuswayo okuthiwa Siyabakhumbula baqeda   izimoto   emgwaqeni ubuphahlaphahla   izimoto   indaba yalabantu Siyabakhumbula.  Baba, wenze enye into Mhlonishwa esixakayo nje wathi kanti uyingane yoMfundisi kufanele wenze izinto ezinhle Mhlonishwa wami.

Kona umsebenzi wakho muhle impela futhi ukhuthele abantu bayawuthanda, kodwa lendaba yokuba Siyabakhumbula kubuya abantu emahlathini beze la emgwaqeni bazosiphihliza la, nathi bayasiwisa, bayasishaya, nathi siyawa emgwaqeni.  [UHLEKO]  Siwiswa ilabantu bakho Baba, ngoba umuntu wakwaHlongwa washonela eThekwini wabuye wayolahlwa lapha.  Umuntu ngosiko ulahlwa lapha akalahlwa eduze komuzi umuntu ohambe kambi.  

Manje uma eselahliwe lapha umuntu sekuthiwa ayi abakhunjulwe abantu sebeyabuya sekungubuphahlaphahla   izimoto  .  Nayo into okuyiyona esixakayo impela.  Abantu umsebenzi wakho bayawuthanda impela kodwa mina angifuni ukukufihlela lendaba yokuthi Siyabakhumbula iyabadina abantu ezabelweni abayifuni.  Ngoba ivusa abantu asebelele phansi babuye beze emgwaqeni bazoxabana nathi labantu.

Ngiyamuzwa nje loNkosikazi uthi babulawa imina, akukho muntu mina engake ngambulala, uma yena eyisigebengu ebulala abantu ewumuntu wesifazane, babulawa uyena uyambona nje ufanele futhi ukuyenza leyonto. [UHLEKO]

Manje Mhlonishwa Baba ngoba anginawo amazwi amaningi bengifuna ukukhuluma sona lesici esidala nje ukuthi abantu babulalane ikakhulu la bebulalane khona oke wabekwa nje kwathiwa uwuSihlalo.  Futhi khona umkhuba abawenzayo lomuntu owuSihlalo kuke kuthiwe awakhe amakhumbi  awadresi .  Angena athathe abantu  aah ! usehambile lowomuntu sebemthathile.

Osihlalo bayabathatha bonke bayathatha ababafuni oSihlalo.  Umangase ubafundise lapho ukuthi abantu ababekwayo babe oSihlalo mabangabulawa ungabe usebenzile uma wenze lowomsebenzi Baba, bayababulala ababafuni bayabadubula umsebenzi wabo bayabadubula abafuni lutho.

Manje Mhlonishwa ilowomsebenzi ebengikhala ngawo mina ngithi cha kona kwaba kuhle impela ukuthi abantu bakithi babe  o-taximen  bathole  izimali  kodwa futhi  amabhasi  abangazami ukuwaxosha.  Ngoba ngike ngibuze kubona ngithi awu senixosha  amabhasi  njengoba siqasha wona umasiya ezingqungqutheleni sesizoqasha  amatekisi  lawa?  Lento encane kangaka?

Abanandaba bona nalokho kungcono ungawaqasha aze abe isihlanu anele  ibhasi  uma uzofaka lomuthi kuphelile abanandaba nalokho into  eyibhasi  abayifuni noma bayibone.  Bahlale bewathikazisa, ngisho into engihlale ngizikhuluma neNkosi yaseNhlangwini mina sibabize sibakhuze ukuthi musani ukwenza lento niyalixova izwe, futhi musani ukubulalana niyalixova izwe, futhi musani ukunyunda  amabhasi  niyalixova izwe sibakhuza.

 AN HON MEMBER :  Kodwa uyawuthanda lomtheto Ndabezitha?  

INKOSI C KHAWULA:  Ayi ngeke ngikunake wena mfana uqine kakhulu. [UHLEKO]  Baba Mhlonishwa sengiyabonga bengithi angiphawule lezozinto nje.  Ngiyawusekela Baba nami loMnyango wakho muhle kakhulu impela ngiyawusekela, uma kuzophela lezizinto nje muhle umnyango wakho akuphele ukudubulana, akuphele ukuvusa abantu asebethule sebemathambo kuthiwe ababuyiswe bakhunjulwe ayiphele yonke leyonto.
[ ikhasi 83 umugqa 29- ikhasi 86 umugqa 21]

Ngamafishane ngiqonde ukusho nje Baba Somlomo, ukuthi  isikimi  sikaMhlonishwa engisiqamba igama namuhla ukuthi iBafana Bafana  Taxi   Industry  sihle kakhulu ngoba akukho lapho uMhlonishwa angathintanga khona kusukela phansi kuyaphezulu, angazi ukuthi ubani oyothi ukhalelani.

Ngamanye amazwi kunemigudu okufanele ukuthi mayilandelwe ngiqonde ukusho ukuthi kubafowethu ngike ngizwe otsotsi bekhuluma bethi "sekushile, ibhemile".  Ngakho ngithi kubafowethu  osomatekisi  ngithi ibhemile manje, [UHLEKO] umthetho sewukhona usuyasebenza uma uzongivumela Baba ngisebenzise lololimi noma kungalona ulimi lwakuleNdlu lena kodwa basho njalo bathi ibhemile ayisekho ingqulathi yadlalwa ngoba uMhlonishwa useshilo ukuthi  nezitikha  lezi ezizobe zikhombisa ukuthi usukaphi uyaphi.  Ayikho indlela ongase uyenze uthathe  amashansi  ngayo yinto leyo ezobe inamathiselwe awanandlela yokudlala indlela engalungile.

Ngithi Somlomo Baba ekugcineni ngifisa ukuthi mangicele kubona ngiqondanise nabo  osomatekisi  ngqo uqobo lwabo ukuthi ngaphandle kwalomthetho lo esiwuzamayo umthethosivivinyo esiwenzayo  kuleliPhalamende  akuyi kukuthi ngempela sithi udlame sesiliqedile lwathi nya, kuyizindlela zokuzama kodwa inina uqobo lwenu banikazi  bamatekisi  okufanele niselekelele ngokuthi niluqede loludlame ngaphandle kwenu angicabangi ukuthi singaphumelela.  Ngakho siyanicela ukuthi nisisize.

Ekugcineni ngifisa ukuthi ngibonge abafowethu abasebenza kuloMnyango njengomfowethu  u-George  Mahlalela nabozakwabo bakhe engimbona nalapha sekulinyazwe khona, sekudutshulwene  osomatekisi  uyena engimbona ehamba phambili.  Ukuthi Mhlonishwa insizwa leyana sengathi lesisikhundla asebenza kuso sengathi sincane kakhulu awuke uyithi ukuthi xaxa Mhlonishwa.  Uyakwazi ukuthi ahlangane namaqembu asuke engezwani. 

 AN HON MEMBER :  Umele abasebenzi.  

INKOSI K W MATHABA:  Angiqondile Mhlonishwa njengoba besho ozakwethu ukuthi sengizama ukuthi ngibe iNyunyana kaMahlalela kodwa phela Mhlonishwa ungakwenza angiqonde ukuthi ngibe  u-Sam  Shilowa kaMahlalela nozakwabo. [UHLEKO]

Ngithi ngamafishane  leMini   Taxi   Bill  lena nami ngiyayemukela sengathi kungabakhona inqubekela phambili.  Ngiyabonga.
 [ ikhasi  89 umugqa 10 - ikhasi  90 umugqa 15]

MNU J D MKHWANAZI:  Ngiyabonga kakhulu Baba uSomlomo, ngiwuvula nje umlomo wami ngifuna ukusho ukuthi siyayisekela  le-bill  futhi simethwese uphaphe ekhanda  u-Minister  uNdebele kanye nalaba asebenze nabo ukuwenza lomthetho.

Baba Somlomo, thina abadala esesike sahambahamba kulelizwe fanele ngelinye ilanga sisho ukuthi kuke kubhekwe emuva ngoba abantu uma bengazi emuva ngeke bazi nalapha beyakhona.  Ekukhuleni kwami lekithi eMpangeni into  okwakuyitekisi   kwakunamatekisi  amabili elilodwa lalingelikaMnguni kanye  nenkosikazi yakhe uMaMthembu.  Elinye kwakungelikaMthuntutha angisazi noma kwakungelakhe noma ehe uBaba  wakwa-Dr Mtalane.

 I think there is a point of order  MNU Isikhulumi.  Kodwa lababantu babesebenza kalukhuni kabi Baba uSomlomo ngoba   amaphoyisa   ayehlezi la emahlombe abo ebheka ukuthi  ithayi  lilungile,  amabreki  alungile, bemiswa zonke izikhala, behliswe abantu  nasemotweni .  Kwakunzima kabi ngalesosikhathi.

Okwesibili  lamatekisi  nokho ayekhwelwa abantu abambalwa omabhalane,  nothisha   nonesi .  Ngiyajabula ukuthi umabhalane esasikhwela naye  itekisi  esasisebenza naye kwakunguntanga yethu uNtombela indodana yakhe nansiya lapha  kwi-gallery   isinetekisi  ngiyabona idlozi likaNtombela liyajabula.  Ngoba sasike sikhwele naye  itekisi .

 Now , into okwakuhanjwa ngayo kakhulu kwakuyisitimela, isitimela ukusuka kithi eMpangeni siza la eThekwini sasicishe sithathe usuku  nohhafu .  Ngijabule kabi uma ngibuya emva kweminyaka engamashumi amathathu ngingekho layikhaya ngathola ukuthi  sekunamatekisi  ehle enyuka sengisuka ekhaya ngizofika la  nge-awa nohafu , noma  ngama-awa  amabili kusho ukuthi basebenza abantu baze bakhipha nezitimela  namabhasi  akaloliwe, ngoba  lawomabhasi  ayengamsizi umuntu  nemali  ingayi  kuma-Afrika .

Ngakhoke  siyayisaphotha  lemboni ngoba okokuqala lemboni isezandleni  zama-Afrika , awu!  ma-Afrika  ibambeni niyeke uchwitha chwithana.

Okwesibili lemboni abantu okuyibona ebalekelelayo abahamba  ngamatekisi   ama-Afrika  abangakwazi ukuthenga   izimoto   zabo iyabasheshisa bayofike  eGoli  bafikephi.  Bekufanele lemboni impela Mhlonishwa Ndebele siyithandazele thina esikholwayo ngoba iyona elekelela  ama-Afrika .

Ngithi  osomatekisi  njengoba sekushiwo phansi nobugovu okwenja kaKhethani uDlayedwa, akubanjiswane singabi oDlayedwa.  Futhi qaphelani laba abenza umgunyathi ababelethe osibani bani emhlane uthi kanti  itekisi  elikaMkhwanazi nje kanti uMkhwanazi ubelethe usibani bani okwembulu makhasane.

Okunye engifuna ukukusho ukuxwayisa  osomatekisi  ukuthi ayi labafana abanishayelelayo ake nibacubungule kahle, labafana abafaka  amakepisi  bawabhekise emuva.

 THE DEPUTY  ISIKHULUMI:   One minute more .

MNU J D MKHWANAZI:  Bathi kimi ngelinye ilanga befuna ukungishayisa  nemoto  bathi bhasobha Baba imoto ayiboni uwena obonayo.  Okwesibili ngangithi umangisuka le ekhaya - ibo laba abangifaka ezikweletini ukuba ngithenge  imoto , ngangithi uma ngisuka ekhaya ngiza la eThekwini abafana bayigijimise  imoto  kukhale igumba gumba ngithi kahleni bafana nizosibulala bathi eyi Baba zimbili izinto okufanele uzenze;
	1.	Lala noma ucimeze. 
	2.	Thenga eyakho  imoto  ungazolokhu uzosinyanyisa la.

Ngakhoke ngiyabacela  osomatekisi  baziphawule izinto ezinjalo.  Ngiphinde ngithi ngiyawusaphotha lomthetho.  Ngiyabonga.
[ ikhasi  91 umugqa 11- ikhasi 93 umugqa 4]

Sengigcina Somlomo, kufanele sikhumbule ukuthi izinkinga  zosomatekisi  akuzona ezabobodwa nathi kudinga ukubani sizihluphe ngalezozinkinga ngoba zithinta izimpilo zethu, zithinta izingane zethu.

 O-driver   bamatekisi  bayizingane zethu, bangamadoda ethu, bangabafowethu, uma belimala ngisho noma singabazi ukufunda nje ngabo  emaphepheni , ukubona nje komabonakude belimala kuyasithinta ngakhoke akungabi into esiyibekela le kude sicabange ukuthi  izo-solve   u-transport  kuphela noma  no-Minister   of   Transport .

Kufanele futhi ukuthi sikubhekisise ukuthi thina njengoba sisebenza nje izingane zethu ezifunda  emakolishi  silekelelwa yibo  labosomatekisi  bazithatha lezingane bazise  esikoleni , bazibuyise ngakho sifuna njengabazali  not as politicians  sizihluphe  nge-safety   yamatekisi  siyikhuphule ibe sezingeni lapho nathi singabeka  izimoto  zethu  sidiphende   ematekisini .

Umkhankaso ozovela emva kwalokhu bengicela indlu yonke egameni  lika-IFP  siyanicela njengoba siniphethe nje, sicela ukuthi siwusekele lowomkhankaso - siniphethe akwaziwa yini ukuthi  i-IFP  iphethe  i-Province   yaKwaZulu-Natali , siniphethe ngakho fanele nisilalele.

Umkhankaso ozovela  ku-Minister   nekomiti  likamfowethu  u-hon  Motala kufuneka siwulekelele siweseke kuze kube sekugcineni. 

MNU M J MTHIYANE:  Ngiyabonga Somlomo, ngizwe ilunga elihloniphekile lithi njengoba umthetho ungadlulanga ukuba kukhulunywe ngawo uphase  ngo-March  sekufe abantu abangaka.  Ngibuza ukuthi bangaki abantu abafe eNanda bengahlangene  namatekisi  akababali ngani?
 [ikhasi 100  umugqa 15-19]

INKOSI B N MDLETSHE:  Asezovela ngempelake manje. [UHLEKO]  Okokuqala nje Somlomo, ngicabanga ukuthi kusemqoka ukuba ngicele leNdlu yakho ukuba mhlawumbe isukume ihloniphe ukuhamba kukayise kukamfowethu lo uSolubhokwe nxa kungase kwenzeke lokho koba kuhle ukukhombisa leyonhlonipho.  Kodwa lokho angakewnza uSomlomo nxa kuvuma lokho ebona ithuba lakhe.
 [ ikhasi 101 umugqa 1-6]

INKOSI B N MDLETSHE:  Ngiyabonga Somlomo, okokuqala nje ngicabanga ukuthi kungakuhle ukuba mhlawumbe ngisize ukulungisa ilunga elihloniphekileyo uMnumzane Ainslie kulokhu kade ekusho.

Ngiyafisa Somlomo, ukuthi i-constitution yalelizwe okuyiyona final constitution yakhiwa i-ANC ngakho uyinzalo ka-ANC.  Amanye ama-provisions ale-constitution u-section 118 uthi iPhalamende kufanele lihambe libonane nabantu kuwowonke  ama-Legislations  enzakalayo.   I-IFP  iyayigcina leyomgomo ngoba ikuhlonipha ukuthi uma izwe  line-constitution  fanele ihlonishwe  leyo-constitution  yalelozwe.

Angazi ukuthi ilunga elihloniphekileyo lisho ukuthi kufanele seqe  i-constitution  yalelizwe na?  Okwesibili ngifuna ukumazisa ukuthi  It was not a waste of time  ukuthi sibe  nama-Public   Hearings we were trying to conform with the Constitution of this Country .

Ngiyafisa ukusho Somlomo, ukuthi kuliphutha engeke ngilichaze ukuthi lisho ukuthi nxa umuntu ezothi ukumiswa kwethu siyimisa  le-bill   ngo-March  athi kwakungenakho lokhu okuthiwa  i-political   gain .  Okokuqala esasikwenza thina kwakuwukucabangela abantu abanganikezwanga ithuba lokuthi basho lokho abafisa ukukusho  kule-bill .

Okwesibili kubanakele lokho Somlomo,  kuma-hearings  enziwe eThekwini enziwe kuzozonke izindawo,  nama-submission  afikile la  kwi-Portfolio   Committee  esiwabonile sawafunda.  Maningi, likhona  ibhuku  lawo ofisa ukukubona lokho Somlomo akacele  ibhuku  kunobhala  we-Portfolio   Committee  kukhona lokho.

Yingakho sihlalile sawacubungula  lama-submission  enziwe ilababantu.  Ngamanye amazwi  i-IFP  iyabanakelela  osomatekisi , iyafuna  osomatekisi  ezintweni ezithinta bona babenezwi.   I-ANC  ibavala umlomo. [ ikhasi 101 umugqa 11- ikhasi 102 umugqa 8]

INKOSI B N MDLETSHE:  Ngiyafisa ukuphawula Somlomo, baningi abakhomba ilunga elihloniphekileyo uMthiyane ngenjumbane, ukuthi uMthiyane obambezele loluhambo noma  le-bill  akusilo iqiniso lelo.  Kodwa ngiyakuthokozela ukuthi uBaba uMthiyane abe ingxenye  yalekomiti  ngoba ulwazi analo  ngamatekisi  lusize ukuba namhlanje sikhulume ngokuthi sonke siyayisekela  le-bill .  Ngoba uBaba uMthiyane ubethatha izidingo zabantu  bamatekisi  azibeke  kwi-Portfolio   Committee .

Ingakho  osomatekisi  - umangase ngikutshele Somlomo banethemba ngoMthiyane ilunga elihloniphekileyo ngoba konke abekade ekuphethe ubekuphathele  osomatekisi , ekhulumela  osomatekisi .  Ingakho sinalamalunga afana noBaba uMthiyane  kwi-IFP  amelela abantu, ekhulumela abantu.

Somlomo, ngiyafisa ukusho ukuthi ukuba asizinikezanga lelithuba leli ngabe kukhona okuningi esikubonayo.  Namhlanje  sine-bill  esiyisekelayo esekelwa ibobonke abantu esixoxe nabo, sithola izwi  losomatekisi  siyamsekela uNgqongqoshe kulokhu akwenzile ukuvumela nokuthi asilalele.
 [ ikhasi  102 umugqa 13-30]

INKOSI B N MDLETSHE:  Ngizwile nje Somlomo, ilunga elihloniphekileyo uMnumzane Mthembu lincoma uNgqongqoshe nami ngiyamcoma, kepha ngesiZulu ngiyafisa ukusho ukuthi uma ungumfana kade uyoshaya inyamazane uphumile uphathela uBaba.

Uma kukhona okuhle okwenziwe indodana ekhaya akunconywa indodana kunconywa uBaba, sincoma uNdunankulu walesisiFundazwe ngokuba abenoNgqongqoshe abamsebenzela kahle ngakhoke sincoma  i-IFP . [UHLEKO]

Somlomo, ngibuyela  kwi-bill  yakho ngiyafisa ukusho ukuthi ziningi izinto ezidala udlame kulemboni  yosomatekisi .  Engicabanga ukuthi kungakuhle ukuthi sizibuke eduzane lezozinto.  Somlomo, ngizwile ngandlebenye ukuthi cishe izimpi eziningi zisuka kulababantu abahamba loku okuthiwa  ama-long distances , bebanga  upeni .

Ngoba okukhulu nxa ukubuka lokhu Somlomo, uyabona ukusuka kwayoyonke lento isuka ngomnotho.  Ngakhoke ngiyafisa ukusho ukuthi asingadlali ngomnotho, umnotho uwukuphila, uwukufa kwabantu futhi.  Pho ukudlala ngomnotho nje Somlomo uma sikhuluma  nge-disinvestment  nama  sanctions  ngoba izozonke lezozinto ezidala lesisimo esikusona njengamanje.  Ukuba asibanga naso lesosimo ngabe sikude manje.
 [ ikhasi  103 umugqa  8-30]

INKOSI B N MDLETSHE:  Ngabe abantu bakithi abanayo lenkinga yokufa ngabe banemisebenzi, ngabe abaxabani  osomatekisi .  Ngivikele  i-yellow   card  ayiphume Somlomo, ayiphume Somlomo.

Ngicabanga ukuthi Somlomo lokho kufanele sikubuke sihlangene ukuthi sokwenza kanjani ukuthuthukisa umnotho wethu.  Lezizinto ezenza umnotho uthuthuke njengomgomo  kaHulumeni  lona okuthiwa Igiye osekelwe iwowonke amaqembu.  Umangase usebenze lowomgomo lowo wemukeleke ungamiswa  u-Sam  Shilowa  naMakhomanisi .  Ngiyakutshela ngithi lenkinga lena yomnotho ezweni ngeke ibe khona.

Somlomo, ngizwile futhi ngandlebenye ukuthi cishe kufanele sikubuke eduzane manje ukuthi ngase kwenzeke ingxabano  yosomatekisi  iqhubeke ibangelwa.
[ ikhasi 103 umugqa 36- ikhasi 104 umugqa 13]

INKOSI B N MDLETSHE:  Ibangelwa isimo  samabhasi . Inkulu ingqinamba esibhekene nayo mayelana nabantu  bamabhasi . Kungakuhle umangase Somlomo sikubukele eduzane nalokhu ukuthi singakwenza kanjani ukuxazulula leyonkinga.

Akufuneki Somlomo, singagijimi ngaphambili ukuvimbela izigxabano ezingase zibekhona phakathi kwabantu.  Ngoba nginenkolelo yokuthi uma Ingasetshenzwa lendaba  yamabhasi   namatekisi  soba nenkinga khona maduze nje ukukhombisa lokho Somlomo, lapha  e-Richards   Bay   i-Greyhound   Liner  imisiwe ezinye zezinto okufanele sizibukele eduzane lezo sibone ukuthi singakwenza kanjani ukuxazulula lezozinkinga.

Ngizwile futhi Somlomo, ngandlebenye ukuthi kunesitimela manje esesisuka eThekwini siye  e-Mozambique  ngiyazi noma kanjani izoqala futhi inkinga nakhona.  Futhi sigijime phambili nalapho sibone ukuthi ixazululeka kanjani.  Akufaneki sigabhwe zinkinga singafikile nezixazululo kuqala.  Singabaholi sibekelwe lokho.

Ngakhoke ngamanye amazwi ngiqonde ukuthi kufanele sigijime ngaphambi kwezinkinga.  Somlomo, neNdlu yakho ngicabanga ukuthi sekukaningi manje sibona inkinga esibhekene nayo lapho kubakhona khona ukufa kwabantu Somlomo.  Nxa abantu befa bese kuthiwa babulawe ngezimpi  zamatekisi , kumbozwe izimo ezikhona kuthiwe izimo zamatekisi.

Kusuke nje indoda ikhulume emsakazweni kulinyazwe umholi ithi kungenxa  yamatekisi  ingazange iphenye, ingazange yenze lutho, ngithi ingozi leyo engicabanga ukuthi  osomatekisi  fanele bayibone Somlomo yokuthi akufuneki nxa kwenzeke izinto kubhaxalelwe ngabo.
[ikhasi 104 umugqa  19- ikhasi 105 umugqa 11]

INKOSI B N MDLETSHE:  Impela faka  i-red card  Somlomo.  Ngicabanga ukuthi akufanele sicashe ngezimpi  zosomatekisi  nxa sibulawa ezombusazwe.  Abantu bethu sebefile bebulawa ezombusazwe bese kucashwa kuthiwe  osomatekisi .

Uma ubhekisisa Somlomo, ubuka  ama-submissions  amaningi aphumile asikhombisa ukuthi amaningi athi uNgqongqoshe uzoba namandla amaningi.  Sikuxoxile lokhu, sakuxoxisisa futhi saphinda sakuxoxisisa sasesigcina sesibona ukuthi akubekhona izindlela esenza ngazo ukuthi abantu abakhala ngalokhu bamukeleke, ngiyathokoza ukuthi lokho bekwenziwa  i-IFP .  Ehe kunjalo.

Somlomo, ngiyafisa ukuphendula lapha abantu ababhala ngobudedengu  emaphepheni .
 Ephepheni  langomhlaka 28  or  lanamhlanje kubhale uMnumzane ozibiza ngokuthi uSthembiso Msomi obhala  kwi-Natal   Witness .  Obeka ukuthi ukungaphasiswa  kwale-bill   ngo-March  kudale izinkinga, imbude leyo, imbude leyo, akufuneki abantu bakhulume into engekho badale ukuba kubekhona ingxabano engenalusizo.

Lento eshiwo ilomuntu lo akhulumayo ngayo Somlomo, akusilo iqiniso kukuzama ukwenza sidideke, udida abantu, indaba yengxabano  yosomatekisi  njengoba ngishilo ukuthi isuka emnothweni ileyonto okufanele sixoxe ngayo siyilungise.

Ngiyafisa futhi ukuphawula Somlomo, ngento ephawulwe ilunga elihloniphekileyo uBaba uMthiyane eyenzeke lapha eThekwini  kwi-Durban   High Court .  Akusikho ngoba kumiswe  le-bill  le lempi indala abantu  bamaphepha  baqamba amanga Somlomo, bafunza izwe into engekho ilezizinto ngoba sengibonile ukuthi  amaphepha  aphethwe obani, niwaphethe bakithi, niwaphethe  amaphepha .
[ikhasi 105 umugqa 15- ikhasi 106 umugqa 8]

INKOSI B N MDLETSHE:  Njengoba esho undodana ilunga elihloniphekileyo uMchunu uthi sisazowaphatha futhi.  Bezwa nina nalapho kungenasidingo khona.  Kuliphutha ukuthi into eyenzeke lapha  e-Durban   High Court  idalwe ukumiswa kwalomthetho iphutha lelo.  Ngiyafisa futhi Somlomo, ukuxwayisa lomnyango.  Khipa  i-yellow   card .
[ikhasi 106 umugqa 12-16]

INKOSI B N MDLETSHE:  Cha ngoba sengiphetha Somlomo, ngiyafisa ukubazisa ukuthi okunye okufanele sikubuke mhlawumbe lomnyango ukubuka eduzane indaba  yama-Rank   Managers  ngoba kuyacoshakala ukuthi kuyenzeka kubekhona umkhonyovu odala ingxabano, nakho lokho fanele sikubukele eduzane ngenhloso yokuba sigijime ngaphambi kwezinkinga.

Ilelophuzu nami ebengifuna ukulisho, elokugcina ngibonga Somlomo ngiwusekela lomthethosivivinyo.
[ikhasi 106 umugqa 23-30]

INKOSI C KHAWULA:  Ndabezitha wena weSilo! ngithi angithokoze ukufunda kwakho inkulumo mgomo yakho isikhathi eside kangaka ngesineke esihle kangaka, futhi sibone kufanele ukwenze lokhu ngoba ukhuluma ngabantu abadala abasizalayo Mageba.

Ndabezitha wenaSilo! lapha kulelizwe lakithi Ndabezitha izizwe zonke ziyalithanda lelizwe  laKwaZulu-Natali  ngoba linonile lelizwe.  Buka nje basuka  eLisuthu , basuka  eSwazini , basuka  e-Transkei  bazoqola  imali  la.  Awu bazophangela izalukazi zethu.  Kodwa ngiyakuthokozela mina okwenziwa uwe ngoba noko bayaphunyula kodwa abaningi uyabamba.  Sengathi ungaqhubeka nokubabamba, ngoba banciphisela izalukazi zakithi  zaKwaZulu-Natali   imali  yabo bayazinqinda.

Ndabezitha khona okunye okusilimazayo la kulomnyango wakho Mageba lababantu obaholela  impesheni  kakhulu laba abamhlophe angazi noma basaqhuba ubandlululo yini labelungu badelela kabi.  Kodwa  sengayisesha  lento  ngayisesha  naseziMantshini abenzi okushiwo  iziMantshi  bazenzela ngamakhanda abo.

Kukhona okhona lana phambili waze washintshwa wayesedelela ngithi sengizoza kuwena Ndabezitha ngizokubekela.  Manje kulokhu  kulempesheni  yokugcina bafika kwezinye izindawo ngo-5:00, ngo-6:00 ntambama sebeholela izalukazi sekulayithwe  izimoto .

Manje Ndabezitha lento ilukhuni ngoba izalukazi okokuqala zisuke sezilambe kakhulu.  Okwesibili uma sezigoduka izalukazi ngoba azihambi ngomgwaqo  wezimoto  zihamba ngezindlela zabantu zehla zenyuka.  Izigebengu bese zithola isu lokuba zilale endleleni bese zibamba inkunzi izalukazi.

Ziningi izalukazi ezifika  imali  ingasekho seyithathiwe yathathwa izigebengu endleleni, ngenxa yokufika ebusuku.  Uma ngisesha  emaphoyiseni  laba abagadayo athi  amaphoyisa  lomlungu uyazenzela iziMantshi zamkhuza zathi akangayenzi lento uzenzela yena ngekhanda lakhe.  Ngathi mina hawu! kanti lomlungu kusabuya odelelayo njengalo ohambileyo obedelela kangaka.  Angibazi abelungu ukuthi benziwayini sibahlonipha kangaka, sibathanda kangaka, basibukele phansi basidelele, basidelele kangaka.

Manje Ndabezitha khona okuhle okwenzayo okuthandwa Amakhosi nomphakathi ezabelweni okwenzayo, loku okwenzayo kokuba uhlale uhlale uvakashele  ezinkantolo  uqoqe Amakhosi, ubuye uqoqe abantu abadala uzozwa izikhalo zabo Ndabezitha abantu abadala sengathi ungaqhubeka nakho Mageba bakuthanda kabi abantu lokhu.  Nathi Makhosi futhi siyakuthanda ukuba uhlale uhlale uzozwa izikhalo zezalukwazi.  Izalukazi zijabula kabi ngalento oyenzayo ukuba uzihambele uzozwa izikhala zazo.
[ikhasi 140 umugqa 24 - ikhasi 141 umugqa 36]

INKOSI C KHAWULA:  Ndabezitha bengithi ngicelile ukuba ngiphawule isihloko sami engifuna ukuphawula ngaso kakhulu izona lezinto zontathu lezi ozenzayo zokuba uye  ezinkantolo   ulalele Amakhosi, uye ezalukwazini ulalele izikhalo zezalukazi, sengathi ungaqhubeka nalomsebenzi izalukazi zisuke zijabule kabi uma uzofika zijabula kabi.

Ngakhoke ngiyawusekala uMnyango wakho Mageba ngawowonke amandla ami, nangesineke osenzileyo sokusifundela sona Nkonyana yeSilo.
[ikhasi 142 umugqa 10-19]

Kodwa Sihlalo, mhlawumbe siyolekelelwa ukuba sonke ezindaweni zethu sikunake lokhu ukuba abantu abasha abancane bantshontshe  imali  yabadala, mhlawumbe kuyosisiza kakhulu lokho, ngeke sisizwe  amaphoyisa  kuphela kodwa siyosizwa ukuthi nathi sikubuke ezindaweni zethu nalapho kuholwa khona ngoba umgunyathi uputshuka zonke izindawo.

Izalukazi ezinye aziyitholi  imali  kodwa laba abenza umgunyathi bayashesha ukuba bona bayithole  imali  noma bengene ngomgunyathi ngoba okwabo kuhamba njalo ngemuva komthetho.  Ndabezitha ngithi nami angibonge njengabanye asebebongile ngaphambili umsebenzi wakho oncomekayo, nokuzinikela kwakho.

Siyakubona  nasezinkantolo  uvela kade uyobopha izigebengu ezintshontsha  imali  yezalukwazi.  Ngiyabonga Ndabezitha.
[ikhasi 150 umugqa 18-32]

MNU N E MAGUBANE:   Thank you, Chairperson . Uma ngikhuluma  ngezimpesheni  ngikhuluma ngento cishe ukuba ithinta abantu bonkani abaMnyama abasesimeni sokuhlupheka nokuhlukumezeka, ukuhlukumezeka okwasuka esikhathini esadlulayo kuze kube manje.

Ngithola ukuthi  ezimpeshenini  abantu abaningi bathi beya kohola benenhloso yokuthi bayothola  imali  yabo abakufica laphaya bathole ukuthi kuthiwa sebenezinyanga bafa.  Lowomuntu abe okuthiwa wafa kodwa ekhona ezolanda  imali  yakhe, asazi ukuthi ubani osayina  isitifiketi  sokufa uma etholakala efile abe ephila.

 izitifiketi  zokufa kunendawo eyodwa  ezisayinayo  okufuneka lendawo  esayina   izitifiketi  zokufa ibhekisiswe ukuthi ngabe  isayina  ngaliphi ilungelo kusuke kwenzekeni, ubani osuke elethe izibalo zabantu abafileyo abahola  impesheni  okuthiwa ngabe sebefile ukuze  imali  yabo ingatholakali.

Sibathola lababantu behlukumezeka ngezindlela eziningi, bebe bebadala bedinga ukuhlonishwa isizwe.  Sibathola behlezi kalukhuni  kuyimali  abayihola bondla imindeni yabo, abazukulu, befundisa imindeni yabo eminingana.   lemali  abayiholayo ibe ingakwazi ukufeza izidingo zemindeni yabo.

Bese kusuka abantu abasebenzayo abaphilayo njengami nje ngiphilile ngenxa yokuthi nginikezwe ithuba lokuba ngisebenze  kwi-Department  bese ngenza izindlela zokuba  lemali  abaniniyo ingafiki kubona.  Ngize ngiphumele ngaphandle ngiyokwakha  ama-syndicates  azosuka asebenze nami ekutheni uma  imali  yabagugileyo nabakhubazekile bengayitholile ngigcine sengivimba  izimoto  ezithwele  izimali  ithathwe  lemali  iyodliwa abantu abayizigebengu.  Abampilo yabo befuna ukuhlala bephila besemafutheni abangawasebenzelanga.

Mangidlula lapho ngithi  i-Department  idinga iyibhekile lento iyifakele izibuko zokuthi ngempela, ngempela abantu abasebenza kuyona  i-Department  ngabantu abanjani.  Uma bephila baphila impilo enjani, leyompilo ngabe iyadingeka yini ukuthi impilo engabe ibagcina emsebenzini abayisebenzayo.

Uma ngidlula lapho ngithi abantu abaningi abatholakala besebenza lento yokuthatha  izimali  bezithatha ezindleleni kuvinjwa  izimoto  kudutshulwe kufe abantu abangenacala kuthathwa  izimali , abangaphakathi kwi-Department basuke bazi ukuthi   lemali  ngeke ifike lapho iyakhona kodwa  lemali  iya lapho sifuna thina esizoyisebenzisa ukuthi iyekhona.

Ngakhoke umangabe kunjalo kufanele ukuthi  i-Department  iyifake izibuko kabanzi lento ukuthi lento ingayihlela kanjani ukuthi abantu abahola   izimpesheni    izimali  zabo zigcine zifike kubona ngendlela efanele.

 uHulumeni  omkhulu kumanje uzama ngazozonke izindlela ukuthi abantu abadala nabakhubazekile impilo yabo ithi thuthu.  Mazolo lokhu bathe  abawu-Hulumeni  omkhulu ngokwazi ukuthi ngesikhathi silwela inkululeko sikhuluma sibeka phansi zonke izinto eziyisifiso sethu zokuba kuphase umthetho ozobuswa abantu abaMnyama izwe libuyele ebantwini abaMnyama baliphathe ngendlela eyothokozisa abantu abaMnyama sathi abantu abaMnyama bayobona ukuthi izalukazi namakhehla nabakhubazekile bakubo bayothola ilungelo lokuba bahole  izimpesheni  eziyophilisa imindeni yabo.  
Ngakhoke ezinsukwini ezadlule kungithokozisile mina ukuthola izibalo ebeziphuma lapha zikhombisa ukuthi  uHulumeni  ngempela uyazama ngazozonke izindlela nezintuba ezikhona nakuba ecindezelwe izikweletu lezi esihlale sikhuluma ngazo lapha eNdlini ukuthi abantu abaMnyama abahola  izimpesheni  kubekhona okuncane abafakela kona ukuze bakwazi ukuthi ezinsukwini zokuphila kwabo babone ukuthi  uHulumeni   ababemvotela  ngempela izidingo zabo ezinye zazo ziyafezeka.

Sitholile ukuthi njengoba behola  u-R470.00  khona maduze kuzongena  imali  ewu- R20.00  bahole  imali  ewu-R490.00.  Khona maduze futhi emva kwalokho kube engathi bekungenzeke lutho aphinde  uHulumeni  alule isandla  leyamali  ayikhuphule ayise  ku-R500.00 .

Sizobona ukuthi ngempela  uHulumeni  edonsa nzima ezama ukugcina lokhuya nalokhuya  ngezimali  kodwa ubhekile ukuthi labantu abadala abangazange empilweni yabo bakuthole ukuthokoza, nokuthokomala, nokujabula abathokomalise ukuze ekugcineni kwezinsuku zabo bathi  savota  kodwa  savotela  abantu ababazi ukuthi sasiyisizwe esihluphekayo, nesigqilazekile ikusasa lethu lingekho baqhamuka bona bazinikela ngempilo yabo balwele thina ukuba sikwazi namhlanje sife sazi ukuthi noma siyafa kodwa imindeni yethu noma isele dengwane kodwa kukhona okuthize okuwumbuso okhona  esawuvotela  oyokwazi ukubheka ukuthi bayayithola impilo ebafanele na.

Khona kunjaloke njengoba sisho ukuthi kunjalo, laphaya kuleminyango ephethe  izimali  zethu ezikhipha ngononina ezisa ezindaweni ezifanele sithola kunabantu abaningi abanamasu amaningi okuba  Lezimali  zingafiki kubaninizo. Uma zingafiki kubaninizo useshilo oshoyo ukuthi izigebengu, izigebengu azazi ukuba - noma ngabe ubani mina ngimbiza ngegama elilodwa ukuthi isigebengu ngoba uma ethatha ilungelo lomunye umuntu lowomuntu useyisigebengu noma angambala muni usuke eyisigebengu.

Eminyakeni eyedlule besibuswa izigebengu ebezisiphethe ngemiqondo eminingi zenze izinto eziningi kuthi ekugcineni kosuku zisibulale kodwa laba abangale kwesandla sami sokunxele abazange basho ukuthi izigebengu ezibusa izwe kodwa izigebengu mabezibona namhlanje ngoba zifana nabo zibulala abantu.

Ngithi namhlanje masivume sikwamukele ukuthi  uHulumeni  okhona nomangabe izigebengu zikhona akusiyona inhloso  kaHulumeni  kodwa zinenhloso yazozodwa eziyisebenzela ekutheni kufezeke izintado zazo.  Ukuqhubeka lapho ngithi omama nobaba nabobonke abadala abahola  impesheni  kukhona isimo abazithola bekusona, lesiyasimo sokuthi kuqhamuke abantu abazibiza ngokuthi  bayi-insurance   njenge insurance  engizokhuluma ngayo la okuthiwa  i-Cornerstone .

 Lo-Cornerstone  ophoqa abantu abadala ukuthi bakhokhe ingxenye yeholo labo balikhokhele ukuthi usofa silahlane angazi ukuthi umuntu ethi niyofa nilahlane naye nibe ningazange niqomane into enjani leyo.  [UHLEKO]

Kodwa okwenzekayo  kulo-Cornerstone   bayi-deductor   imali  emholweni wezalukazi namakhehla nabakhubazekile ngenhloso yokuthi lababantu ekugcineni kosuku bazongcwatshwa.  Kodwa uma sekufike isikhathi sokufa bayanyamalala baphinde babonakale kugcine umdeni sekuyiwona osenkingeni yokuthi ungcwabe lowomuntu, sibe singazange sibekhona isivumelwane kwasekusukeni ukuthi  lo-Cornerstone  uyena oyongcwaba lababantu.

Umangithatha ngibuka isimo  sempesheni  sithi umuntu ohola  impesheni  akekho umuntu  onga-deductor  umholo noma  imali  ethize  empeshenini  yakhe ngaphandle kokuthi yena  lemali  aseyiholile enze isivumelwane sokuthi uyokhokha umangabe  lemali  eseyithathile isesandleni sakhe noma ngabe  u-R5.00   lowo-R5.00  uyokhokhwa  i-pensioner  kulowomuntu abavumelene naye, ayi ukuthi  i-deduct  ngale kufike sekuthiwa  u-R5.00  awukho ngoba kukhona  u-Cornerstone  oyindlalifa engabekwanga muntu.

Bese ngiqhukeba lapha ngithi kuningi okwenzeka lapha  ezimpeshenini  uthola ukuthi kukhona abantu  abasezimpeshenini  abagwazelwayo ababizwa ngamagama, abaziwa ngisho  amaphoyisa  ekengithola ukuthi wona uqobo lwawo aneqatha ngoba ofeleba laba bahlezi befuna ukufunzwa amaqatha noma bengawazi ukuthi  anophoyizeni  na.

Bese bethola  imali  kuye kukhona lento eyenzekayo lapha  empeshenini  kukhona abantu abafika namhlanje kuzoholwa ngakusasa balale babeke ngisho amatshe la ukuthi lelilitshe liyimina lingimele ukuthi kusasa kuye uma  liwu-number   two , ngobe  ngiwu-number   two .  Bese kuqhamuka lababantu ofeleba laba ogimbela kwesakhe, ohlohlesakhe abashiwo abathize.  

Ohlohlesakhe sebefika sebethi eyi indaba yokubeka amatshe asiyisebenzi la nina nomangabe nifike  ngo-10:00  manje njengoba kuholwa  impesheni  sidinga ukuba ningene ngaphambili la ngoba nizokhokha  o-R20.00  la kithina siningenise ngaphambili, laba abafike izolo balala la okwabo lokho bekuwukuthanda kwabo, nina ngoba niyazi ukuthi nifunani lethani  imali  kithina sinifake ngaphambili nihole  imali  niphume.  Kwenzeka njengoba ngisho.

Ngakoke Mphathiwesihlalo ngithi izinto ezifana nalezi uma ezindaweni  kuma-pay   points  zingakasetshenzwa zilungiswe kubekhona abantu ababoshwayo.
[ikhasi 160 umugqa 9- ikhasi 164 umugqa 3]

MNU N E MAGUBANE:  Ngicela ukuba ungivikele bese ngiqhubeke nenkulumo.  Uma  u-Cornerstone  engcwabe kaMafunza engangcwabanga eMazizini kunomehluko lapho.
Bayothi abaseMazizini akangcwabi  u-Cornerstone  ngakithi...
[ikhasi 164 umugqa 18-22]

MNU N E MAGUBANE:   So , ke siyacela ukuba lezizinto zibhekisiswe zikwazi ukuthi zivikele abantu abadala ezintweni ezenzakayo ngoba ekugcineni kosuku abantu abadala ababesasho ukuthi  lenkampani   inkampani  ezimele bake bathi into elethwe  uHulumeni  le okufanele engabe  uHulumeni  uzosephuca  imali  ngendlela thize ngokusebenzisa lababantu.

 So , ke okunye esikuthola lapha ukuthi abantu  empeshenini  banokuhlupheka okuningi ngezizathu ezimbili zokuthi kutholakale ukuthi  kuma-districts  awakho  amaHhovisi   ezimpesheni  anabantu abaqashiwe ngokuphelele abakwazi ukuthi bahlale lapha  emahovisi  basebenzele imiphakathi yabo.  Bayafika beqhamuka kwezinye izindawo bezosebenza kulendawo kutholakale ukuthi bathi sizosebenza abantu abawu-60 kuphela emva kwa-60 siyahamba.  Abantu bekhona la bezobhalisa  izimpesheni  mhlawumbe bewu-300 nangaphezulu.

Loku kunikeze abantu ukuhlukumezeka okokuqala lomuntu uze lapha  nemali  uyibolekile kamakhelwane ezalapha ngenhloso yokuthi uzobhala abuye izinto zakhe zilungile.  Bese kuthiwa njengoba  ewu-number 61  akasezukubhalisa ngesonto elizayo, noma ngenyanga ezayo kufuneka futhi aboleke enye  imali  emletha la, unesikweletu kwenye indawo lapho ethatha khona ukudla ekunikeza abantabakhe njengoba  isitolo  besimazi ukuthi uyahola kodwa  impesheni  yakhe isimile...
[ikhasi 164 umugqa 32- ikhasi 165 umugqa 15]

MNU N E MAGUBANE:  Ngiyabonga.  Okokugcina Mphathisihlalo, sinendida yezinto ezenzekayo ezibuhlungu lapha kukhona  i-Prosecutor  uMshushisi lapha ngakithi obekade ezama ukusiza abantu  bezimpesheni  kakhulu ukuthi izinto zabo zilunge. Kuthe ngokutholakala ukuthi wenza izinto ezisobala eziveza abantu abathize abasezikhundleni eziphezulu abahloniphekile futhi.  Babiza umhlangano ngokushesha bebizwa Inkosi ethize okuyiyona ebaphethe lapha  ewu-Chairperson   we-region  yababiza yafika yathi lo ebabiza ngo-2:00 wathi angashayi u-5:00 ela ngoba uma kushaya u-5:00 ela anginabo abantu abazongivikela uma kushona ilanga ngoba uzoveza izinto ezingafanele ukuba zivele siyambona ukuthi utshaliwe lo.

Kepha lowomuntu ebe esiza umphakathi ezintweni zeminyaka ezihluphayo lapha  kwezezimpesheni  okufanele ongabe ziyalungiswa.  Nakoke kuzoqhamuka Inkosi manje ithi angashayi u-5:00 ela ngoba anginabo abantu bokumvikelela ilanga umalishona ngoba uzoveza izinto ongukafanele ukuba uyaziveza la.

MNU N E MAGUBANE:  Ngiyabonga.
[ikhasi 165 umugqa 19 - ikhasi 166 umugqa 1]

 Cov 698:

 ISESHINI  YESIHLANU

UMHLANGANO WESIBILI	:	 OJWAYELEKILE	 : 1, 2 KANYE NO 3
									KUNHLANGULANA 1998

UMQULU 6


 Vol 698:

MNU V V MVELASE:   Apartheid   regime .  Baba Somlomo, uma ngifunda laphayana ngithola njenganalapha esigabeni sika-25 (d) abantu abaningi bake bacabange ukuthi ikakhulu mayelana nezemvelo uma bebhilida abantu bengafuni ukuthi kwakhiwe iziqiwi.

Abantu uma kukhulunywa  nge-development  labantu basemakhaya baye basuke bacabange lezinto ukuthi nakhoke sekuthiwa  sesiyadivelophwa  sesizofakelwa  amalokishi  ezindaweni zethu njengoba kade ngikhuluma ngoNondweni nazozonke lezinto.

Eqinisweni ngempela abantu bakithi kakhulu KwaZulu angikaze ngiye kwenye indawo imvelo babevele beyikhonzile ngoba eqinisweni Baba Somlomo, sikhule thina sazi ukuthi umuthi omanzi akufanelekile ukuthi ugawulwe.   And  kufuneka abantu bagawule izinkuni ezomile ngani ngoba imithi emanzi lena oluku uyigawula ulimaza imithi engase isize abantu njengamagxolo njena esiwasebenzisayo njengezinyanga mhlawumbe noBaba uMagubane laphana engibuka nje insizwa yangakithi nje mhlawumbe iyakwazi lokho ukuthi sitholathole imithi yokuphalaza, umshwanguza.

Ngakhoke Baba ngisho ukuthi awuphume uphele lomqondo wokuthi awubabheke abantu abayifuni  i-development , abafuni ukusuka.  Njenganalapha ngakithi nje nangu uMhlonishwa Inkosi uNgubane akekho obezokwazi ukuthi ngimchazele ukuthi into edala ukuthi abantu banqabe ukuthi kwakhiwe iziqiwi lapha,  lamaBhunu  lawa abekade ephethe kuqala abengabachazeli abantu, abantu bengalitholi ithuba lokuthi bachazelwe ukuthi lento izobasiza ngani.

Kuvele vele kusuke kuthiwe siyabiya lapha sukani kuzongena izinyamazane, kanti kuzongena izinyamazane bese bethi abantu habe nansi imihlola yethu singasuke sisukele izinyamazane.  Engabe abantu bayachazelwe nje kahle ukuthi cha uyabona lokhu kuzonisiza kanje kanje ngakhokhe - uyabona sekhona  namakomiti  manje ochwepheshe abazokwazi ukuba bachazele abantu, lomthetho lona ngempela, ngempela uzosisiza kakhulu.

Ngoba izinto eziningi okubonakala sengathithi azilungi nje ingenxa  ye-approach  abantu  aba-aproshwa  kahle banikezwe amathuba okuthi bakwazi ukuthi bayiqonde kahle lento.

Ngakhoke Baba Somlomo, ngenhliziyo yami impela emhlophe  le-bill  lena ngiyisekela kakhulu ngoba izosisiza kakhulu.  Ngiyabonga Baba.  
[ikhasi 18 umugqa 37- ikhasi 20 umugqa 6]

Sihlalo ngiyakhala ngezikhulu zeminyango  kaHulumeni  ezike zizithele ngabandayo ekwenzeni lokho ezikufundele nezikuholelayo, siyabaholela lababantu.  Bahamba ngezishishibala  zezimoto  abazithengelwa yithi awulingane-ke umsebenzi nokubantofontofo.

Siyabahlonipha  banamahhovisi ,  bano-private   secretary , bahlonipheke akubenjalo-ke nokusebenza.  Yini  abakwa-finance  bathole amaphutha bengawaboni bona?  Kodwa benesikhulu lapha  kwi-Professional   Service   Division , lesisikhulu kuthiwa  ese-Contract   Management   And   Administration .
[ikhasi 42 umugqa 17-28]

MNU T F DINGILA:  Umlando walapha  e-South   Africa  uyokuthi ngesikhathi soguquko  lase-South   Africa  Amakhosi ayenjengeNkosi uMdletshe, oNkosi uNgubane uNgqongqoshe wethu ohloniphekile, oNkosi uMathaba, oNkosi uKhawula, behlangane naBantwana, aBantwana baseNdlunkulu njengoMntwana waKwaMinya.
[ikhasi 47 umugqa 38- ikhasi 48 umugqa 4]

MNU T F DINGILA: Bese kuba neNkosi ezoba uMongameli uMntwana waKwaPhindangene uMongameli  we-IFP  baqeda umbuso  weFidalizimu  owawakhiwe ubandlululo, bakha  uHulumeni  onesisekelo sobuKhosi  base-South   Africa . Umlando ozoqoshwa la  e-South   Africa  lo engiwusho la.

Ngiyaphinda ngiyagcizelela ukuthi  i-ANC  ayisuse  amaKhomanisi  eduze kwayo ukuze sikwazi ukukhuluma ngokuthula okwashiwo uJesu lalela  ibhayibheli  ngoba  unguMkhomanisi  awulazi; "UJesu wathi udumo oluphezulu, ukuthula emhlabeni, nothando kubantu".  Amakhomanisi  awanalo uthando kubantu angakhuluma kanjani ngokuthula engenalo uthando kubantu.

Ngiyabonga Mphathisihlalo.
[ikhasi 48 umugqa 8-21]

MNU W U NEL:  Awu!  Thank you , MNU  Chairman , ngizwa abanye bethi angiqale phansi ayizwakali into engiyikhulumayo.

Ngithe ngiyamangala ukuthi ilunga esilihloniphayo uMnumzane uDingila ubasa umlilo lapha ngezindaba ezingathintene  ne-works .  UbuKhomanisi   neFedalizimu  konke lokho okungathintene mpela mpela naledibhethi.
[ikhasi 48 umugqa 33- ikhasi 49 umugqa 1]

MNU V C XABA:  Sihlalo, neNdlu yakho ngifuna ukuthi nami ngibonge uNgqongqoshe, uMnyango wezabasebenzi ngokusinikeza lombiko asinikeze wona namhlanje. Ngizophinde futhi ngibonge izikhulu ezisemnyangweni wakhe abambisene nazo ekwenzeni lomsebenzi omkhulu kangaka.

Ngalawomazwi Sihlalo ngifuna ukusho ukuthi ngizalisekela  ivoti  elibekwe uNgqongqoshe ngaphambi kwethu.  Kodwa ngifuna ukusho ukuthi mina Sihlalo,.
[ikhasi 52 umugqa 31- ikhasi 53 umugqa 1]

[isikhulumi?] Kodwa ngibona ukuthi mina Mhlali ngaphambili uma kungenjalo kulokhu kuthiwe  imali  ayikho,  imali  ayikho, asivesane sisukeni sishiye la ngoba sinawo phela  amaHhovisi  oLundi bakithi, asihambeni siyosebenzela oLundi.  Kuyothi mhlazane sekutholakale  imali  ebese seyilungiswa sesiyobuyake asisho ukuthi sixabene noMgungundlovu bakithi wenu, wethu, awu asiyeni oLundi bakithi.

Ngikhuluma nje  amaphilisi  angazi uMhlonishwa usewabekephi kade ngibeke  amaphilisi  ami angiphathekile kahle ngenxa yalesisimo esikhona.
[ikhasi 55 umugqa 29-38]

INKOSI K W MATHABA:  Ngiyacabanga lapha kukhona okungithusile kodwa ngathola ukuthi nginenjabulo ebengifisa ukuthi ngibongele uMhlonishwa wami, uBaba  I-Deputy  Isikhulumi, uMhlonishwa  u-Willis  Mchunu ngokuthi azuze ukuthi abe uSihlalo  wamaKhomanisi  lapha  KwaZulu-Natali .

Kodwa ngiyacabanga njengoba  ewu-Deputy  wethu akakuyiphendula leNdlu yethu ebese eyenza ayifake umoya  wamaKhomanisi  noma ayiphendule ibe  ngamaKhomanisi .

Ngithi ngamafishane,  I support the budget for this Department.  I thank you, Chairperson .
[ikhasi 57 umugqa 6-15]

[isikhulumi?] Ngidlule lapho Mama Sihlalo, ngicele kuMhlonishwa uNyambose ngimbhekise amehlo akhe endaweni yakubo kwaMtetwa ezweni likaMyandeya ukuthi  izikole  zakhona Nyambose ihlazo ukuya  ezikoleni  zakini ofica  zingenamafasitela   ezikoleni   njengaseMaBhuyeni ,  ezikoleni  njengakoMalanga, nezinye  izikole  ezingale ufica  zingenamafasitela . Lezo  zikole  zakhiwa umphakathi uzakhela, usizwa  nayiziMishini .  Kodwa  lezizikole  sekuyimbhodlombhodlo.

Bengifuna ukuba ngimkhumbuze uNyambose ukuthi; "Enethunga ayisengeli phansi".  Akulona ihlazo ukuthi aye ngakubo njengoba  no-Minister  uNdebele izolo ubeyile lapho azalwa khona eyolungisa izinto zakubo, ngidlule lapho.
[ikhasi 57 umugqa 26-37]

[isikhulumi?]  So  kufanele sikhuluma kahle ukuthi siya  out-source si-out  sosela kubani.  Thina sithi imisebenzi lena  yakwaHulumeni  ayihlale ezandleni  zikaHulumeni  ngoba athi uma  amaBhunu  engena embusweni ngo-1948 athatha imisebenzi kwasebenza wona  koLoliwe ,  emaPosini ,  emabhanoyini  kuyoyonke indawo bafundisa izingane zabo benza  imali , namhlanje yibo abaphethe lelizwe belidonsa ngekhala  ngezimali  zabo  o-Sanlam ,  o-Southern   Life ,  o-Rembrandt , zibale  lezinkampane  ezinkulu ezakhiwa  amaBhunu  ngesikhathi esebenza  kuHulumeni .

Manje thina kufanele nathi sizigcine lezi ezikhona kusebenze abantu bethu ukuze nabo abantu bakwazi ukuhambisa izingane  ezikoleni . Okunye engifuna ukukusho ilento ekhulunywayo  ye-fraud , kukhulunywe sengathi  i-fraud  ilakithi KwaZulu kuphela.  Ngiyayithanda  -Province  yakithi ngifuna  ukuyidifenda  kodwa angifuni  ibe-corrupt   I am against   i-fraud .

 But   ma-Afrika  asikhulume kahle  i-fraud  lelizwe lakithi lembethwe  i-fraud   right from the top , phezulu ize ibekhona nakubantu besimame.  Esingazi ukuthi bakufundaphi ukuba zigebengu.  So , ngiyabonga  i-Minister  engathi thina sonke singalekelelana silwe nobugebengu, nobuqhetseba lobu okhona ezweni lakithi.

Kodwa asingabusenzi ubuqhetseba engathi bula kithi kuphela. Angibazi abantu bakithi kwenziwa yini noma benziwa ukuthi ingoba beqala ukubona  imali ?  Kade bebengakaze bayibone  imali .

Wonke umuntu nje  after out every ten people . [ikhasi 58 umugqa 13- ikhasi 59 umugqa 2]
MNU J D MKHWANAZI:  Awu! ngiyabonga.   Nalezigosti  lezi,  izigosti  lezi aziphele ngiyafakazelana nelunga elihloniphekile uXaba ukuthi aziphele  izigosti .  But  ngifuna ukuliphikisa ilunga ukuthi  izigosti  zilakithi.  Izigosti  zigcwele kuwowonke umhlaba walapha kithi.  Aziphele  izigosti .   i-Minister  ayiqinise abantu bangantshontshi usimende  kaHulumeni ,  nezipeti   zikaHulumeni  njengoba bezintshontsha kwezinye izindawo.  Ngiyabonga.
[ikhasi 59 umugqa 6-12]

INKOSI B N MDLETSHE:  Sihlalo ngicabanga ukuthi ilunga elihloniphekileyo ngicabanga ukuthi lisebenzisa ulimi olungalungile uma lithi ilunga elihloniphekileyo lidilika esihlahleni uma likhuluma.  Akusilo ulimi olulungileyo lolo. 

Ngicabanga ukuthi ilunga elihloniphekile kufanele lilihoxise lelogama.
[ikhasi 65 umugqa 12-18]

REV C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):  Mphathisihlalo, neNdlu ehloniphekile ngithokoza ukuba ngibonge izikhulumi esezikhulumile la. Into yokuqala engifisa ukuyitusa, nokuyibonga ezikhulumini la ukuthi bezikhuluma ngomnyango njengoba nami bengikhuluma ngomnyango.

Uma ukhuluma ngomnyango ukhuluma  ngemali ,  imali   engeyaloHulumeni . Uma ngenza inkulumo yami mina angiyena umuntu ofuna ukufihla noma ukuvikela noma ikuphi okuhamba kabi, ngike ngifise ukutshelwa ukuthi ikuphi enithi nina  ngemali  yenu akuqondile ngiyakubonga ke lokho. 

Ngibonge kuqala uSihlalo  wekomiti ,  le-Portfolio  ilunga elihloniphekile uMvelase ngombiko wakhe  nekomiti  lakhe.  Kuncane kakhulu eningathi mhlawumbe singakulungisa lapho ukuthi kuyenzeka ke ngoba okuningi sikhuluma esikhathini lesi laphaya - iqiniso ukuthi kwasho mina, kusasho mina namanje ukuthi umnyango wenza iphutha uma kukhulunywa  ngezimali  ayi ukuthi akukho ukusebenzisana emnyangweni.

Ngathi benze iphutha ngokuthi uma bekhuluma  ngezimali  bangishiye ngemuva ileyonto kuphela esasikhuluma ngayo, ayi ekusebenzisaneni nasekuxhumaneni emnyangweni akukho okukhaleka lapho.  Ngifisa ukuqondisa kuleyondawo.

Umhlobo wami laphaya umadevu ukhale ngokuthi yena njengomuntu oyinduna yabesimame alikho ibandla lakwakhe akaliboni laphaya ezikhundleni eziphezulu.  Kunje-ke Mphathisihlalo, noma angabona kanjalo kuyaphela kwenyukwa akukhona ukuthi ngempela abekho abesezikhundleni noma engababoni laphaya enansikeni bakhona abesifazane abasezikhundleni ezingenhla ngaphandle  kuma-Director .

 Kuma-Director  ke abakhethwa  u-Minister  kufanele ukuba sikuzwe lokho kubakhona amaphenyela abenza  ama-interviews  kulaba aba  aplayile , kube ilaboke abakhetha abantu ukuthi ubani abamkhethayo ngaleyomniningwane ebekiwe ukuthi uphumelela kanje kanje.  Uma engaphumelelanga owesifazane ngingeke ngisuke ngiyothi hambani niyongibambela owesifazane. [UHLEKO]

Ngibonge ilunga elihloniphekile uMtalane ngendlela abeke ngayo kuningi akubekile engingeke ngidle isikhathi sakho Sihlalo ngoba akukho esiphikisana kukho konke akubekile ukubeke ngendlela eyakhayo, nebambisanayo nokuthi ungumnikazi waleNdlu uqobo.

UMnumzane  u-Nel  ilunga elihloniphekile ungibikele ukuthi uyahamba wathi nokho uNkwali laphaya uyokumphathela izimpendulo.  Kukhonake akuhlabile noma ecelile laphaya encwadini yakhe angilobele yona ukuthi ubengajabula ukuthi sibuye sixoxe kusasa.

Into akhale ngayo ukuthi ngikhulume ngezinto ezenzeka angikhulumanga ngalutho ukuthi yini oluzokwenziwa.  Enginganxusa ukuthi mhlawumbe ubengakayifundisisi inkulumo yami.  Ngishilo Mphathisihlalo neNdlu ehloniphekile la enkulumeni yami ukuthi ngenxa yezinto ebezezibekiwe la okudinga ukuba ngiziphendule ngokugcina isikhathi futhi ngoba abanye ozakwethu abazange banqunyelwe isikhathi mina benginqunyelwe isikhathi kwadinga ukuba ngiyinqume-ke inkulumo  yami kengikhanyise lokhu obekudida iNdlu.

Ngishilo enkulumeni yami ukuthi ngempela isalile inkulumo okuyiyona obekufanele ukuba ngiyisho eyaphambili, kukhona enkulumeni yami lokho.  Engisho ukuthi mhlawumbe umhlobo wami ubengakayibukezisi inkulumo.

Laphaya elungeni elihloniphekile uNonkosi, uXaba laphaya.  UXaba ushayile ngoba phela sikhuluma esikhathini esibi lesi  kuma-quarter   finals  uyabona uma kukhulunywa  kuma-quarter   finals  nobani ufuna ukuba avele intamo ukuthi ukhona ukuze abuyiswe ngonyaka ozayo.

Cha lapha uBaba uXaba akhala ngakho ukuthi izisebenzi eziphuma  kwa-education , nakho okufanele ukuba kuqondwe.  Izisebenzi kudala zaba  kwa-Works  ngihlale ngichaza,  u-education  ubebambe amaholo zisebenze kwami ziholelwe  kwa-education .  imali  eyayingabuyanga babuya bonke bafakwa ezikhundleni kwalungiswa konke  amalgamation  yaphela.  Besibanga  imali  iyona-ke okuyikhona ibuyayo ukuthi amaholo abo abuyele lapho besebenza khona, ilokho obekungakaqondiswa mtakwethu. [ikhasi 65 umugqa 38- ikhasi 68 umugqa 1]

REV C J MTETWA:  Cha uDingila phela ukhulume izindaba ezinkulu ngoba usikhumbuze  namaKhomanisi , awasekhoke layiNdlini.  Manje uCele uyayithanda lena yamaKhomanisi ngoba wake wayilo.
[ikhasi 68 umugqa 5-9]

REV C J MTETWA:  Cha sewaphenduka.  Ilunga elihloniphekile Inkosi uMathaba ukhulume amaqiniso njengeNkosi, ngoba ubekhuluma ngezinto ezithintwa ngezandla engizenzile emhlabeni wonke lo ezingeke zishiwo ngoba phela kuyabangwa.

Ngibuye laphaya elungeni elihloniphekile uNkwali, uMkhwanazi. Amaqiniso angephikiswe lana awashilo ukuthi lapha njengoba kukhulunywa ngeminyango nje, nangoba kukhulunywa ngendlu leya umuzi  wase-Truro   House  yebo izinto lezo ezibhekwayo indlu iyobuye izithole izigcino zokuthi isimo sakhona simi kanjani ngoba kusaphenyisiswa ukuthi kungathengeka, kungama kanjani  izimali  zingasivumela kodwa ngoba kusho leNdlu iyona futhi eyokhipha  imali  yokuthenga singaqashi.

Nokho kuyacwaningwa lokho akuyekiwe singekeke sikhulume ngoba kufuneka ukuba siphendule manje bese sithi kukhona okungekho noma esingakwazi.

Ngidlulele elungeni elihloniphekile laphaya u-MNU  Haygarth  kuningi akubekile okubalulekile futhi ubekhuluma ngesimo uqobo lwaso,  nesezimali  nezidingo nokuthi futhi kudinga ukuba kucoshelelwe kakhulu kubhekisiswe uma kukhulunywa ngezinto eziqondana nomnyango noma neminyango ngoba akuwona umnyango nje.

Noma ungaba nesigcwagcwa kuthiwe umnyango kodwa iminyango okufanele ukuba kuqondiswe khona ngempela.  Ubeke njengomuntu omdala wakhombisa ubudala bakhe nobuqotho balendlu akakhuluma uwangala amazwi awakhulume la sizowalandela siwabhekisise kakhulu.  Ngithokoza kakhulu futhi ngoba usekomitini  i-Portfolio   Komiti  yomnyango.

Ngedlulele elungeni elihloniphekile uNgcobo, ikhona into enye engeke inakwe kakhulu engiyibonile eyinaka ukuthi into enkulu kakhulu lapha ukuqeqesha abantu bakithi.  Sikhulume  nge-Affirmative   Action  kodwa njengoba umnyango sizama ukuthi silugise lokho ngokuqeqesha abantu ukuthi baye emazingeni ngendlela efanele abantu bathathe izikhundla esingeyukukhala kusasa.

Ngoba ukuthatha kufakwe nje ibala kuthi ngoba sifuna ibala lakithi elimpisholo cha akusona lesosikhathi.  Ngoba kuyobe siyazihlaza futhi kodwa uMnyango lo  wakwa-Works  uzama ukuthi uqinise abantu abaqeqeshwayo abazothi benyuka banyuke benolwazi lwalomsebenzi.  Kukhona izinto ezingeke zenziwe nje nawubani.  Uma ngingathatha uCele nje ngithi akayoba  u-Director  lapha kungavela inkinga.  [UHLEKO]
[ikhasi 68 umugqa 13- ikhasi 69 umugqa 22]

REV C J MTETWA:  Ukhulumile la ilunga elihloniphekile la uCele wabeka nezinto ezenzekayo laphaya ngale ogwini.  Izinto ezinhle ukuveza lezozinto noma kuye kungihluphe ukuthi ilunga  uHulumende  ngoba inina  uHulumende  uma umuntu ebona into ayigcine ayigcinele ukuthi kuyoze kufike  iPhalamende  ngiyoshaya uNgqongqoshe angezi kuNgqongqoshe ukuthi laphaya kuye ngabe sesaya noCele sayoyihlola leyonto.  Ngoba ubeyigcinile elindele ukuthi uyogadla ngayo namhlanje.
[ikhasi  69 umugqa 26-32]

REV C J MTETWA:  Nalokho ngiyakubonga mina ngoba ugalele khona ngizibamba zonke nomangabe ugadla ngayiphi ngizoyemukela.  Ayikho engingayenqena ukuthi awu! ugadle kabi lo uma usho into ekhona ileyonto efunekayo.

Ngifisa ukusho ukuthi Mphathisihlalo neNdlu ehloniphekile ngithokoze kakhulu cishe ukuthi kumavoti onke amaningi  ivoti  abacishe impela indlu bakhuluma ngomnyango ngqo ukuthi bebethini ngawo kodwa bebekhuluma ngawo.
[ikhasi 69 umugqa 36- ikhasi 70 umugqa 8]

REV C J MTETWA:  Cha uDingila ubekhuluma ngawo, kungenzeka ukuthi ungamuzwa ngoba mdadlanyana kunawe.  Manje iminyaka ibuye ikhulume kungenzeka ukuthi awumuzwa ukuthi uthini ungenaphi emnyangweni uma ekhuluma loluyalimi, olujwayele nje uzobuye ulithole unagahlupheki kakhulu.

Awu, Sihlalo neNdlu ehloniphekile angibonge emalungeni.  Okuyimibuzo konke kuzophenduleka endleleni ngoba sisendleleni sonke siyihamba sonke uma kodwa siyihamba sonke.  Uma siqubelene futhi siyovukelana lapha esikhotheni.  Ngiyabonga Mphathisihlalo.
[ikhasi 70 umugqa 12-23]

MNU J D MKHWANAZI: Ngiyabonga Mama Sihlalo, ngiyethemba ukuthi ngalamaminishana amabili ngizokwazi ukubani ngibeke nami induku ebandla.

Eyonanto Mama Somlomo, angiqale ngokuthi  ngiyasisaphotha  isicelo  sika-Minister  ukuthi athole  lemali  ayephambili  nge-RDP .   I-RDP   became a buzz word  wonke umuntu wayekhuluma  nge-RDP .
[ikhasi 101 umugqa 38- ikhasi 102 umugqa 6]

[isikhulumi?] ukuthi ungayi kothenga laphaya  lesisitolo  sibi ngoba sipha ukudla laba nalaba.  Mina ngibona ukuthi-ke Mama Sihlalo  u-Minister  akake azame ngoba bona abantu bayakhala  And  ngiyezwa ukuthi imihlangano iyabanjwa.  Ngiyezwa nasemsakazweni  but is not enough ukuzwa ama-promises  emsakazweni into efunakala siyibone, ukuyibona ngamehlo ukuthi nali  ibhizinisi  likasibanibani.

Bengixoxelwa elinye ilunga elihloniphekile lapha ukuthi enye indoda...
[ikhasi 102 umugqa 13-21]

MNU J D MKHWANAZI:  Awu!  Enye indoda yafelwa  ibhizinisi  yalo akazi ukuthi unkosikazi nabantwana badlani, ilokhu kuphela  Minister  ebengikucela ukuthi akekubonakale.  Ngiyabonga.
[ikhasi 102 umugqa 25-28]

 Cov 798:

 ISESHINI  YESIHLANU


UMHLANGANO WESIBILI	:	 OJWAYELEKILE	 : NDASA 1998 - NHLANGULANA 1998



UMQULU 7


 Cov 898:

 ISESHINI  YESIHLANU

IMIHLANGANO KUSUKA:		OJWAYELEKILE:	20 KUNTULIKAZI, 13
KOWESITHATHU KUYA					KUNCWABA, 30 KUMANDULO,
KOWESISHIYAGALOMBILI				6 KUMFUMFU, 10 KULWEZI KANYE NO 2 KUZIBANDLELA 1998


UMQULU 8
 Vol 898:

MNU J D MKHWANAZI:  MNU Isikhulumi,  on behalf of the PAC   And  on my own personal behalf, I concur with all the sentiments that have been expressed . Baba Somlomo, kuhlale kuthiwa akwehlanga lungehlanga, lokhu kwehle okungakaze kwehle  kule-Province  ukuthi silahlekelwe ilunga  lePhalamende  isihlalo salo  sibe-empty  laphaya ngoba sibulewe zigebengu.

Baba Somlomo, thina  be-PAC  sithi  uHulumeni  omkhulu,  noHulumeni   we-Province  akame ngezinyawo abone ukuthi kwenziwani ngalezizehlo zokuba kuye ngoba akekho  o-safe  nathi uqobo lwethu.  Sifisela umuzi wakhe  ne-ANC  ukuthi balale ngenxeba, siyobakhona  kwi-memorial   services .  Thank you .
[ikhasi 3 umugqa 38- ikhasi 4 umugqa 10]

MRS N C MKHIZE: ( WHIP ):  Somlomo Baba, udaba lokuvikeleka kwamalungelo amasiko, izinkolo, nezilimi zemiphakathi udaba olusemqoka kakhulu.  Okungijabulisayo ukuthi ulilethe la kesizokhuluma ngalo. 

Okokuqala nje ngingakusho ukuthi asikho isizwe esingema, sihlonipheke, sithuthuke, uma amasiko aso eshiyeke eceleni.  Ngikhuluma ke ngingomunye oyilesosizwe esizithole sinamasiko nezinkolo zalo ezidicikelele phansi encindezelweni esibenayo kusukela lapha sinqotshwa khona ezimpini.

 AN HON MEMBER :  Lena  ka-ANC . [UHLEKO]

MRS N C MKHIZE: ( WHIP ):  Somlomo Baba, inkolo nje le ukwethulwa kwayo phakathi kwethu kwaba sengathi izinkolelo zethu ebezihambisana namasiko ethu sihambisana noBuntu kithi ziyihlazo, ziyichilo, ziyizono.

Indlela njengoba ingikhumbuza nje Inkosi ehloniphekile ukuthi kukhona negama lokuthi anofutha inyongo, ngempela izinto zethu lezo okungafuneki sibalekelane nazo.  Inkolo ifike yasiyekisa nezindlela esasikhulisa ngazo intsha yethu, kubekhona imfundiso ehambisana nesiko lokuziphatha.

Kuze kwathi ukudlulela lapho wathola manjena inkolo eyisithi asishiye nje impela lokhu okungumgogodla wethu ozwa kukhulunywa ngakho ukuthi uma ukholiwe awukwazi ukuyohlabela abakini abalele.  Lento iya iqhubeka kwanda  lezonkolo  ezisho njalo ngithi mina Somlomo Baba, neNdlu yonke fanele sikubhekisise lokho ngoba singeke sibeBantu nxa sizokushiya izinto zethu eziyizona ngempela ziwukuphila kwethu, nokufa kwethu.

Manjena seyilethiwe lento yenkolo, ngiyayijabulela ukuthi ngisho yakithi la ngikhona sebebuya bayakubona njalo ukuthi ayi akuke kubuye ukuthi ukwazi ukufaka isidwaba sakho ungene esontweni, ukwazi ukushaya isicholo sakho ufake ibheshu lakho ungene enkonzweni ngoba uyokhuluma noNkulunkulu uMninimandla onke owakudala ungembhethe.  Elindele ukuthi lokhu okholwa ukuthi kufanele ukwembathe, ukwembathe uma uyokhonza yena.

Ngisho lokhu izilimi Somlomo Baba, sesithe ngoba Nkosi yami kufike lokhu okuqhamuka eNtshonalanga savitiza savitiza kodwa indlela okwafakwa ngayo phela bakwethu kwabonakala ukuthi uma ukukhuluma ngolimi lakwenu uyihlazo.  Usukuthi uma uthi uyalalela umuntu ekhuluma umbone esefaka esethi phecelezi ukuze kuzwakale ukuthi waya  esikoleni . Elazi igama okufanele alisebenzise kodwa alishiye ngoba esefuna ukuthi akafake lolu alitshelekile ulimi.  Kanti bakwethu into yethu yinhle iphelele, yinhle ingeyethu.

Asikufundise lokhu ngoba sizawutholakala ngisho nesizukulwane sethu sesilahlekile silahlwa yithi sinomfowethu uNdosi le ngaphesheya...

MNU B H CELE:  Ayi uSifiso umngani wami. [UHLEKO]  

MRS N C MKHIZE: ( WHIP ):  Ngisho ukudla esikudlayo isimo impela sokuthi uma ushiyiswe amasiko akho uze ubone engathi kuhle uthose ufake amafutha, bonke okalakateni lezizinto lezi ezizokusiphathisa nazozonke izifo.  Nangu  uDokotela  wakithi laphana uyangibheka lapha kuye ezifika nezifo, usefile  imali  iphelile kufanele alaphe abantu ngendaba yokuthi abantu babedla izigwamba, bedla izijingi, bebuyisa amadumbe bedla abantu bebephila benemizimba eqinile.  Awu woh! ukushiya izinto zenu bafowethu asibuyele ekhaya.

Manjeke ngisho nje inhlonipho asithi sizifaka lezizinto zokuthi abantu banamalungelo kodwa inhlonipho yona ingapheli.  Ngoba inhlonipho iyona ezosakhela ngisho izingane lezi ezethu esingafuni ukuthi zenze okungalungile.  Manje kwanda ngisho nalaba abahlukumeza izingane isukaphi lento ngibona sengathi kulahleke kithi sashiya ukufundisa abantwana bethu kwase kwakheka isizukulwane esingaphilile.

Lendaba asibuye impela kuyo Somlomo, wenze kahle ukuthi akesizoyikhuluma lendaba.  Ngoba ngisho ukunakekelana njengemindeni kuyadingeka bakwethu ngoba kuhamba nesiko lobuntu.  Njengoba nami uma sengiganile lapha kwaMkhize sekufanele ngihlale nomyeni wami, ngihlale nezingane zami kukhona izintandane okufanele ngizibheke, sekwande nezifo ezifike zishaye abazali bonke zishiye izintandane.

Kufanele libuye lelosiko lethu lokuthi uma wena unakho lokhu onakho philisa laba abanye ikakhulukazi laba abaligazi lakho kungabi ukuthi wena unakho konke bona abanakho ngisho okuncane.

Bakwethu okuye kubebuhlungu ukuthi njengoba besengike ngasho ukuthi izinto zethu sithi uma sesizilahla kusale ubunzima.  Ngikhulumile ngezifo, ngizokhuluma futhi uma sebesishiyisile lezinto zethu zamasiko okubheka ngisho abantwana bethu ukuthi sibahlole ngisho amantombazane amatshitshana ethu lawa sesizithola manje sesigijimela ezintweni ezilikhuni kakhulu.  Ngoba njengamanje siwuphasisile umthetho wokuthi akuhushulwe izisu.  Lomthetho lona uma uwubhekisisa kahle.

MRS N C MKHIZE: ( WHIP ):  Somlomo Baba, angiyishiyeke lendaba kodwa yona inzima kakhulu ngoba lezizingane lezi ezisuku sezifelwe zigezwa ubani? Lezingane ezifayo zilandwa ubani?  Isiko manje  lizokwenzeka kanjani.  Awu! bakwethu okulukhuni kakhulu ukuthi sithe sesithi sizoba  noHulumeni  wethu oMnyama ahambise kahle izinto zethu namasiko ethu simthola naye esefuna ukuwacekela phansi ngoba phela manje elwa neNdlu yobuKhosi.  Usemise isho imithetho lapha ecekela phansi Amakhosi okuyiwona ayizisekelo zokuhambisa aqondise usiko lethu.

Manje sengiphetha Somlomo, ngithi mina asibuyele kahle ezintweni zethu, silungise izinto zethu sikubheke lokhu  kwepolitiki  kuyohamba kuphele kodwa kufanele kusale  ubuthina , kusale izinto zethu ezingamagugu.  Mazihlonishwe izisekelo zamasiko ethu, mazihlonishwe izilimi zemiphakathi, mayihlonishwe Indlu yobuKhosi, mazihlonishwe zonke izinkolo ngaphandle kwenkolo  kaSathane . Ngiyabonga Somlomo.
[ikhasi 30 umugqa 7- ikhasi 33 umugqa 5]

INKOSI Z M MLABA:  Baba Somlomo, Usomqulu weNkululeko, i-Freedom   Charter  ikubeka ngokusobala ngaphansi kwesihloko esithi; "Zonke izinhlanga ezweni lonke ziyoba namalungelo afanayo".  Kukhona izihlokwana ezingaphansi kwalesihloko ezibalulekile engizozisho;

	1	Bonke abantu bayokuba namalungelo alinganayo, ukusebenzisa ulimi babo kanye nokwakha nokuqinisa amasiko abo.

Esinye sithi;

	2.	Zonke izinhlanga ziyokuvikelwa umthetho uma ubuzwe babo buthukwa, noma bucekelwa phansi.  Uphinde uthi bayobekwa icala abaqakambisa ubuzwe kanye nebala kungadingekile.

Ukubakhona  kwaleKhomishini  kuzosho ukwakhiwa kwezwe, zonke  izinhlanga zalelizwe zizokwazi manje ukuba zibenesiqiniseko sokuthi ubuzwe, nemikhuba, namasiko, nezinkolo, ziyovikeleka kuphela nje uma zakha izwe njengoba  i-Freedom   Charter  ibeka.

Umdali owasidala Somlomo, wasihlukanisa ebuzweni bethu ngezilimi, ngamasiko, nangezinkolo, konke lokhukudalwa ngokuhlukana, akufanele bese kusetshenziselwa ukwenza izwe lingabuseki, futhi lingakheki abantu baqala ukubeka ubuzwe ngaphambili kokubheka zinto ezibalulekile ezakha izizwe.

 LeKhomishini  sethemba ukuthi izokulwa kakhulu nokusebenziseka kabi kwamasiko nobuzwe kwezombusazwe.  Lento embi kangaka yokusebenzisa amasiko budedengu, nobuzwe, kanye nolimi lapho kungadingekile khona akulakhi nezwe izwe futhi kuyalibhidliza.   uHulumeni   ka-Shepstone  siyohlala simbeka icala njalo ngokusebenzisa imvelo ekubuseni lelizwe, nokuhlela lelilizwe ngokusebenzisa indlela esidalwe ngayo.

 uHulumeni   wamaNeshinali  wenza umonakalo omkhulu wokuhlukanisa abantu ngendlela abadalwe ngayo, nangobuhlanga, nangezilimi, nangokwakha  amaBantustan  okwenza ukuba lelizwe lisalele emuva kakhulu.   LeBantustan  engikhuluma ngayo inhloso yayo kwakuliqhinga nje lokubusa lelilizwe ngobandlululo esikwaziyo sonke lokho.

 uHulumeni  wethu wabobonke abantu kulelizwe unomsebenzi onzima kakhulu ulungiswe umonakalo owadalwa ukusebenziseka kabi  kwe-Culture  yempilo yethu.

Akekho ongaphika namhlanje Baba Somlomo, ukuthi  uHulumeni   wamaNeshinali  uyena owenza ukuba abantu bakulelizwe bagcine sebelwa bodwa ngobuhlanga uma bengaboni ngeso elithize emzabalazweni bese bethi yimpi "Yomnyama noMnyama".  Indlela elisebenziseke ngayo isikompilo licishe lahudulela lelizwe empini yomkhaya  i-"Civil War ".

Ziningi izidumbu ezilale phansi ngokufaka ubuzwe emzabalazweni.  Siyibonile lempi eziqhayisa ngobuzwe ukuthi iyenzeka laphaya  eGoli  namaphethelo lapho kwakulwa khona izinhlanga ezahlukene.

Sinazo izinkinga ezindaweni ezisemakhaya Baba Somlomo, lapha kusenemibango edalwa usebenziswa kabi nangokuhlukana  ngezinkolelo  lapho kugcina kunezimpi ezishiya abantu befile.

LoMkhandlu ozokwakhiwa Baba Somlomo, uzoba nomsebenzi obalulekile kakhulu nonzima ukwenza ukulungisa amaphutha adalwa ukuhlukana ngobuhlanga, ulimi, amasiko, kanye nenkolo.  Sikholelwa ekutheni uma ingasebenza ivimbe zonke izinto ezingebona ubulungiswa ezisetshenziswa ezinhlosweni ezimbi ezibulala lelizwe.

Siyakhuthaza ukuba abantu balelizwe Baba Somlomo, njengoba bekhuthazwa  u-section  185 no 186 kuMthethosisekelo walelizwe lapho ikubeka kucace ukuthi akukhuthazwe futhi kwakhiwe uxolo, ubungane, ubuntu, ukubekezelelana kanye nokubumbana.  Imicimbi eyenziwa izinhlanga ezahlukene kulelizwe kufanele mayenziwe ukuze kugcineke ubunjalo bethu.  Kuhlanganise abantu bazwane ekugcineni kwakheke uxolo olungunaphakade khona izwi leningi  i-democracy  liyothatha indawo yalo.

Baba Somlomo, sifisa sengathi  leKhomishini  ingenzeka masinyane ngoba ziningi izinkinga esizobhekana nazo ngoba izinto eziningi  zepolikiti  zisuke zigaxele kakhulu, bese kuzwe kulwe abantu kungafanele ukuthi kuliwe njengoba sibona nje kuyaliwa nodlame silibona sengathi liyavukavuka kuhle lezinto zamasiko sisheshe sizivikele sazi ukuthi sisetshenziswa ngayiphi indlela.  Ngiyabonga Baba Somlomo.
[ikhasi 33 umugqa 9- ikhasi 35 umugqa 16]

MNU M M MACKENZIE:  Baba Somlomo, Madlule, Nyanda yePhahla, namalunga onke ahlonishwayo angaphesheya nanganeno kodwa ikakhulukazi lona osanda kufika abathi; "Umalandela wezimbiza eziconsayo".  Ngiyakwemukela mfowethu.  [UHLEKO]
[ikhasi  35 umugqa 28-32]

MRS A MCHUNU:  Baba Somlomo, neNdlu yakho kuzothokozisa kakhulu ukuba sihlangane sakhane sodwa njengabantu ngoba umangabe sizokhuluma ngokwakha izwe kufuneka sizibuke thina kuqala ukuthi sinakho yini ukuba sibe isibonele kubantu, ukuba sikhulume ngalento lena.

Uma sikhuluma ngokwakha izwe sizobuka ingane nje isizalwa yakhiwa ngothando eyenza ukuthi ingane ikhululele emzini ophilayo onabazali abayithandayo abaphilayo.  Namhlanje sikhuluma ngokuthi izwe alibuseki ngoba kukhona izingane ezigcwele umgwaqo, sekunezingane ezingababulali, okuyekuthi uma ifunwa kutholakale ukuthi ayaziwa nokuthi eyakabani.  Manje lokukuba nezingane ezingazaleki kahle emakhaya yikho lokhu okuzosenza ukuba singabi nezwe elakheka kahle.

Izwe uma lizokwakhiwa ngothando kusho ukuthi kuhle kubekhona imfundiso ekahle ekhaya yokukhulisa izingane.  Akesibuyeleni manje okwakukuhle kwamasiko ethu, ilowo nalowo la kade enento ekade iphatheka ekhaya ebeyokukhulisa ingane.  Asisho ukuthi izingane azinamalungelo thina ngokwesiZulu ingane ibivele inelungelo layo izalwa nje.

Ibithi uma izalwa ithakazelwe ngesibongo sakubo iqatshulwe kuze ogogo bayishunqisele yonke into imphepho yamukelwe itholwe kwabangasekho.  Manjena ke Baba Somlomo, ngeNdlu yakho, uma thina singabazali izingane zethu zikezukukhumbula ukuthi zifuna ukukhuliswa ngenhlonipho sivuka ekuseni  ngo-08H00  sishaye  imoto  siqonde emsebenzini, siqonde  emaPhalamende  bese konakala ngemuva sizokhala ngokuthi lelizwe esithi siliphethe aliphathekile kahle.

Thina sinomsebenzi omkhulu kabi wokuqondisa manje ngoba kusenesikhathi izinto zonakele nathi siklewula sikhala ezintabeni singaphethwe kahle.  Izangane zabukela kithina ukuthi kukhona okungalungile ezweni nazo zagcina sezikhala kanye nathi, sagcina sesincoma izingane sithi izingane zikwazi ukwenza kangcono kunathi esibadala, izingane izona esezibuyisa izwe.  Kanti ingane inendawo yayo nabantu abadala futhi banezindawo zabo.

Kufanele sazi ukuthi lapha ekhaya uma izingane sizozikhulisa wonke umuntu unendawo yakhe.  UBaba unendawo yakhe uyikhanda lapha ekhaya, uBaba akaqonde athi ngqo njengomkhonto.  Awukwazi ukuthi uphethe umndeni ozoba ingxenye yesizwe kube uwena ofika  ngo-11H00  ebusuku ungazi ukuthi zona izinkomo othi unazo zingeniswe ubani.  Ungazu ukuthi izingane zakho zilele noma embhedeni noma zele komagida sibhekane ziyibhemela insangu, ziziphuzela utshwala.

UBaba kufanele lishone ilanga esekhaya abone ukuthi kwenzekani. Umama unikezwa indawo yakhe ekhaya, uMama uyena obheka ukuthi uMthethosisekelo wasekhaya uhamba ngokuyikho yini.  Uma sifuna ukubona ukuthi uMthetho uyashawa yini ekhaya uMama akanikezwe indawo yakhe yokuba ahole ekhaya.

Asize singabangisana noBaba, asibangisani futhi namuntu kodwa iqiniso lokuthi uMthethosisekelo wasekhaya uMama akabheke ukuthi kuhanjiswa ngendlela okuyiyona yona yini.

Cha ngeke sikhulume ngomalala ehlathini sithi uma sila sithi kwenzekani.  Umthetho owushayile usebenza noma ungekho endlini ngalesosikhathi.  Ngakho ngeke siyikhulume indaba yabantu mhlawumbe asebabhunguka sethatha okunye.  Umama ekhona ekhaya ehlonipha, uBaba ehlonipha izingane zakhe ezithakazela lapha ekhaya, izingane zibukela kuyena ukuthi oh, kuyahlonishwa layikhaya.

Namhlanje sesinezinge ezivele zibize uyise ngegama noma ithi yini yona uBaba isidakwa lesi nani ngoba izingane zithathela kunina ukuthi kukhulunywa kanjani.  Inhlonipho bakwethu siyayidinga uma sifuna ukulakha lelizwe.

Asincengi muntu thina lana  e-Afrika  ngoba siyazi ukuthi uNkulunkulu wayengalenzanga iphutha lokuthi asibeke lana  e-Afrika . Sinendlela yethu yenqubo okufanele siyimele, angazi ukuthi yini lena eyenza ukuba sincothoze ngesinako nokuthi sihambe sinkashela ngempela kwezinye izindawo.

Yebo siyavuma ukuthi uma kuhleziwe endaweni siyacobelela kwezinye izizwe kuhle lokho, sikulahle okunye esikubona ukuthi akusisi ndawo.  Kodwa ake siyekeni ukuncothoza silokhu satsheleka izinto esingazazi ukuthi ngempela zathi zibakhona zazisukele kuphi nendawo.

Manje ukwakheka komndeni onenhlonipho, ohloniphanayo iwona ozoba isisekelo emphakathini ohloniphanayo nothandanayo.  Akuzange ngempela kuke kwenzeke emphakathini ophilayo ukuthi umakhelwane abulawele ingane, noma abulawele uyise wengane, noma kushe umuzi ushiswa omakhelwane.

Ngoba uma kukhona umakhelwane okhalayo kuphuma wonke umphakathi uyobheka ukuthi kwenzakalani sekungene izigebengu yini emphakathini eniwuhlalele yini na?

Akesiphindeleni emakhaya siyishumayele lendaba.  NaleKhomishane  eyenziwayo ibhekeleke ukuthi ubuntu buyabuyiselwa emakhaya, imindeni ukuze ithandane, yonke into siyenze ngokuhloniphana nangothando.

Izwe lonake elakhiwele ilemipha  nalamakhaya  lelizwe lifuna abaholi, abaholi abayisibani, abaholi abantu ababukela kubona.  Ngoba umholi ukhuluma ngakwenzayo engakawuvuli ngisho umlomo eqhamuka nje uzwe abantu bethi nangu usibani bani, oh usibani bani lona owukuthi ungakawuvuli ngisho umlomo wakho.

Ngakhoke ake sithi kulelizwe lethu siyibhale  leKhomishane  ngoba into ebhalwe phansi ephepheni kubantu abangafundile njena alisho lutho  iphepha . Kodwa abantu njengabantu besiZulu nje babuka wena izinyawo zakho ukuthi zihamba kanjani, uthi uyaphambili zona zibe zibheke emuva yini noma zihambisa okwenkalankala.

Abantu kumele balandele abaholi umangabe behambisa okwenkalankala noma bakekele njengenkalankala.  Ake sibe abaholi abazophilisa lelizwe ukuze liphatheke kahle, ukuthi imithetho esiyishayayo ngisho umthetho wesisekelo esiwubhalile uyoba into uma thina uqobo siyizibonelo.

Umthethosisekelo awusho lutho umangabe ungezukusetshenziswa ngoba uyinto nje ebhalwe  ebhukwini  into ongase uyijikijele lapha eziko ishiswe umlilo. Umthethosisekelo obhalwe kubantu ezinhliziyweni zabo awusuki ngoba uwufunda laphayana umthetho kumuntu ehamba.  Thina sibe izincwadi ezibhaliweyo, ezivulekileyo, ezifundekayo.

Izolunga  leKhomishana  esithi ayibe khona ukuthi thina sibe izincwadi ezivulekile.  Sithike bahlobo bami abahle, amalunga onke ahloniphekile alapha eNdlini, Baba Somlomo,  o-comrade  bonke abakhona lana  KwaZulu-Natali  sinabaholi abayizigaba ezahlukene sibahlonipha bonke.  Kodwa ikhona lemphushana yendelelo esiyibona ikhona esiyaziyo ukuthi yavela ngemithetho eyayiqhamuka kwezinye izindawo.

 HON MEMBERS :  Ziphi zona?  

MRS A MCHUNU:  Ngixolise, edelela ubuKhosi bethu.  Uyabona lokukuzibukela phansi wena uqobo lwakho abantu bake bahlale bahlale bese bekubukisisa ukuthi hawu! kodwa silandela okuyikona kona yini uma silandela umuntu ozidelela yena.

Ngoba ubuKhosi lobu obethu uma ubudelela, ubudelela ngoba uzidelela wena uqobo.  Ngako ke makungasikhalisi ngelinye ilanga sesibona sesihambe sashiya abalandeli bethu, babuye bazibuze ukuthi hayi sengathi siyehlathini la lenqola esihamba ngayo ayihambi ngokuyikho.

Ngakhoke izwe elikhona esithi alakhiwe elinezigaba ezahlukene kukhona izwe elinengxenye  esemadolobheni  eliphethwe  o-Mayor , kukhona izwe eliphethwe Amakhosi elifuna inhlonipho yakhona.  Akungashiwo ukuthi indawo yaMakhosi ibe inamagama athe phecelezi ngoba ngike ngithi mina umuntu osabiza indawo yaMakhosi ngamagamana athe phecelezi unenkinga kwayena.

MRS A MCHUNU:  Yena uqobo umuntu unenkinga usafuna ukuthi ayoke athi ukucangcwathwa kwezinye izindawo mhlawumbe ake aye la laba abafunda ingqondo okuthiwa  ama-Psychologist  kebake bayombuyisa ukuthi hayi waba kakhulu nobandlululo nawe wazibandlulula manje awubuyele ekhaya kukhona emakhaya eMakhosini.  Baba Somlomo, neNdlu yakho ngiyathokoza.
[ikhasi 38 umugqa 33- ikhasi 42 umugqa 31]

MNU J D MKHWANAZI:  Ngiyayikhuthaza ukuwusekela  kwaleKhomishini . Kuyadabukisa ukuthi abazali bamanye  ama-Afrika  la abazange bafundiswe isiZulu noma  isiSuthu  lapho behlala khona ngaphandle kukaBaba  u-Meer .

Kuyihlazo ukuthi abanye ngiye ngibabone impela ukuthi baphatheka kabi bese bethi  oh I blame my parents . Vele kwenzeka kabi ukuthi bangafundiswa abantwana bokuzalwa kulelizwe ukuthi bakhulume ulimi olukhulunywa kulelizwe.   I thank you .
[ikhasi 44 umugqa 29-37]

MNU W U NEL:  Umhlonishwa Inkosi Mdletshe usikhumbuze ngalento eyenzeke lapha phakathi kwethu ukushona koMhlonishwa uMnumzane Bheki Mthembu.  Kubuhlungu kabi ukubona ukuthi ukuhlonipha okwakukhona ngesikhathi esiphambili kucishwe ngalendlela esikubonayo lapha phakathi kwethu.

UMhlonishwa uMntwana  u-V T  Zulu naye ukhulume ngokuxabana kwaBantwana baseNdlini enkulu wathi umakushaywana uthi omunye komunye Ndabezitha uyangidelela ngizokushaya kodwa bangazondani.  Manje kwenzeka kanjani ukuthi konke lokho kulahleke.

Kuhle kabi ukuthi sisebenze ngokubumba izwe elihlangene.  Kuhle futhi sikhulume ngokuhlonipha njengoba besikhuluma namhlanje, ukuhlonipha kwezinto ezihlukene kuyafuneka lokho.

Kodwa sekungene ushevu kulento esiyakhayo, ushevu obulala lento esizimisele ukuyenza la ubugebengu lokho.  
[ikhasi 56 umugqa 24- ikhasi 57 umugqa 3]

MNU M J MTHIYANE:  Somlomo, nami ngizwakalisa ubuhlungu nokukhala ukushiywa umfowethu ohloniphekile uMnumzane Mthembu ngodlame, engagulanga, engenzekanga okunye kodwa abulawe ngaleyandlela abulawa ngayo.

Ngibuka lapha Baba Somlomo, neNdlu yakho ukuthi bonke sebekhulumile bakhuluma ukuthi udlame luqale phansi lapha eSifundeni.  Kunezindawo ezibonakala ukuthi engathi aluzukucisha ngokushesha.

Uma ubheka lukhona lapha koDududu udlame, uma ubheka lukhona eLindelani.  Kodwa kunayo imizamo mhlawumbe ekhombisayo lapha eLindelani ukuthi ukuxoxa okukhona kungase kwenze ukuthi kuluthobe lwehle lugcine luphelile. 

Uma ungase ubheke lapha  ko-Richmond  uthatha bese udideka, luyadida udlame  lwase-Richmond  noma kukhona isisho esithi;  "Okwehlula amadoda kuyabikwa".  Ngibonile kuyobikwa nakuMongameli, uMongameli wathi cha uzoluqeda udlame yena ngakwakhe yedwa nje.

Kanti wayesithembisa izigxobo zikagesi ezikhanyisayo ukuthi izigxobo zizoqeda udlame.  Alupheli udlame noma sezikhona izigxobo lezi zikagesi.  Okunye esikubonayo lapho kubuyiswe  amaphoyisa  inqwaba. Mina ngokubona kwami Somlomo neNdlu yakho.

 AN HON MEMBER :  AKUZWAKALI. Ayahamba khona namhlanje.  

MNU M J MTHIYANE:  Ayahamba  amaphoyisa ?  

 AN HON MEMBER :  AKUZWAKALI  

MNU M J MTHIYANE:  Mina ngokubona kwami Somlomo, udlame mhlawumbe lapha  e-Richmond  ngilubuka luphakathi komphakathi wakhona.  Kuxabene abantu abazanayo, kulwa abantu abazanayo, kubulalana abantu abazanayo.

Manje uma uthi uyabheka ukuthi ungalanda  amaphoyisa   ePitoli  ukuzohlukanisa abantu abazanayo, bazana nangobuqili babo ukuthi uma omunye enze nje umvimba kanje.  Njengabadlali bebhola sebekwazi ukumakana.

Udlame olulapha kulwa inkunzi neduna uma ubheka nje.  Kodwa manje sekuyinkinga ukuthi azilamuleki noma kuyinkunzi enye seyixakekile, neduna selixakekile.

Ngithi mina Somlomo, mhlawumbe umangase kubekhona ukusondelana, nokuxoxa.  I-ANC   ne UDM  abasondelane baxoxe lapha  e-Richmond . Mhlawumbe uma sebexoxa bayothobelana ngemiphefumulo nangezingqondo baphume batshele abalandeli babo ukuthi akusizi ukuba babulalane ngesibhamu.

Yebo sekuphakanyiswe kakhulu ukuthi kukhona lento ebizwa ngokuthi  i-third force . Yebo  i-third force   ayivese  isukele nje abantu bengalwi ingena ngoba ithole inxeba nayo  i-third force  leyo ukuze ishaye ngapha, ishaye ngapha izindlovu ezimbili bese zisala zidubulana, noma zisale zingqubuzane.

Kodwa uma lababantu umangase baxoxe zingabi lukhuni izinhliziyo ukuba baxoxe mhlawumbe kungehla lokhu kubulawa kwabantu abangaka.  Lababantu abangavumi ukuxoxa abanayo imizwa yalemindeni ebhuqabhuqekayo.  Futhi kubhuqabhuqeka abantu abangazi lutho, abangekho  nakwipolitiki .

Mina ngiyanxusa phakathi kwaleNdlu Somlomo, njengoba kade esho amanye amalunga ahloniphekile ukuthi izinhlangano zonke nezingathintekile azihlangane zishumayele umoya wokuthi  i-ANC   ne UDM  abahlangane bakhulume njengoba nathi salwa thina  ANC   ne IFP .  Kodwa ekugcineni kwafika lapha sihlala khona phansi sikhuluma kubekhona abangapha nabangapha bayixoxa lendaba.

Manje nakhona ayixoxwe ngoba phela uNkabinde usekhona iqembu lakhe selikhona.  Lizoba khona nasokhethweni akungabi ngoba ephume layikhaya kwenye ingxenye bese kungabe kusaxoxwa naye.

Sithi thina ukukhuluma okuqeda udlame akulona iphoyisa elingaqeda udlame.   Iphoyisa  liyabopha liyiseMantshini kodwa umuntu nomuntu uyaxoxa kufike lapho bethelelana khona amanzi.  Siyakhala.

ISIKHULUMI: Ilunga elihloniphekile ngaseliqeda.  .

MNU M J MTHIYANE:  Siyakhala Baba Somlomo, siyanxusa ukuthi abafowethu abangaphesheya mhlawumbe kufike nayi intshebe emhlophe izobadonsa bahambe bayokhuluma ngaphesheya ukuze kubekhona uxolo.  Kodwa umthandi webhodwe eliconsayo mhlawumbe uzokwenza lokho.  [UHLEKO]
[ikhasi  57 umugqa 26- ikhasi 60 umugqa 5]

MNU T D NTOMBELA: ( Deputy   Chief   WHIP ):  Angibonge Baba Somlomo, neNdlu yakho ehloniphekile.  Okokuqala nje angibonge iqembu  le-IFP  elinokukhulu ukubekezela, nokulandela ukuthula eyakusho kudala ukuthi ihambisana nokuthula.

Ngibonge ukuthi akekho ongazi ukuthi  u-Felgate  njengoba ehlezi lapha nje uphuma ngala  kwi-IFP . Alukho uchuku oseke lwenzeka lususwa  i-IFP  ngoba  u-Felgate  eshiye  i-IFP  waya  kwi-ANC . Ngiyakubonga lokho nina  be-IFP .

Baba Somlomo, kuyaziwa ukuthi kuyinto eyaziwayo ukuthi njengoba sihlangene la nje kunabantu abaningi abalahlekelwe imizi yabo, abangenazindlu abahlala emahlathini ngenxa yaloludlame olukhona.

Sihlangene lapha nje Baba Somlomo, kunabantu abaningi abasagcwele emakhazeni, ezibhedlela angabe abanye babo sihlezi nabo la, abanye ngabe bahlezi emzini yabo kodwa ngenxa yodlame bagcwele emakhazeni abakangcwatshwa nokungcwatshwa.

Ngizothanda ukugxila kakhulu Baba Somlomo, endaweni  yase-Richmond  okuyiyo eyadonsa amehlo omhlaba wonke jikelele.  Angisho ukuthi izindawo ezinjengoMdumezulu, noDududu, noLindelani, neZingolweni, nakwezinye izindawo abafanga abantu khona.  Yebo, bafa abantu abaningi nakhona, kodwa yenziwa imizamo yokuba kuyohlanganiswa imiphakathi leyo ethintekayo.

Inkosi uNgubane yenze yonke imizamo yokuya kulezindawo esengizibalile izama ukuyohlanganisa lezonhlangano ezingaboni ngasolinye.  ELindelani njengoba sikhuluma nje Inkosi iqhamuka khona, uMhlonishwa uNgubane eyozama khona ukuyohlanganisa laba abathintekayo.  Yenziwa ileliqembu  le-IFP  ukuba iyodala ukuthula kulezondawo.

EMdumezulu yenziwa nakhona imihlangano yokuhlanganisa umphakathi wakhona.  NaseDududu kwenziwa okufanayo.  Okufike kube inkinga kakhulu Baba Somlomo, ukuthi uma ukhuluma ngendaba  yase-Richmond  uma kuthiwa akuyohlanganiswa umphakathi lo olwayo osukhiphe imiphefumulo eminingi, okuyinhlangano  ye-ANC ,  i-UDM  - Uma umholi waleNdlu, ophathiswa  ubu-SAFETY   AND   Security  lifuna ukuthi kuhanjwe kuyohlanganiswa izinhlangano lezi ezithintekayo,  i-ANC  ifake izinzipho zokhozi phansi ithi ayifuni ukuxoxa  ne-UDM .

Kuyindaba enombuzo Baba Somlomo, okudinga ukuthi iphendulwe inoma imuphi umuntu onobuciko ukuthi asho ukuthi ubani lomuntu obulala abantu  e-Richmond . Kufuneka kuphenduleke ukuthi uma uthi awufuni ukuxoxisana uyazi yini ukuthi lababantu abafayo babulawa ubani?  Uma uthi awufuni ukuxoxisana abantu bengcwatshwa zonke izinsuku.  Ababani labantu abafayo?  Babulawa ubani labantu?

Uyafisa yini wena  Khongolose  ukuthi kuqhubeke kufe abantu  e-Richmond ?  Umbuzo lowo okudinga ukuba uphenduleke.
[ikhasi 61 umugqa 17- ikhasi 62 umugqa 32]

MNU T D NTOMBELA: ( Deputy Chief   WHIP ):  Baba Somlomo, noma sengilimele nje kodwa iqiniso kufuneka ngilisho, okufuneka ngigcine ngako ukuthi lapha eZingolweni kufe abantu,  abaKhongolose  bakusho kuzwa  amaphoyisa , kuzwa mina  David  Ntombela bethi ibona ababulele uSigoloza, kusho  abakaKhongolose .

Kwabizwa  amaphoyisa  atshelwa  amaphoyisa .  Ngifikile mina la ngamtshela uzakwethu ilunga elihloniphekile uBheki Cele, ngamtshela ukuthi akatshele labantu bakhe ukuthi abasukuthi uma belwa  ne-UDM  bese bedonsa  i-IFP  ukuthi ayingene kulolobishi.  Ngisho into engingafuni ukuthi omunye umuntu ayiphendukezele ngoba into engiyibona ibucayi into eyenziwa  ukhongolose .

Baba Somlomo, ngempela angikusho lokhu sengihlala phansi. Enkulumeni ekhulunywe uMhlonishwa uNxamalala emgcwabeni  e-Richmond  akuyona inkulumo yomholi, ohola abantu  bakaKhongolose  azothi kukhona amalunga  e-IFP  amathathu okuyiwona aphehla udlame  e-Richmond  yikho kufiwa.  UMhlonishwa uNxamalala akulona iqiniso.  Akuphelanga amasonto amabili wadutshulwa  u-Jacob  Zuma.

 HON MEMBERS :  UKUPHAZAMISA  

MNU T D NTOMBELA: ( Deputy   Chief   WHIP ):  Kwadutshulwa  u-Paulos  Vezi.  

MNU T D NTOMBELA: ( Deputy   Chief   WHIP ):  Bakwethu angikusho lokho noma ungathini inkulumo ekhulunywe emgcwabeni leyo.  Mina ngithi  ukhongolose  ngempela, ngempela akazibheke ukuthi uqonde ukuba kubekhona ukuthula yini?   ukhongolose  usafisa yini ukuthi  i-IFP  iqhubeke nezingxoxo  ne-ANC , uma  i-ANC  ingafuni ukuba nezingxoxo uma kufa abantu.

Labantu abeSilo, labantu abaPhunga noMageba.  Akufanele ukuba kubulawe abantu ngaloluhlangothi babulawe....  Ngiyathonga.

 HON MEMBERS :  UKUPHAZAMISA .

MNU T D NTOMBELA: ( Deputy   Chief   WHIP ):  Kwadutshulwa  u-Paulos  Vezi.  

ISIKHULUMI:  Ngicela ilunga elihloniphekile impela lihlale phansi ngoba nakhu sekuphele isikhathi  ama-Whips  abekunqumele sona.  Sengizocela manje uNkwali, uMkhwanazi ukubanini akhulume  iminithi  libelinye, angazi uzokwenza kanjani lokho?

MNU J D MKHWANAZI:  Baba Somlomo, ngiyakholwa ukuthi  ama-Whips  enze kahle anginika one minute ngoba anginawo amandla okuyikhuluma lendaba.  Sekukaningi lento siyikhuluma, salibeka ikhambi.  Asekhulumile  ama-Afrika , umphakathi wonke, sathi indlela yinye eya ekulungiseni abantu uma bexabene indlela yokuhlala phansi kukhulunywe.

Ngaze ngathi ngelinye ilanga ukuba kuyangami, kusangqubuzana  i-IFP   ne-ANC  ngathi ukuba kuyangami ngabe ngibavalela endlini ukudla ngikuveze  ngefasitela , ngithathe  isikhiye  ngikhwele ngiye  eNgilandi  ngize ngibizwe ngoba sekuthiwa sebelamulekile. 
Alikho elinye, ngiyawezwa wonke lamanye amakhambi alungile kodwa ikhambi elikhulu bakwethu ukuthi sithobe izinhliziyo sihlale phansi sibone ukuthi loku okudla umuzi singakulungisa kanjani sisodwa, sisonke.  Akukho okunye.  Angacikoza  ama-Afrika  ayele, ayele, kufa abantu Baba Somlomo, akufi zona i [ikhasi 63 umugqa 2- ikhasi 64 umugqa 8]

INKOSI K W MATHABA:  Mhlonishwa, cha bengifuna ukudlulisa ukuthi amaqabane amahle abonile ukuthi siyathula uma kukhulunywa ngapha angawubanga umsindo.  Sengathi bangenza njalo futhi bakhulume abanye.  Ngiyabonga.
[ikhasi 109 umugqa 39- p110 umugqa 4]

ISIKHULUMI:  Okokuqala nje ngicabanga ukuthi kusemqoka ukuba ngidlulise ukuthokoza kwami kubaphathi bokhetho.  Ngidlulise ukuthokoza kwami kumalunga omkhandlu  waKwaZulu-Natali , ngokungethemba kwawo ukuba banginikeze lomsebenzi.

Nginethemba lokuthi lelokhono enilibonile kimina ngizolisebenzisa ngokwethembeka phakathi kwenu, nangobuqotho,  ukuze kusizakale isizwe sakithi.  Ukuthi nalesishayamthetho siqhubeke sihloniphekile.

Ngiyacabanga ukuthi ukuze lomsebenzi ngiwenze uphumelele, ujabulise bonke abakhona kanjalo nabantu  baKwaZulu-Natali  ukuba ngithole ukusekelwa ilomkhandlu.

Kuthi la ngenza khona amaphutha nginethemba lokuthi nikhululekile ukuba ningibonise ngenhloso yokuba sakhe isizwe.  Ngakhoke anginawo amazwi amaningi bengingakubhekile lokhu, kepha nginethemba lokuthi lokhu eningenzele khona ngokubona mhlawumbe ikhono enginalo nokulethemba lelokhono.

Ngiyafisa ukuba njengoba ngingena ezicathulweni zomuntu omkhulu obekade ela nginethemba lokuthi izinyawo zami zizokhula usuku nosuku ukuze zifike ukuba zikwazi lezicathulo ukuba zingene kahle.

Kodwa konke lokhu ngiyokwenza ngoba ngisekelwa inina.  Ukuhloniphana kuleNdlu ikhona okusemqoka ngoba ikhona okubuyisa isithunzi saleNdlu.  Ukuze abantu babone ukuthi esikwenzayo sikwenzela isizwe ngokuzimisela nangokuzinikela kwethu.

Ngizoxolisa ukuthi ilona limi lolu olungcono engizolikhuluma la nginethemba lokuthi laba  abatolikayo  bayakudlulisa lokhu engikushoyo.  Ngalamazwi amafushane malunga ahloniphekileyo ngiyazibongela.  Ngiyathokoza.
[ikhasi 125 umugqa 12- ikhasi 126 umugqa 5]

MNU J D MKHWANAZI:  Baba Somlomo, egameni  le-PAC  siyakuhalalisela kakhulu sikushayela ihlombe ukuthi ukhethelwe kulesasihlalo esilaphayana.

Njengoba sebeshilo ozakwethu siyakholwa, sinethemba lokuthi leNdlu uzoyiphatha kahle uyiqondise phambili.  Nomakambe sazi kahle ukuthi ngesinye isikhathi uzoba sebunzimeni izinkabi sezephula amajoko lapha phambi kwakho, kufanele uzibambe uziqondise phambili.

Futhike njengeNkosi yesizwe ukujwayele Ndabezitha ukuba kubekhona abantu abahlala phambi kwakho ubaqondise.  Asethembeke Ndabezitha ukuthi njengeNkosi akuyothi umangabe sikuhluphile lana  ePhalamende  bese usubizela lena enkundleni yakho yasekhaya, usuzosihlawulisa inkomazi nenkonyana.  Ngiyabonga.
[ikhasi 127 lnn 113-26]

Ngiyethemba ukuthi ilunga leli elisanda kungena linalo  iphepha  leli lokufunga phambi kwalo.  Uzoligcwalisa laphayana uthi mina bese ugcwalisa amagama akho, bese ulifunda njengoba linjalo ekugcineni uyobe usuphakamisa isandla sakho sokudla uthi Inkosi ingisize bese  ulisayina .
[ikhasi 129 umugqa  36 - ikhasi 130   umugqa 1]

MNU J D MKHWANAZI:  Baba Somlomo, angikholwa ukuthi  i-PAC  izobe isayingena lendaba.  I think  okungcono ukuthi  si-abstainer  kunokuba siqhubeke nalento. Ngoba kuye lalelani phela  Ma-Afrika  amahle.

Angifuni ukukhuluma iqiniso mina angiyizwa kahle le.  Thina  PAC   siyisaphothile   iBhili  kwakuqala, okwamanje sekubuya enye into iza la phambi kwami.  Ngelishwa lami angikawenzi  ama-consultation . Angifuni ukuzingenisa entweni ngingaqondanga kahle.  Only on that basis because I have not consulted with my principals .
[ikhasi 135 umugqa 29-39]

MNU V C XABA:  Ngiyabonga Somlomo, thina  kwi-African   National   Congress  sizowusekela lomthetho sivivinywa ophambi kweNdlu okhuluma ngezilimi okufanele zisetshenziswe ileNdlu esikuyona Somlomo.

Akweneleke ngoba lomthetho sivivinywa awukhulumi ngokusetshenziswa kwezilimi  kuHulumeni   waKwaZulu-Natali . Kodwa ukhuluma ngokusetshenziswa kwalezizilimi ileNdlu  yePhalamende . Enginethemba lokuthi  noHulumeni   waKwaZulu-Natali   I-government  kuzobakhona omunye umthetho oshoyo ukuthi izilimi zizosebenza kanjani  kwi-Province   yaKwaZulu-Natali .

Nginethemba futhi ukuthi nomnyango wezemfundo  KwaZulu-Natali  uzoqhamuka nomthetho ozolawula ukufundiswa kwezilimi  ezikoleni   zaKwaZulu-Natali . Ngoba uzokhumbula phela ngaphambilini ukuthi izilimi bezikade zisetshenziswa kanjani  kuHulumeni  omdala.

Enginethemba lokuthi kulesikhathi samanje kuzoba khona uguquko ekutheni abantwana bafundiswe ngezilimi lezi abafuna ukufundiswa ngazo.  Ngamanye amazwi ulimi abalikhuluma emakhaya.

Ungahambi nje uhlangana nomntwana ozokutshela nje ukuthi akawadli  ama-inside   e-goat .  Kusho kona ukuduka ngasolimini lomntwana ngenxa yokuthi alifundiswa la befundiswa khona.  Ngamanye amazwi  bayafoseleka  ukuthi  ba-assimilator  kulezozizwe lezo.

MNU V C XABA:   So  ke iyona into esiyiphakamisayo ukuthi  abanga- assimilator  kwezinye izilimi ezikhulunywa ezinye izizwe.  Uma sebekhona kulezozindawo lezo kuyadingeka ukuthi ulimi abalikhuluma ekhaya kube ulimi abazokwazi ukuthi balithole  kulesisikole  leso bafundiswe.

Ngoba umthetho uyasho ukuthi nalezozilimi lezo esingezukuzenza  ama-official   languages  kuyadinga ukuthi sizihloniphe futhi sizikhuthaze.  Enye into engifuna ukuyichazisa yokuthi kuyoba khona isikhathi ngiyathemba ukuthi la  KwaZulu-Natali  ulimi lweSizulu ngoba likhulunywa iningi labantu  baKwaZulu-Natali  kuyoba ulimi oliphoqelekile ukuthi lifundiswe  esikoleni  kuzozonke  izikole   kwi-Province   yaKwaZulu-Natali .

Ngenhloso yokukhuthaza ukuxhumana phakathi kwabantu  bakule-Province   yaKwaZulu-Natali . Ngoba ngokuxhumana kusho intuthuko, ngentuthuko kusho ukuphumelela komuntu ngamunye, ngamunye.

Somlomo, ngiyabonga.  Siyayisaphotha  leBhili .
[ikhasi 148 umugqa 19- ikhasi 149 umugqa 29]

MNU J D MKHWANAZI:  Baba Somlomo, ukubana akukhona  ePhalamende  lapha ngabe ngikhuza usuthu, bese ngiyagiya.  Manje uma ngike ngakhuza usuthu ngagiya ngiyoba  out   of   order .  Ngikusho ngani lokhu?  Ngikusho ngoba amaphupho ami, nesifiso sami ekugcineni ulimi lweSizulu lwenziwa lulingane nezinye izilimi ezazibekwa lephezulu.

Ngakhoke ngiyayisaphotha leBhili.  Ngibonge ukuthi sesize safika isikhathi salakithi, noma singakafiki ekugcineni ukuthi ulimi lolu lweSizulu lulinganiswe nezinye izilimi ezikhona okuthiwa ama-official languages.

Nginamahloni ukuthi kufanele umakusukuma u- ADV  Schutte ekhuluma ulimi lwala okuthiwa  i-Afrikaans  okuwulimi okuthiwa olwala  e-Afrika  ngingalikhulumi. Kodwa isizathu engisibekayo ukuthi  i-afrikaans  yasuke yeza  i-attitude   ye-afrikaans  ekuqaleni kwaba ulimi lokugqilaza, ulimi lokwethuka.

Ubethi umuntu uma efuna ukukwethuka akwethuke  ngeSibhunu .  Uma efuna ukukhuluma kahle nawe akhulume  ngeSingisi  noma ngeSizulu.  Ngiyethemba ukuthi njengoba eshilo umlingani wami uXaba zizofundiswa lezizilimi zifundiswe ngokulingana.

Ngihlale ngibathethisa labantu bokuzalwa la KwaZulu noma bamhlophe noma bansundu abangakwazi ukukhuluma Isizulu behlale la bengokuzalwa la, bakhululela la.  Kusho ukuthi ikhona into  eyayi-wrong .  Ingoba ulimi lweSizulu lwalubukelwa phansi.

Futhi ngifuna ukusho ukuthi njengoba likhuluma ilunga elihloniphekile  u-Rajbansi  ekhuluma ngolimi olukhulunywa abomdabu  baseNdiya .  Enye inkinga ekhona abamdabu  baseNdiya  ngenxa yokugqilazeka abalikhulumi lolulimi lwasemakhaya lomdabu esithi  i-mother   tongue .

Bonke sebakekela bakekela  esingisini  okungenani  i-first   language  kube  isingisi , bese beba ingcosana abakhuluma ulimi lwakubo, kanti kuyigugu.  Siyafisa ukuthi uma ngifika emzini wabo bakhulume ngalolulimi nami bangifundise.

Akungalethwa ukuthi abantu bakhononde ukuthi ulimi alwenziwe  lu-recognised  kodwa bona abanikazi balo  bengali-recognised  emakhaya, bengalikhulumi emakhaya.  Mina like lasho elinye ilunga  lasePhalamende  ukuthi mina ngangisolwandle  lwasengilandi   in the sea of the language was English  and  I was not even a drop, but I made my children speak  Zulu.   When they got to my home I drew a red line .   When I got home - that was not being racist  -  I said, that side is England ,  this side is Zululand  kukhulunywa Isizulu.  Angisho ukuthi abenze njalo labo laba base  but   I plead with our people who are of Asian origin, please encourage the children to speak the language at home, then it will be easy to transfer it to the other people.  And so is everybody .  Ngiyabonga.
[ikhasi 151 umugqa 18- ikhasi 152 umugqa 29]

 What about what they owed And  sebevaliwe ukuthi bangaphinde bazithole izikweletu zabo, noma bangaphinde batshelekwe  imali , ngiyezwa ukuthi bazotshelekwa  imali  entsha.

Okwesibili, engifuna ukukubuza MNU Isikhulumi....
[ikhasi 187 umugqa 13-20]


 Vol 898q&a:

MNU D H MAKHAYE:  Umbuzo olandelayo empendulweni kaNdunankulu bengibuza ukuthi njengoba kulonyaka siqeda iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha uVezi uNonyanda Umgabadeli owagabadela inkunzi kaBulawayo.  Enza okwakufanele akwenzile. 

Kulonyakake silugubha kanjani lolusuku olubaluleke kangaka,  Mbovu.
[ikhasi 21 umugqa 35- ikhasi 22 umugqa 4]


INKOSI K W MATHABA:  Baba Isikhulumi, bengicela ukwenza umbuzo obhekiswe kuwena.  Ukuthi uma kuphendulwa imibuzo yememba engekho layindlini ukuthi ngabe kuliqiniso yini?

Okwesibili ukuthi leyomemba futhi iyodwa kodwa ibe nemibuzo edlula kwemibili, kodwa manje  ngokwama-rules  ethu akwamukeleki lokho.  Bengithi ngifisa ukuzwa kuwena Baba ukuthi kuyemukeleka yini lokho?
[ikhasi 46 umugqa 10-17]

 THE DEPUTY :  Ndabezitha, ngizoqala nje ngalokhu kokuthi ukuphendulwa kwemibuzo  imemba  ingekho layindlini, ngiphendule kona.

Bengisathi ngiyachaza Ndabezitha ngaphazanyiswa osebenzayo.  Kulokhu kokuthi  imemba  ikhona yini endlini noma ayikho makuphendulwa umbuzo, awukho umthetho osebenza kanjalo.   So , ngenye indlela kusho ukuthi noma ikhona imemba noma ingekho uNgqongqoshe uma ephendula usephendulile akekho futhi umuntu oyobuye asibuze ukuthi kwakonakelephi ngoba wayengekho yena.

Kulokhu kwemibuzo eminingi ngememba eyodwa u-Isikhulumi wayeseke wakuchaza ngaphambi kokuthi aphume esihlalweni, ukuthi nizokubona ukuthi kukhona izimemba ezinemibuzo eminingi ephendulwayo, eminye yalemibuzo imibuzo esalele ngesikhathi kade kubuzwa imibuzo phambilini.

Ngakhoke ayikho  i-limit  kuleyombuzo.  Kusho ukuthi idinga ukuphendulwa yonke eminye yayi  for written reply  isiphelelwe isikhathi sekufanelwe siyifake la.  So , ngithi angikuchaze nje kanjalo lokho ukuthi  lememba  ihloliwe imibuzo yayo kwathokala ukuthi imibuzo yayo eminingi ilemibuzo le engaphendulekanga  the last time .
[ikhasi 46 umugqa 19- ikhasi 47 umugqa 3]




